Unondlini

 

INCAZELO NGESIGQIKI SOMKHOVU

Ngiyayibingelela iNdlu ensundu  enhla nasezansi. Nanso-ke iSigqiki soMkhovu nina beSilo. Lesi isihlahla esitshalwa esangweni lekhaya ,ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya. Sitshalwa yizo zonke izinhlanga, ngisho nabeLungu imbala. Sitshalelwa izizathu ezahlukahlukene. Abantu abansundu basitshalela uk... qhubeka ufunde »

UQeduhlobo/ISizukulwane/UMuzi owawulapha wayangaphi

Nina beNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi. UMudli weNguyazana eyedwa kwaNolele. UMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose! Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi , ngethemba basaphila abeSilo. Lesi sithelo enisibona esesithombeni isithelo somuthi okuthiwa u... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMsululu    (  Euphorbia tirucalli )

Nina abakaQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo! Imbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! #ISilo uDingane leso , iSilo saki... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMvuthuza   (Bryophyllum pinnatum,Leaf of life, Never die )

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! UDunjwa yedwa limkhandanisile!!IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma!! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! #ISilo uShaka leso , iSilo sakithi kwaBulawayo. Enhla nasezansi ngayababingelela ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeKhowa lesihlahla

Nina abakaSomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilimo! UMagalela agase njengeNkosi yaMantshali ngoba egasele uZibhebhu kwaNdunu! UMkhumbi gudluka sibone amaGumgedlela! #ISilo uDinuzulu leso , iSilo sakithi oSuthu. Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeS... qhubeka ufunde »

Incazelo ngenyoni iLanda  ( Cattle egret)

Nina abakaVezi kofa abantu kosala izibongo yizona ezosala zibadabula yizona ezosala zibalilela amanxiweni! Isela lintongande lawoBaleka lithabathe uMshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!! #ISilo uDingane leso, iSilo sakithi eM... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoBuvimbo (Withania somnifera)

Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! UVezi kofa abantu kosala izibongo yizona ezosala zibadabula yizona ezosala zibalilela amanxiweni! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! ……………ISilo uDingane leso, iSilo sakithi eMgungundlovu . Nina beSil... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMgadankawu   (uSolo , Albizia adianthifolia)

Nina abeMbube eshoba liyisilikithi iGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo! ISinakanaka sezincwadi ebezibhalwa uMalimade kwabamhlophe abeLungu!…………̷... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoVendle

Nina abeSilo esiMaduna sakokaTshana esikhangele abantu baduka noLwandle! Nanamuhla lokhu basadukile! UThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi! #ISilo uCetshwayo ka Mpande leso , iMbube eshoba liyisilikithi! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMkhondweni  ( Cryptocarya myrtifolia)

Nina abakaMenzi kabongwa ngaBalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini! UMlunguzi weziNgoje , iziNgoje zilunguzelane! USingqila nganhloko kuzond’intamo nyaka wumbe kuyozonda isibili! !#Inkosi uSenzangakhona leyo! Enhla nasezansi ngiyakhuleka kwabeSilo , ngethemba nisaphila nina bakaNdaba omuhle k... qhubeka ufunde »

 

 

error: Akuvumelekile lokho !!