Umlando ofinqiwe ngezwe laseUganda

AmaNkole.

Izwe laseUganda

Nina abeNgodlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba,yiwona oyongilamulela!UKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi emaphethelweni.Ngethemba nisaphila nina beSilo.Ake sixoxe ngezwe laseUganda elitholakala eMpumalanga yeZwekazi laseAfrika.Izwe laseUganda linabantu abayi-50million.Leli zwe likakwe ngamazwe amahlanu okuyiKenya ngaseMpumalanga yalo,kube yiSouth Sudan ngaseNyakatho yalo,kube yiDRC ngaseNtshonalanga yalo ,kube yiRwanda ngaseNingizimu Ntshonalanga(Southwest),bese kuba yiTanzania ngaseNingizimu.Ulimi olukhunywa kakhulu kulawa mazwe yiSiSwahili.Kodwa eUganda yebo isiSwahili siyakhulunywa kodwa kukhulunywa kakhulu noma ngithi kuDominetha isiLuganda okuwulimi olukhulunywa ngabantu besizwe esaziwa ngokuthi ngaBaganda,umbuso wabo waziwa ngokuthi yi-Buganda Kingdom.Laba bantu babebuswa yinkosi uKamaanya Kadduwamala ngesikathi sokubusa kweNgonyama uShaka.Ngalezo zithathi amazwe aseMpumalanga yeZwekazi iAfrika ayemiswe kabi yindoda yomArabhu okuthiwa u-Said ibn Sultan.Wonke amakhosi aseMpumalanga yeZwekazi iAfrika ayebusa ngaphansi kukaSultan,eyiNgonyama yawo.Singasho nje ukuthi amaArabhu ayeseyidlile leya ngxenye yeZwekazi iAfrika,kanti nawo azogudluzwa ngamaNgisi ngaphansi kwenkosi uMjoji wesine.Amakhosi akuleli le Ngabade afana nawawoDingiswayo,Shaka,Macingwane ayesezwile ngokuhlunyezwa kwamakhosi aseEast Afrika ehlukunyewa uSultan ingakho aqala umkhankaso wokuhlanganisa izizwe okuwumkhankaso owagcina uphunyelelwe yiSilo uShaka.ABaganda manje bubuswa inkosi uMwenda Mutebi yesibili elokhu yaqala ukubusa ngo1993.Izwe laseUganda linoMculi walo okuthiwa uGabie Ntaate owakhipha isingili eyashisa izikhotha ngo2023 ,esihloko sithi Cheza na Yesu okuhumusheka ngokuthi “Dansela uJesu”,noma Dance for Jesus.Inhloko dolobha yaseUganda ibizwa ngokuthi yiKampala,yagqanjwa ngegquma lendawo iKampala Hill okuthiwa inkosi uKamaanya yayigibela kulo ukuze ibone kahle izitha uma zizoqhamuka.Ubukhosi baBaganda buhlonipha iNdlovu,ngisho noma uzongena enhloko dolobha iKampala ubingelelwa yiSichuse seNdlovu.Bona-ke bayibiza ngeNjovu.Izwe laseUganda lidume ngezimvula eziningi nangokuvunda komhlaba walo.Lidume nangezinkomo zalo ezaziwa ngokuthi ngama-Ankole watusi ezinezimpondo ezinde.Inani lalezo nkomo lithe ukuba phezulu ngoba kuthiwa iguqa nje elingatheni licela ku3.5million Uganda Shillings okuyimali eyiNkulungwane yamaDola aseMelika($1000),okuyiR18 000 ngemali yakuleli.IUganda ibuye yaziwe ngeChibikazi iLake Victoria elabelana neKenya kanye neTanzania.Lelo Chibi laqanjwa ngeNdlovukazi yamaNgisi uKhiwni Victoria.(uVitholi).Ngaphandle kwesiLunganda nesiSwahili eUganda kubuye kukhulunywe kakhulu isiNgisi kwazise leliya zwe lalicindezelwe ngabacindezili iBritish Colony ka Cecil John Rhodes.

Khumu!

Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo