
USiya Ntuli ,uMculi
Umlando ngoMavumengwana ka Ndlela Ntuli
Nina abeGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde,kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela.ISilo sakithi oNdini leso,iSilo uCetshwayo.Ngethemba nisaphila nina beSilo.Ake sisike kwelijikayo ngomlando kaMavungwana ka Ndlela wakwaNtuli,Le nsizwa yaseMabheleni yayizalwa yiqhawe leZilo oDingane noShaka,uNdlela ka Sompisi,uNdlela wayenguNdunankulu weSilo uDingane.Wayebuthelwe ebuthweni leNtontela ebuthwe yinkosi uSenzangakhona.UNdlela wahola uZulu eNcome ngenkathi ulwa namabhunu ngo1838.Wayelekelelana nesekela lakhe uNzobo ka Sobadli wakwaNtombela.Indlalifa kaNdlela kwakunguGodide owahola impi yaseNyezane.Kwathi ngenkathi iSilo uShaka sesibulale uMondisa ka Jobe wakwaMthethwa owayeseqhwage ubukhosi babaThethwa(ngemuva kokukhothama kweSilo uDingiswayo)iSilo uShaka sathatha izingodosi zikaMondisa ezimbili sazinika uNdlela ka Sompisi kwazise phela uNdlela wayiqhawe leZilo oShaka noDingane.Lezo ngodosi kwakungoNompiya noSogidi.UNompiya wazala uMphumela eQadini likaNdlela,uSogidi yena wazala uMavumangwana eKhohlo.UMavumengwana wabuthelwa ebuthweni uThulwana elalibuye laziwe ngaMamboza,wabuthwa yiSilo uMpande.UMavumengwana waba ngomunye wabaholi bempi yaseSandlwana ngoMasingana 1879 lapho uZulu azidlela khona amahlanga emaNgisini.Umholi omkhulu wale mpi kwakunguNtshingwayo ka Mahole.Abanye abaholi kwaba ngoVumindaba ka Ntethi Biyela kanye noMntwana uDabulamanzi.Kunesikole eNtumeni eShowe esaqanjwa ngaye Mavumengwana.Esithombeni umfowethu uSiya Ntuli,onguMculi.
Khumu!