Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Umlando ngeNkosi uMatomela ka Shisa Zuma

Umlando ngenkosi uMatomela kaShisa Zuma INkosi uMatomela ka Shisa Zuma yabusa abantu bakwaNxamalala /Zuma ngesikhathi sokubusa kweNgonyama uShaka.Uma sixoxa ngeNkosi uMatomela kufuneka sikhumbule ukuthi babebabili oMatomela ngesikhathi seNkosi uShaka futhi baphila ncamashi ngesikhathi esifanayo.Kwakukhona uMatomela wakwaZuma kanye noMatomela wakwaNgubane.Nakuba uMatomela waseMaBomvini wayemdala kancane kunowakwaNxamalala kodwa eqinisweni baphile ngesikhathi esisodwa.UMatomela Ngubane uYise kwakunguNdlovu ka Nyonebomvu ka Mbomvu ka Nomaphikela ka Ngubane.UMfowabo ka Matomela Ngubane kwanguNzomb... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNdlovukazi yaBalobedu iNdlovukazi u-Mujaji

Umlando ngeNdlovukazi uMabelemade(Khwini Mujaji nesizwe sayo saBalobedu ) Uma kukhukunywa ngaBalobedu kusuke kukhulunywa ngesizwe esasidume kakhulu endulo futhi esasidumile namanje- sidume ngezintelezi ikakhulukazi ezokunisa izulu. ABalobedu bangesinye sezizwe ezibuswa iziNdlovukazi( AMakhosi esifaz... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMbondo

Ngokwesiko lamaZulu intombazane uma isiganile noma ilotsholiwe, ihambisa umbondo kubo kamkhwenyana. Umbondo ukudla okunhlobonhlobo okuthwalwa amantombazane aphelezela umakoti uma eya emzini noma lapho eganele khona. Intombazane uma kade izocelwa iyaye ihambise umbondo obizwa ngokuthi ingqiba zinyawo... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNkosi u-Mafongosi yabakwaNgongoma (Ngcobo)

Umlando ngeNkosi u-Mafongosi ka Bhovungane yabakwaNongoma. Isizwe sakwaNyuswa siyisizwe esikhulu kakhulu futhi kuso kwavelela amaQhawe amaningi kakhulu endulo. Abantu bakwaNgongoma kusengabantu bakwaNyuswa , basekanye nabantu bakwaShangase, Ngcobo, Dube(hhayi oMbuyazi), Nzama, Chamane, Hlabisa, kany... qhubeka ufunde »

Umlando ngeQhawe lakwaKhoza u-Ntshingwayo ka Mahole

Umlando ngoNtshingwayo kaMahole Khoza ‘UMabona owayibona iqhamuka eSandlwana”! U-Ntshingwayo kaMahole Khoza wayeliqhawe elikhulu elahola impi enkulu kaZulu eyayobhekana nahlaseli maMaphumalimi angamaNgisi eSandlwana mhla zingama 22 kuMasingana 1879. Ngaleso sikhathi uZulu wayebuswa iSilo... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNdunankulu uMnyamana ka Ngqengelele Buthelezi

Umlando ngoNdunankulu u-Mnyamana ka Ngqengelele Buthelezi. Nina baka’Jininindi omnyama ka Ndaba uHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe uMantshonga benoGqelebane’ . Njengoba ezinsukwini ezimbalwa ezedlule besikade sixoxa ngoNdunankulu u-Masiphula ka Mamba Ntshangase owabe enguNdun... qhubeka ufunde »

Umlando ngaMaQhawe akwaNgcobo oBhongoza wakwaNgongoma kanye neNkosi u-Swayimana Ngcobo

Umlando ngamaQhawe akwaNgcobo i-Nkosi u-Swayimana kanye no Bhongoza wakwaNgongoma. ISisho esithi ‘ Ukuholela umuntu oPhathe/Ukuholela oPhathe kanye nendawo yakwaSwayimana eMalizibheki kokubili kwaqambeka ngezinsizwa zakwaNgcobo oBhongoza wakwaNgongoma kanye neNkosi u-Swayimana INkosi u-Swayima... qhubeka ufunde »

Umlando ngeQhawe lakwaNgcobo u-John Langalibalele Dube

Umlando ngeQhawe u-John Langalibalele Dube U-John Langalibalele Dube wayeyiQhawe lakwaNgcobo elaphila ngesikhathi seSilo u-Mamonga woSuthu , ledlulela naseSilweni u-Nkanyishana . Isibongo sakwaDube sihlukene kabili, kukhona oDube bakwaMbonambi abathakazela ngokuthi Mbuyazi, Dube elimthende, Silwane ... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNkosi u-Mapholoba ka Mbhele Ngcobo

UMapholoba uyisithakazelo sakwaNgcobo cishe esaziwa yibo bonke abantu kuleli le Ngabade kungakhethekile ukuthi bangabaluphi uhlanga. Sidume kakhulu lesi sithakazelo. (Wayengubani u-Mapholoba?) U-Mapholoba kwakuyi-Nkosi yabakwaNyuswa ( Ngcobo ) eyabusa ngesikhathi seNkosi u-Jama ka Ndabaa kwaze kwaba... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNdunankulu u-Masiphula ka Mamba Ntshangase

U-Masiphula ka Mamba wayengowakwaNtshangase isibongo , wayeyiQhawe leNgonyama u-Dungane kanye neNgonyama u-Mpande . Abantu bakwaNtshangase babeyingxenye yabantu bakwaZulu, empeleni abakhona impela kwaZulu futhi akufanele baganiselane. Laba bantu bakwaNtshangase bakanye nabakwaBiyela. Baphuma esenden... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!