
Abantu.
Izaga eziqondene nokuphathana kwabantu
1.Unyawo alunampumulo
-Incazelo yaso ithi ubophatha kahle abantu , ngoba awazi lapho unyawo lwakho luyokuholela khona kusasa. Kubuye kuthiwa unyawo alunamehlo, noma unyawo luyimpumputhe.
2.Izandla ziyagezana /Isandla sigeza ezinye
-Kuchaza ukuthi umuntu usiza abamsizayo
3.Umuzi ngumuzi ngokuphanjukelwa
-Incazelo ithi Phatha kahle abantu emzini wakho ukuze bangawexwayi
4.Imikhombe iyenanana
-Siza okusizile, ngoba umuntu usiza omsizile. Imikhombe yisipho senyama. Kanti noBhejane omhlophe phecelezi ‘white rhino’ ubizwa ngegama elifanayo.
5.Imikhombe kayiphambane
-Uma ulindele ukusizwa,nawe siza abanye.
6.Kuhlonishwana kabili
-Naso lesi sichaza ukuthi umuntu okusizile nawe maize, umuntu usiza omsizayo. Kubuye kuthiwe ‘Kulahlanwa kabili”
7.Ithi ingaqhoba ithambo yejwayele
-Sichaza ukuthi umuntu akadeli lapho eke asizakala khona. Kususelwa enjeni ngoba nayo kayideli lapho ike yathola khona ithambo noma ukudla. Kubuye kuthiwe “ithi ingadla ithambo yejwayele”
8.Ukupha ukuziphakela
-Ukupha umuntu ukuzisa wena ngoba naye ukuyopha mhla usuhlonga . Kubuye kuthiwe ‘ukupha ukuzibekela”
9.Inkomo kayimithi ingaphindwanga
-Ake ungiphe futhi
10.Ikhotha eyikhothayo
-Kususelwa ezinkomeni. Umuntu usiza lowo omsizayo.
11.Isisu somhambi kasingakanani,singangenso yenyoni/Isisu somhambi kasiqedi lutho/Inkomo ehambayo kayiqedi tshani
-Zonke lezi zaga zisho into eyodwa , Isihambi saneliswa yilokho esikuphiwayo ngisho noma kungakuncane kangakanani
12.Umlomo kaweyi /Isisu kaseyi
-Lokho isihambi esikuphiwayo sikwamukela ngombongo
13.Ukuphana ukuzidumisa
-Umuntu owephanayo uba nogazi,aziwe
14.Indoda kayihlatshwa ngomkhonto munye
-Ake ungiphe futhi, noma ungenzele lokhu oke wangenzela khona.
15.Isisuso simnandi ngokuphinda
-Isisuso wuhlobo oluthize lokusina. Umuntu usuke ecela ukuba aphindwe into
16.Ukwanda kwaliwa ngumthakathi
-Umuntu usuke ebonga
17.Ungadinwa nangomuso
-Kusewukubonga
18.Ukuzala ukuzelula amathambo
-Umuntu usuke ebonga okuhle akwenzelwa izingane zakhe, noma izingane zikaMfowabo, noma ezikaDadewabo ngoba phela kuseyizingane zakhe.
19.Injadu yomhambi iyakhandlwa
-Injadu yishungu. Umuntu osohambwe funeka akulindele ukuhamba ecelwa ugwayi ngendlela
20.Ukhwela phezu kwendlu njengenja
-Akananhlonipho,uyedelela
21.Ubopha inja nezinkuni/Ubopha umthakathi nezinkuni
-Uyancishana
22.Kukwanja yotha umlilo
-Kusemzini ongenabuntu lapho isihambi singanakwa khona.(Nenja iyotha khona ,kunomuntu) . Abantu abanomusa lapho nenja ivunyelwe yothe
23.Lihleka lingaphethe, lithi lingaphatha lisiname
-Umuntu oncishanayo
24.Inyathi iyaweya umuthi
-Umfokazana weya abantu abangaphezu kwakhe
25.Usenga inkomo nenkonyane
-Unesimilo esibi ngakubantu besifazane
26.Isigubhu esingenabuthumbu
-Ukuba nesimilo esibi
27.Usende limba umgodi kwabo
-Unesimilo esibi
28.Wuhlobo olungebekelwe nja
-Abantu ababi okungafanele bande
29.Ikhiwane elihle ligcwala izibungu/Ikhiwane elihle ligcwala izimpethu/ Ikhiwane elibomvu libola indeni/Kuhle ngaphandle , indeni ibolile
-Ubukeka emuhle ngaphandle kanti unesimilo esibi. Ikhiwane liba lihle ngaphandle kanti ngaphakathi libolile. Ikhiwane isithelo sesihlahla soMkhiwane
Khumu.