Incazelo ngoVendle akavilaphi

UVendle akavilaphi

Incazelo ngoVendle akavilaphi

Nina abeSilo esiMaduna sakokaTshana esikhangele abantu baduka noLwandle.Nanamuhla lokhu basadukile.UThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi.ISilo uCetshwayo ka Mpande leso,iMbube eshoba liyisilikithi.Enhla nasezansi ngiyaziibingelela zonke iziNgabade,ngethemba basaphila abeSilo.Cha, thina sisaphila eMantungweni.Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uVendle igama layo,idume kakhulu ngelikaVendle akavilaphi ngoba yinhle kakhulu eZikhafulweni zamaSoka.Ayithwele ngeQoma amaSoka le Nduku athi ayivilaphi futhi ayibuyi ilambatha.INduku yamaSoka lena nina beSilo,nokho ibuye ibe yintelezi ebuye ingene nakwezinye izindawo. 

Wenzani uVendle akavilaphi?

Nina beSilo lena yiNduku yamaSoka njengoba besingishilo,kodwa izimpande zayo,zona kanye ezisetshenziswa ngamaSoka, zibuye zelaphe iSisu sohudo.Ziye zibiliswe,kwenziwe iSiphungo esiyophungwa umuntu oxakwe uHudo.Zona futhi izimpande amaSoka abuye azithake eNdukwini yawo yoBusoka,iNduku ebandakanya imithi efana noFoshela,uMusa,uBhubhubhu kanye neminye.Lena yiNduku amaSoka aphalaza ngayo.AmaSoka abuye awuthake uVendle eZikhafulweni zawo zokukhafula intombi.Awuhasha ngokuthi”UVendle akavilaphi’.Le nduku uVendle nina beSilo iyangena eSigqabeni sokuthandwa izintombi.Kanti uVendle nina beSilo uyathakwa eNdukwini yokulanda isithandwa.AmaSoka nina beSilo abuye agange ngoVendle, abuye akhe ngawo iSikhahlamezi.Ayawuthaka emithini akha  ngawo iSikhahlamezi ISikhahlamezi nina beSilo yiNduku ekhohlakele esetshenziswa ngamaSoka akhohlakele,ayisebenzisela ukudonsela umuntu wesifazane ocansini.KwiSikhahlamezi kuye kuthakwe imithi efana noDumbasibumbu,uVendle,uNginakile,uZeneke,uZekani, kanye neminye imithi.Le mithi ibe isixutshwa namafutha eMvubu yensikazi engakagugi,engaphansi kweminyaka eyisikhombisa, awasebenzi amafutha eMvubu esiyiSalukazi.ISikhahlamezi nina beSilo sithakelwa lena kude nemizi hhayi eduze nasekhaya,kahle-hle asingeni ekhaya ngoba kungasuke konakele ikakhulukazi uma kukhona izingane zamantombazane ekhaya ,noma abantu besifazane. ISikhahlamezi umuthi okhohlakele ,osetshenziswa ngabantu besilisa ukuhehela abantu basifazane ocansini bebe bengathandani nabo.Lo muthi nina beSilo uye ugcotshwe yinsizwa esandleni ezothinta ngaso noma ngumuphi umuntu wesifazane-leyo nsizwa esuke ifuna noma ilangazelela ukuya naye eKamelweni.Le nduku nina beSilo uma ithakwe kahle,umuntu wesilisa osuke eyisebenzisile uyakwazi ukulala nanoma iyiphi intombi ,ngisho nezintombi eziganile imbala.UVendle nina beSilo umandla kakhulu kangangokuthi uyakwazi nokugiya uwodwa vo,ikakhulukazi uma iSoka lizoyishutheka  impanjana yoVendle ngaphansi kolimi uma lizoyokhuluma nentombi, intombi isheshe iqome futhi ayenqabi uma iSoka lithi intombi ayiyolala kulo.Ithamba kakhulu intombi ngoVendle.UVendle nina beSilo ubuye ube yintelezi, uyangena kwezamacala,uyangena eMabhandeni okulwa.UVendle nina beSilo uyangena eZigqabweni zenhlanhla,luyangena futhi eNdukwini ephalazela inhlanhla.UVendle luyangena kwezokudonsa uMnotho.

Khumu!!

Niphile nina beSilo sakithi kwaNodwengu , uMsimude owavela ngeSiluba phakathi kwamaNgisi namaQadase! USikhaphukhaphu singamanzi oMkhuze, uMkhuze siwuwele siwukhaphuza! UMfaki waMajomela eziMpophomeni kuze kuse aMajomela ebikelana neMiqhele! #ISilo uMpande leso!

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo