
UNdiyaza.
Incazelo ngoMadod’aziwula ( uMhlakaza,uNdiyaza,Bersama lucens)
Nina abakaNowelamuva wawoShaka,uMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni.USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu.ISilo uMpande leso.Enhla nasezansi ngiyazibingelela iziNgabade.Nina beSilo le nduku eniyibonayo kuthiwa uNdiyaza igama layo,noma uMhlakaza,ibuye ibizwe ngeSindiyandiya,idume kakhulu ngelikaMadod’aziwula ngoba iyintelezi engena kwezokulwa, iphendula amadoda iziwula, nomthakathi naye imphendula isiwula andiyazele ubusuku bonke ekhaya labantu ,alahlekelwe yintuba angene ngayo.Ibuye ibizwe ngoMhlakaza ngoba ihlakaza izitha,ikakhulukazi uma iqhathwe nomngane wayo uChithibhunga (iSinwazi) kanye nezinye iziNduku zezitha.
Wenzani uMadod’aziwula?
Nina beSilo igxolo lale nduku lingene ezintelezini eziningi.Lingena kakhulu kwezaMabhande,kwezokulwa,lenza iMbangi ithithibale ibe yisiwula, kuyileso sizathu le Nduku ibizwa ngokuthi inguMadod’aziwula.Igxolo likaMadod’aziwula liyangena entelezini ecupha ikhaya,lenza umthakathi angayiboni intuba angene ngayo , andiyazele kuze kuse ekhaya elisuke licushiwe.Igxolo lale nduku liyangena kwezokukhipha isilwane.Igxolo lale Nduku liyangena nakwezovika amaPhoyisa.Liye iqhathwe neNtuba,iNyongwana kanye neminye imithi.Liyangena nakwezezitha.Igxolo lale nduku uma ligiya nempande yoMkhwangu kuye kugxotshwe kwenziwe impuphu enguMbhemiso wekhanda elinkenkethayo,eligolozayo ukuphola.Lo Mbhemiso muhle kakhulu nakwiMihayizo.Igxolo lale gduku liye libiliswe kwenziwe imbiza yokugeqa iqolo.Leli gxolo libuye lithakwe noGobho,uNsukumbili,iSinwazi kwenziwe iMbiza yeFido(uma umuntu wesifazane esezinsukwini) elingafuni ukunqamuka.Le Mbiza ihlakaza izinhlungu zeFindo.Abathakathi babuye bakhande ngayo izichitho le nduku,izichitho zokuchitha umsebenzi.zokuhlukanisa abantu kanye nezinye izichitho kwazise le nduku iyahlakaza kahle-hle.Le nduku ibuye ingene kwezokwelapha zona izichitho,iyangena nakwezokukhipha amabhadi.Kuningi ekwenzayo le nduku.Le mbiza yinhle nakumuntu wesifazane osanda kuthola ingane encane.Nina beSilo le Nduku ibizwa nge Bersama lucens ngolimi loSosayensi.NgesiNgisi ibizwa ngeGlossy white ash.AmaBhunu ayibiza nge Blinkblaarwitessenhout.
Khumu!
Niphile nina abakaMakhalima akhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.