Incazelo ngoMkhanyakude(Vachellia xanthophloea tree)

Incazelo ngoMkhanyakude(Vachellia xanthophloea tree) 

Nina abeNgqayingqayi kaPhunga noMageba engiyibuke ngaze ngayojwayela.UMasengomahlle mahle inkonyane yenkomo.Kwangixaka ukhaba kwale nkomo-yakhaba osengayo yadela umbambi.UNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe.Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.ISilo sakithi kwaDukuza leso,iSilo uShaka.Ngethemba zizasaphila iziNgabade.

UMkhanyakude

Nina beSilo uMkhanyakude umuthi omuhle kakhulu wokudonsa.Udonsa ugazi,udonse inhlanhla,udonsa umsebenzi njalo njalo.Kuye kusetshenziswe igxolo noma impande kule nduku.Le nduku iyaphalaza iyagquma iyageza kanti iyangena nakwezokuncinda.Muhle uMkhanyakude kwezokudonsa inhlanhla ethinta konke nje okuhle.Kungaba umnotho,ukugembula,umsebenzi njalo njalo.Muhle uMkhanyakude kwezokufesa,uvele wenze umuntu agqame njengoba nawo ugqamile nje,kuvele kubonakale yena esixukwini.Muhle kwezokukhushulwa kwaMlungu.Muhle kwezesithunzi.Muhle kwiZibunge ziBhizinisi.Muhle kwezokuthandeka,kwezokugazi,uthandeka ngendlela eyisimanga umuntu odla le nduku uqonywa yinqwaba yezintombi.Ukungena kwezimhlophe eziphalazayo ezibuye zigqume,zigeze futhi,esingabala kuzo oFoshela,Velabahleke,Nhlanhlamhlophe nezinye izinduku.Igxolo loMkhanyakude lihle kwezeMfiva.Liyabiliswa kwenziwe isiphungo.Liphinde lishiswe kwenziwe insizi eshisa izilonda emphinjeni kwehle kuze kuyosho esifubeni.UMkhanyakude awusetshensiswa uma kuduma izulu ngoba uwumuthi othandwa umphezulu.Usemndeni yemithi ebizwa ngokuthi ama-Acacia trees okuyizihlahla ezithandwa umphezulu.Kulowo mndeni sithola izihlahla ezifana noMunga,uMtholo,uMkhanyakude,uMkhamba kanye nezinye izihlahla.

Khumu!

Thola olunye ulwazi ku You Tube wethu osihloko sithi Kholo Khumalo TV.

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo