Nina abakaSihlangu simagqabha sinamanxeba ! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade ngethemba basaphila bonke abeSILO . Cha , thina sisaphila sisaphila eMantungweni . Nina beSilo le Nduku eniyibona esithombeni ... qhubeka ufunde »
Incazelo ngeShongwe (Pachycarpus scaber) Nina abakaMakhalima khande njengeZulu lona limakhalima limandindizela.UKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni ngeyawoNdlela ka Sompisi ngeyawoDambuza ka Ntombela.Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade,ngethema nisaphila nina... qhubeka ufunde »
Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengeMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo! USingqumba khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya! Enhla nasezansi ngiyayibingela yonke iN... qhubeka ufunde »
Nina abakaZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu, uFulathela uBombo lwabhidlika, uNtaba zimbili zakhalene zentula ngisho ukuxhawulana, iNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kungu mhla wesine kuNhlangulana (Juni) onyakeni ka 2023 . Ngethemba nisaphila... qhubeka ufunde »
Nina abakaNgalo zimqingo ziyakwazi ukuphatha iSibhamu zinjengezabeSuthu bakoFebane! UMudli weNgunyazana eyedwa kwaNolele ! INgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi! Nina beSilo nawo-ke uMpheme . NgesiLungu uMpheme ubizwa ngokuthi iCape Fox, noma iBat Eared Fox. UMpheme uwela em... qhubeka ufunde »