Umlando ngoMavumengwana ka Ndlela Ntuli Nina abeGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde,kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela.ISilo sakithi oNdini leso,iSilo uCetshwayo.Ngethemba nisaphila nina beSilo.Ake sisike kwelijikayo ngomlando kaMavungwana ka Ndlela wakwaNt... qhubeka ufunde »
Umlando ngoSigcwelegcwele Ngema Nina abakaThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo. Le Ngqwele eniyibona esithombeni iqhawe lakwaNgema uSigcwelegcwele ka Mhlekehleke ka Madlokovu.Kwabe kuyiSiqhwaga lesi,esasingesabi lutho.Le ... qhubeka ufunde »
Umlando ngoMfangilele wakwaMashazi UMfangilele kaMbhungwana kaNyakazamakhanda wakwaMashazi wayeyiNduna yomuzi weNkosi uMzilikazi owawubizwa ngokuthi kuseNdinaneni.Kusuke kushiwo wona umuzi waseNdinaneni ezithakazelweni zabakwaKhumalo uma kuthiwa”Nina waseNdinaneni”. Abantu bakwaMashazi b... qhubeka ufunde »
Umlando ngeNdlovukazi yaseMkhindini uNandi Mhlongo Nina abakaMgengi phez’izitha kuseHlobo utshani bude buzokugabanisa.UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela.ISilo uShaka leso.ISilo sakihi KwaDukuza.Nina beSilo ake sibheke umlando weNdlovukazi uNandi,uNina weSilo uShaka.INd... qhubeka ufunde »
Umlando ngoManyosi ka Dlekezela Mbatha Isisho esithi ‘Sobohla Manyosi ‘ sakheka ngoManyosi uMfoka Dlekezela waseMaMbatheni.Le nsizwa yakwaMbatha yabe iyiQhawe elikhulu leZiNgonyama uShaka,uDingane kanye noMpande.Kuthiwa yayondlekile,iqatha, isukile naseGadeni,iyinde ilaphaya.Kuthiwa le n... qhubeka ufunde »
UMhlonga kaNkotshana Thebe wayebuye aziwe ngelikaMkhithika Thebe. Le nsizwa yayiqhawe elikhulu lenkosi u-Mzilikazi kaMashobana. UMkhithika Thebe wabamba elikhulu iqhaza ekwakhiweni kwesizwe sikaMthwakazi okuyisizwe esakhiwa yiNkosi uMzilikazi kaMashobana Khumalo. Nansiya isizwe eNingizimu yezwe la... qhubeka ufunde »
Abantu bakwaMathema abatholakala ezweni laseZimbabwe basengabantu bakwaMkhwanazi . Iqhawe esilibona ligqama kakhulu kulengxenyana yesizwe saBaKhwanazi uSomhlolo ka Mahlikivana kaNomi . Kuthiwa laba bantu bakwaMathema isibongo sakwaMathema basithola ngesigameko thizeni ngenkathi besekanye nabanye aBa... qhubeka ufunde »
Umlando ngoMahlangeni Khumalo iMbongi yeSilo uCetshwayo Ngokusho kukaSolwazi Maphalala uYise ka Mahlangeni kwakunguMagawozi ka Zikode.UMagazo wayebuye abe nguyise weNkosi uBheje , kanti uZikode yena wayebuye abe nguyise wenkosi uMashobana.UMahlangeni wayeyiMbongi yeSilo sasoNdini iSilo uCetshwayo ka... qhubeka ufunde »
Nina beSilo ake sibheke umlando ngoNongila Mabaso.Ababhali bangaphambilini abakuvezi ukuthi uNongila wayezalwa ubani uNongila. Abamvezi uBaba wakhe.UNongila eSandlwana wasebenza kakhulu njengenhloli enkulu kaZulu. Nguyena owayebheka yonke iminyakazo yamaNgisi bese eyobikela iSilo uJininindi (iSilo u... qhubeka ufunde »
Nina abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa eZukwini ! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!#ISilo uMpande leso.. Nina beSilo ake sibheke umlando ngoNdlunkulu uMonase Nxumalo , uNdlunkulu weSilo uMpande .. Wayebongwa ngokuthi USidididi! Umbiliniwezinkabi, Udladlalikhangom... qhubeka ufunde »