Incazelo ngeNgqungqulu(Baleteur Eagle

INgqungqulu.

Incazelo ngeNgqungqulu(Baleteur Eagle)

Nina abakaMkhangula jozi phansi kweTshana, ulikhangule ngoFalaza, uFalaza wathukuthela.UZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDdewabo uSililo.ISilo sasoSuthu iSilo uDinuzulu leso.Enhla nasezansi ngiyazibingelela iziNgabade,ngethemba nisaphila nina bakaMamonga woSuthu.Cha,thina sisaphila eMantungweni.Nina beSilo le nyoni eniyibona esithombeni kuthiwa yiNgqungqulu igama layo , yinyoni enamandla kakhulu lena nina beSilo ayikho inyoni engavusa umhlwenga lana, kuyileso sizathu le nyoni yaziwa ngeKing of all birds, phecelezi “iNkosi yazo zonke izinyoni”.Ezikhathini ezadlula kwakuthi uma kubonakale iNgqungqulu indiza emoyeni ikhala lokho kwakuhunyushwa ngokuthi kuzoqubuka impi kuleyo ndawo.Inamandla kakhulu le nyoni izixosha zonke izinyoni kuhlanganisa neziNtshe, amaNqe wona ayiboni nhlobo.Le nyoni nina beSilo idla inyama yezinye izilwane,ezifana nezinyoka,oNogwaja, njalo njalo.Iyakwazi ukuzizingelela,ibulala ize ibulale nezilwane ezinkulu impela ezifana noMpunzi namaQhina.Ibulala nezinyoka eziyingozi ezifana neziMamba,oNogwaja bona ayibezwa nhlobo. Iyazidla nokho nezilwane ezizifele eNdle, ithanda kakhulu ukudla amehlo. Buningi ubufakazi ubufakazela ukuthi iNgqungqula iyinkosi yazo zonke izinyoni.Ubufakazi bokuqala wukuthi uma kufe isilwane eNdle,ezinye izinyoni ezifana namaNqe azisithini leso silwane ingakafaki yona yazokhipha amehlo.Uma isiwakhiphile-ke kuba yima ziqala ukusidla.Ubufakazi besibili wukuthi uma umuntu ewuMpetha entweni ayenzayo uye abizwe ngayo le Nyoni,kuthiwe uyiNgqungqulu, noma uma edle umhlanganiso thizeni,noma uma iqembu noma umuntu edle isicoco thizeni kuye kuthiwe lelo qembu liyiziNgqungqulu.Nasekuculeni impela umuntu ucula kahle edla nezicoco kuye kuthiwe uyiNgqungqulu,uma sizokhumbula kahle lake laba khona iqembu likaMaskandi elalibizwa ngeziNgqungqulu zoMhlaba, elalibandakanya uBaba uPhuza,uBaba uMfazomnyama(ongasekho)kanye noBaba uHhashi.Obunye ubufakazi obushoyo impela ukuthi le nyoni iyinkosi wukuthi Amakhosi ayabongwa ngayo le nyoni.Iyavela le nyoni ezibongweni zeSilo sasoSuthu iSilo uDinuzulu uma kuthiwa“IziNgqungqulu zibethene phezulu! Ngeka Maphitha enye,ngeka Jininindi enye, angiqondi nezobhabhalala.Kwathi ekaMaphitha yabhabhalala”.Lezi zihasho zimayelana neMpi yeSilo uDinuzulu kanye noMntwana uZibhebhu ka Maphitha.Kanti neSilo saBathwakazi naso iSilo uLobhengula iSilo esakha umuzi wakwaBulawayo osuyidolobha, naso iyabongwa ngayo le nyoni uma kuthiwa“Kuthiwa iNgqungqulu emadolo abomvu ngokuguqa ezingazini zabafo”.Le nyoni iNgqungqulu inemilenze ebomvu,inezizipho ezicijile eziyingozi kabi ezithi nxa zibamba ziphume nenyama,nomlomo wayo uyingozi kabi. Obunye ubufakazi bokuthi iNgqungqulu iyinkosi yezinyoni wukuthi nenkosi uJesu nayo ibongwa ngayo le nyoni uma kuthiwa “INgqungqulu  eshaye amaphiko phezu komuzi waseJerusalema kwahlangana izandla bakhuza u-Amen bonke abantu”.

Yenzani-ke iNgqungqulu kwezeNdabuko

Nina beSilo asikho isilwane esiqinisa nje njengeNgqungqulu,umuntu oqine ngayo le nyoni ngeke umenze lutho sdalo.Namakhosi aseNdulu kuthiwa ayeqina ngayo le nyoni. Kuye kusetshenziswe amafutha ayo,ithambo,uphaphe,amasimba nokunye.INgqungqulu iyazivikela izinto zayo,ngikhuluma ngamaChwane, izimpaphe nokunye.Uma yakha yakha isidleke sayo esihlahleni esiphakeme futhi esinameva.Ibeka amaqanda amabili njengeJuba neNkankane,uma enye iphumile iyozingela kuye kusale enye iqaphe isidleke.Wazama ukugibela uthathe amaChwane ingakudla ikufele impela.Uma kwenzekile zalwa emkhathini kwase kuphuma uphaphe kwenye yazo,ziyayeka ukulwa zilandele uphaphe zilubambe lungakafiki phansi.Izinkunzi ezijwayele ukulwa,uma zilwa emkhathini zidumisa okwemoto.Uma kwenzekile iNgqungqulu yanya phezulu emkhathini iyawalandela amasimba ayo iwahlakaze afike phansi esehlakazeke ahlakazeka.Izicu zeNgqungqulu ungazithola kuphela uma uyidubulile.INgqungqulu iyangena naseMabuthweni athunywa ukuyolwa. Iyangena kwezokuphindisa.Kanti yinhle kakhulu kwezokudonsa inhlanhla nasemaBhizinisini.Yinhle kakhulu nasekubetheleni,kanye nasekucupheni.ISidleke sayo yisona esingena kakhulu ekubetheleni.IziNgqungqulu kuthiwa zezithande ukuba yimvelakancane lapha eAfrika esemazansi.

Khumu!

Niphile nina bakaMamonga woSuthu ucala lathethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo