Umsebenzi wokubuyisa umuntu ongasekho

Umsebenzi wokubuyisa umuntu ongasekho

Ngemuva kwesikhathi esingangonyaka noma iminyaka emibili umnumzane noma umama wekhaya eshonile, kwenziwa umsebenzi wokumbuyisa ngokosiko lwesintu. AmaZulu akholelwa ukuthi lapho kusuke kubekwe khona umuntu emathuneni usuke esagciniwe okwesikhashana ngaphambi kokuba ahlangane namanye amathonga noma amadlozi. Usuke engakalungiswa kumele enzelwe umsebenzi agezwe kuyima ehlanganiswa nomndeni wakhe.

Umsebenzi wokubika

Uma kuzokwenziwa lomsebenzi umndeni kufanele uqale ubikele amathonga noma amadlozi omuzi ukuthi kunomsebenzi ozokwenziwa kucelwe kuwo imvume ukuze wamukeleke umsebenzi. Uma umsebenzi ungacelwanga kwabalele awubi yimpumelelo noma kuvele kwenzeke izinto ezimbi phakathi kwekhaya lokhu kubangelwa ulaka lwamadlozi. Umsebenzi wokubika wenziwa ngembuzi . Umuntu omdala ekhaya ushisa impepho emsamo athemeleze emadlozini, lokhu kwenziwa ngesonto elandulela elomsebenzi.

Ukuqala komsebenzi

Umsebenzi owenzelwa umuntu wesilisa uhlatshelwa inkunzi. Kuyiwa elibeni noma ethuneni lakhe nehlahla loMlahlankosi [uMphafa] kufikwe kukhulunywe, umuntu wesifazane inkomo ahlatshelwa yona kuba yinkomazi. Uma sekubuywa emathuneni ihlahla libekwa emsamo.Lowo ongasekho uyalandwa ngehlahla loMlahlankosi [uMphafa] liphanyekwe emsamo.Abomndeni noma izihlobo zalowo olandwayo abathenjiwe ukuthi bazokwenza okuyikho yibo abathunywayo ukuyomlanda. Bayamlanda lapho athunwa khona noma bamemeze nje emathuneni uma sebelikhohliwe ithuna lakhe. Kodwa uma besalikhumbula baya kulona ithuna ngqo.Kubalukile ukuthi baqinisekise ukuthi ithuna abalifunayo bayalazi ngoba uma bengayi ethuneni ekuyilo,bazobuya nomoya womuntu okungewona,bese konakala umsebenzi.Noma baye komlanda olwandle ngoba kuthiwa abangasekho bahlala khona.Kuhanjwa naye kuze kufikwe ekhaya, lowo ophethe ihlahla akakhulumisi muntu endleleni, kuphela ukhuluma nehlahla elitshela ukuthi sebekuphi nendawo futhi benzani njengokuthi sebewela umfula uma kuwelwa, bakhuphuka intaba uma kukhushukwa. Kuthiwa kubalulekile ukuthi kukhulunywe naye lowo olandiwe ngoba kungenzeka asale endleleni kungakafikwa ekhaya. Kwenziwe uhlelo lokumgeza uma sekufikwa ekhaya, kufanele atshelwa konke okusuke kwenziwa bese engeniswa ngaphakathi.Uma sebemgezile bese bengena nalo ihlahla elinaye bese beliphanyeka emsamo, Kusuke kunembuzi ehlatshiwe yokumgeza.Lembuzi ayidliwa umndeni, futhi kufanele idliwe iphele ukuze kuthi kuhlatshwa eyesibili ibe seyiphelile eyokugeza ongasekho. Lezimbuzi njengoba zihlukanisiwe kusuke kungeyokugeza kanye neyokubika umcimbi. Eyesibili isuke yenziwela ukuthi uma beyithanda abomndeni nabo babe nayo eyabo abazoyidla.Bese kuba inkomo yesithebe sakhe nalabo abangasekho kuthiwa inyama enhle yokujabula leyo, idliwa inoma ubani iyona eyomsebenzi wokumbuyisa. Abomndeni abathandayo bafakwa iziphandla zembuzi bese kuthi omdala afake isikhwama senyongo esandleni, inyongo yona isuke isithelwe emthini omhlophe abaphalaza futhi bageze ngawo bonke abomndeni futhi kuthiwa umuthi omuhle ovula inhlanhla. Lomuthi osetshenziswayo awufani nalowo abasuke bemgeza ngawo ngaphambi kokuba angeniswe ekhaya.Okubalulekile ukuthi ngaphambi kokuba kuhlatshe inkomo yezithebe, kufanele kushiswe impepho bese kuhlatshwa kusuke kukhona notshwala besintu, kubekwa nezinhlobo zezithelo ezahlukene, namakhekhe, onemenathi nogwayi wamakhala wabangasekho. Kubekwa nesibani kungaba isiphefu noma ikhandlela yilo elenza izinhliziyo zabantu abaze kulomsebenzi ukuthi bangalwi bagoduke uma sebedelile, nonenhliziyo embi iyabambeka ngalesibani. Likhanyiswa ngosuku lomsebenzi kuze kuyophela wona umsebenzi.Inkomo ngaphambi kokuthi ihlatshwe iphuziswa umuthi ukuze nomuntu ogangayo angalitholi ithuba lokwenza okubi, futhi uma ihlatshwa, ihlatshwa owomndeni othenjiwe nongenalo iqunga ngoba kuthiwa inyama iba yimbi uma ihlatshwe umuntu onequnga. Uma inkomo isiwile uyabekwa lowommese oyibulele, awubekwa noma ikanjani ngoba usungowedlozi lowommese awubolekisi. Bese kubhekisiswe kahle inyongo, inanzi nobulongo bayo ngoba labo abenza okubi yizona zinto abazisebenzisayo lezi.

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo