
ULucky Nkosi,uMsakazi.
Isibongo sakwaNkosi sihlukene kabili
Nina abeMbube eshoba liyisilikithi esithombeni umfowethu u Lucky Nkosi onguMsakazi woKhozi FM.Isibongo sakwaNkosi sihlukene kabili,kukhona abakwaNkosi okusengabantu bakwaDlamini abanoBukhosi obukhulu eSwazini bese kuba khona abakwaNkosi abathakazela ngoMphazima okungabakwaNkosi abangabakwaKhumalo.Ukhokho wabo nguSiwela indodana kaGasa wakwaKhumalo.USiwela oweyengumfobo woMagugu noDonda,bezalwa inkosi uGasa yabakwaKhumalo.NguMagugu owabe eyinkosana.Ziningi izibongo ezihlukene kabili.Nesibongo sakwaMhlaba naso sihlukene kabili,kukhona kukhona uMhlaba ophuma kwaZwane kanye noMhlaba ophuma kwaCele.EsakwaNdaba sona angazi ukuthi sihlukene kangaki.Uthi uthakazela umuntu wakwaNdaba ngoMthiyane akutshele ukuthi angisiyena uMthiyane mina nginguMwelase.Uma uya komunye uyomthakazela ngoMwelase naye akutshele ukuthi cha mina nginguLigode,noma athi cha mina nginguMhlungu.KwaNdaba nina beSilo angifuni ukusenga ezimithiyo,angazi noma kwehluka izithakazelo yini kodwa uyedwa uNdaba njengoba kunjalo nakwaDlamini.Angazi.Kodwa bona uma ubabuza bathi abahlobene.Sibuyele-ke kwesakwaNkosi Mntungwa.USiwela wayakhe umuzi wakhe eMaphondwane.Wazala inkosana yakhe uMlotsha\Mlotshwa owakha umuzi wasoLuthulini khona ngaseMaphondwane,waphila ngesikhathi seSilo uShaka.UMlotsha wake waxabana neSilo uShaka kubangwa ukuthi wayexhaphaze amabutho eLembe ngenkathi edlule emzini wakhe ephikelele ukuyohlasela kwenye indawo.Ngokwencwadi uOlden Times in Zululand kuthiwa wawaxhaphaza ngezinduku zakhe zeSintu kwazise uMlotsha lo wayewazi aMakhathakhatha.Kodwa iLembe laze lakhothama lingamhlaselanga uMlotsha,waze wabulawa iSilo uMpande, abadala bathi”umlando omdala ubanjwa inkume”.USiwela wabuye wazala noKuhlase owagcina eseye eSwazini.Ubukhosi bakwaKhumalo obuseSwazini bungobozalo lukaKuhlase owayebuye aziwe ngoVongoye.Kubusa inkosi uMakhosikhosi ka Madevu ka Mshomela ka Mgcoyiza ka Mkhwatsa ka Kuhlase ka Siwela ka Gasa.
Khumu!Â
Thola omunye umlando kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV