Izaga eziqondene nokuphathana kwabantu 1.Unyawo alunampumulo -Incazelo yaso ithi ubophatha kahle abantu , ngoba awazi lapho unyawo lwakho luyokuholela khona kusasa. Kubuye kuthiwa unyawo alunamehlo, noma unyawo luyimpumputhe. 2.Izandla ziyagezana /Isandla sigeza ezinye -Kuchaza ukuthi umuntu usiza abamsizayo 3.Umuzi ngumuzi ngokuphanjukelwa -Incazelo ithi Phatha kahle abantu emzini wakho ukuze bangawexwayi 4.Imikhombe iyenanana -Siza okusizile, ngoba umuntu usiza omsizile. Imikhombe yisipho senyama. Kanti noBhejane omhlophe phecelezi ‘white rhino’ ubizwa ngegama elifanayo. 5.Imikho... qhubeka ufunde »