Incazelo ngoMkhosi wokweshwama /UMkhosi woselwa

UKUNYATHELA USELWA / UMKHOSI WOKWESHWAMA/INXWALA/INCWALA
Lona nguMkhosi owethakaselwa kakhulu isizwe samaZulu. Uqhutshwa ngasekuqaleni konyaka ngenyanga kaMasingana (Janawali). Ngalesi sikhathi uselwa lusuke seluvuthiwe seluwulungele lomsebenzi. Ubuye waziwe ngokuthi nguMkhosi Wokweshwama ngoba ‎kusuke kweshwanywa ukudla okusha ezweni. Isizwe asivunyelwe ukuthi sidle kuqala ukudla okusha oNgangezwe lakhe engakakudli maqedane akhulule isizwe sakhe ukuba sidle. Owayeqa lomthetho adle ukudla ngaphambi kwalo Mkhosi wayejeziswa ngoba ngisho neNgonyama yayingakudli ukudla okusha ngaphambi kokuba inyatheliswe uselwa. Lo Mkhosi eSwazini waziwa ngokuthi i’Ncwala’. KwaMthwakazi loMkhosi waziwa ngokuthi ‘yiNxwala /uMkhosi weNxwala’.
Amabutho eNgonyama akha amadlangala ahaqe umuzi weNgonyama ngaphambi kokuba kube yilolu suku olukhulukazi. Alala kuwo lamadlangala, avuke ebusuku kusempondozankomo ahube amahubo empi akhuze nezaga kube kuhle kube yinqaba. Uma kulungiselelwa loMkhosi iNgonyama ayilali elawini layo kodwa ilala endlini yobukhosi. Umuntu onelungelo lokungena kuba ngunina nezalukazi ezindala kanye nensila yayo. INgonyama iyabazila oNdlunkulu ngalesi sikhathi nabo futhi ababi uvanzi bagcaluze ebaleni lenxuluma njengokwejwayelekile. Uma iNgonyama ilindele loMkhosi ihlezi kulendlu isuke imatasa igquma,iphalaza, ibuye ikhwife ngemithi eyihlanganiselwa yizinyanga zayo. Imithi ethakiwe isuke iyingxenye yezilwane eziyingozi ezibulala kalula. Lokhu kusuke kuwenzelwa ukuthi iNgonyama ibe mandla kakhulu. Ngosuku olwelama olukhulu loMkhosi kusuke kuphithizela koMkhulu ngoba lona kusuke kunguMkhosi wesizwe sonke. Kusuke kuphume nesidolo siyozizwela oNgangezwe lakhe ekhulula isizwe sakhe ukuba sidle.
Uselwa lutholakala ngasemfuleni luthi alufani noselwa olitshalwayo. Ludinga umuntu olwazi kahle ukuze alubone uma seluvuthiwe. Uselwa luthandwa kakhulu izimamba. Selokhu kwathi nhlo uselwa luphekwa aMakhosi neZingonyama. INgonyama izazela ithatha ubukhosi ukuthi owayo umsebenzi ezowenza ngqo ukupheka uselwa,ukuze kube yilona oluyoyisondeza kuzo zonke izinyandezulu zesizwe njengoba luthandwa izimamba. Umuntukazana ongase alokothe apheke uselwa ngabe ubangisa iNgonyama ufisa ukuthi izinyandezulu zikhulume naye izifuba zesizwe. Uma bangake abantu bezwe ukuthi kukhona omunye opheka uselwa ngaphandle kweNgonyama, abantu bangamthunga ngejozi afe umshubo omnyama lungakavuthwa nakuvuthwa. Yikho-ke kunokukhuluma okuthi ‘uselwa oluphekwa umuntukazana aluvuthwa’. Okufike kugqame kakhulu ukuthi alungeniswa noma kuyiphi indlu kodwa lungeniswa endlini yeNgonyama. Uselwa lubekwa emnyango bese iNgonyama iphuma endlini ilunyathele ukuze iziqinise ngalo. Endulo kwakuphuma impi iyohlasela uma kuzoba nalo Mkhosi.
Ngosuku olukhulu amabutho abulala inkunzi emnyama ngezandla nayo belu isuke isilashwe yinyanga yakoMkhulu. Inyama yenkunzi ebulewe iye ibengwe ihlanganiswe nemibengo yengwe esuke izingelwe yabulawa amabutho ngesikhathi amanye ephumile eyofuna uselwa. Ngalesi sikhathi uselwa lusuke luphekiwa luvuthwa. Lenyama yenkunzi ibhilwa ngezinsizi neminye imithi. Amabutho avuka ekuseni ayogeza abuye esevunule econsa. INgonyama ivunula iconse ngaleli langa. Uzwa ngembongi isho ngengila ukuthi useyaphuma oNgangezwe lakhe. Uma iphumela obala uzwa ngoba isikhulekelwa. INgonyama iholwa yinyanga ihambe njalo ize ilunyathele iNgonyama uselwa bese inyanga iluqoba ilunikeza iNgonyama ukuba ilupheke. Ukosiwa kwemibengo kuqala ngalesi sikhathi. Le mibengo isuke isibhilwe ngezinsizi ezibabayo. Uma isidliwa iyamfimfithwa nje ayigwinywa kodwa kungwinywa umhluzi. Uma usuyimfifithile wedlulisa umbengo kolandelayo. Lokhu kuletha ukuzwana amabuthweni ngoba yilelo nalelo lidla amathe elinye. Ukwedluliswa kombengo kwelinye kusho ukuzwana ngoba inyama isuke ibaba izinsizi. Okumqoka kakhulu ukuthi le mibengo kusuke kungeyona eyokwesuthisa amabutho kodwa kusuke kungeyokudla imithi.
UNdunankuku weNgonyama uba seduze neNgonyama ukuze adlulisele kubantu konke okusuke kushiwo yiNgonyama. Uma iNgonyana isiludlile uselwa itshela uNdunankulu ukuthi akazise isizwe ukuthi ithi iNgonyama isiludlile uselwa isizwe sesingakhulululeka.
Kuthiwa laphaya kwaDukuza emzini weLembe eleqa amanye amalembe uJeqe omubi njengempisi wayeshabasheka uma kuzonyathelisa iSilo uShaka. Kuthiwa wayevuka ekuseni ngovivi abase umlilo abeke amanzi lapho iNgonyana izopheka khona uselwa. UJeqe wayeyiNsila yeLembe, engowakwaButhelezi isibongo. Waqala eyinsila nje kuphela kodwa wagcina eseyinyanga, ephekwe izinyanga zaseButhonga. Umfoka Shenge wagcina ebalekile kwaZulu ngoba esaba ukwendlalela okaNdaba ngenkathi ezotshalwa. Phela emandulo kwakuthi uma kukhothame inkosi kwakuba yimpoqo ukuba kubulawe nensila yayo ukuze yendlalele inkosi. Wabaleka -ke uJeqe ebalekela ukuphelezela okaNdaba. UJeqe ungukhokho wabakwaMpontshane.
Ake ngime lapho okwanamuhla nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila!
#INtungwa lasenhla kwaSokhumalo

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo