Umlando ngeNkosi u-Mapholoba ka Mbhele Ngcobo

Esithombeni uMabutho Ngcobo , iNtatheli

UMapholoba uyisithakazelo sakwaNgcobo cishe esaziwa yibo bonke abantu kuleli le Ngabade kungakhethekile ukuthi bangabaluphi uhlanga. Sidume kakhulu lesi sithakazelo.

(Wayengubani u-Mapholoba?)

U-Mapholoba kwakuyi-Nkosi yabakwaNyuswa ( Ngcobo ) eyabusa ngesikhathi seNkosi u-Jama ka Ndabaa kwaze kwaba yisikhathi seNkosi u-Shaka. Lokho kufakazelwa izibongo zeNdodana yeNkosi u-Mapholoba iNkosi u-Sihayo ka Mapholoba uba zithi “INgonyama ebizwe ngezinye iziNgonyama, ngoba ibizwe ngu-Shaka eMbelebeleni , ibizwe ngu-Dingiswayo eLuyengweni, ibizwe ngu-Macingwane eNgonyameni” .. INkosi u-Mapholoba yabe iyindodana yeNkosi u-Mbhele ka Yemesi ka Nyuswa . U-Mbhele wakwaNyuswa wayengahlangene nowaseMabheleni kwaNtuli. UKhokho wabakwaNyuswa ngu-Vumezitha owazala u-Ngcobo , u-Mkheshane kanye nabanye . U-Mkheshane yena ungu-Khokho wabakwaShangase. Esendeni likaVumezitha kubuye kuphume nabakwaNgidi,Nzama, Chamane kanye nabanye .Ngakho-ke abantu bakwaNgcobo, abakwaNgidi, abakwaNzama, kanye nabakwaShangase bangabandawonye futhi akufanele baganane.

Kuthiwa iNkosi u-Mapholoba yakhula yaze yadonswa ngesikhumba . INkosana yeNkosi u-Mapholoba kwakungu- Miswayo uNina okwabe kuyi-Ndodakazi yeNkosi u-Gcwabe yaseMbo. U-Miswayo wazalwa uYise esevele eseluphele. Ngeshwa uMntwana u-Miswayo wedlula emhlabeni uYise esaphila , okunye okwabuye kwaba yibhadi wukuthi uMntwana u-Miswayo wayengu-Zinyobulala kuNina okaGcwabe. Kodwa ayekhona amanye amadodana kwamanye amaKhosikazi . INkosi u-Mapholoba yaze yakhothama ingayikhombanga iNkosana kwazise phela noMntwana u-Miswayo okunguyena okwakulingeleke ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi wayesekhotheme naye .

Izibongo zeNkosi u-Mapholoba ka Mbhele

UDlaba ka Shenge
Ofak’ishob’engalweni
Abadliwa uShenge bona bayaceba
UMudli wezigwebanikazi
UNyoni mpukumpuku kayimpiko
Icela kwezimaphiko made
Ungayibuza nakuTayi waseMbuceni
Uzidle wazihlanganisel’izinkomo
Kanye nezawoNengwa waseNzobeni
Ogeja limnyama

Obas’amklob’akhangelana
Akhangalene nakaSitibane wakwaMakhanya
Wehle ngomhluhluwe wezimvubu
Indlovu eth’ukumuka bayilandela
Yath’ukubuya kwayo yadla amadoda!
Yadl’uMnungwane obezalwa uGeza
Yadl’uSicawuzana ka Gcaba

UVuvula kwabade
USinqandamumango,
UPhangel’ojojo besela
IBhungan’elimlom’unkelenkethe
UBekeshiya onjengemlandakazi
Omehl’angankonkoni
Yon’ith’ihamb’ibibheka
UZonca ka Ndaba

#Ulibinda Nkosi!

AMADODANA ENKOSI U-MAPHOLOBA OSIHAYO NO MGABHI:

Ngemuva kokukhothama kweNkosi u-Mapholoba kwaqubuka umbango omkhulu phakathi kwamadodana eNkosi u-Mapholoba oSihayo no Mgabhi . Sicela umfundi engaphambanisi u-Sihayo ka Mapholoba Ngcobo noSihayo ka Xhongo Ngobese. Kuthiwa washisa impela umbango woBukhosi kwaNyuswa kangangokuthi kwagcina sekuthathelwana izikhali, iZikhulu zoBukhosi kuthiwa zazama impela ukuwubhula umlilo kodwa kwanhlanga zemuka nomoya. Lowo mbango waze waqedwa yiNgonyama u-Shaka . Kuthiwa yawuqeda ngenja Yayo. Kuthiwa yabizela bobabili oSihayo kanye noMgabhi nabalandeli babo eSigodlweni sayo sakwaBulawayo eShowe ngaseNdlayangubo. Kuthiwa yahlalisa bonke abantu pbansi yathi abenze umkhumbi(circle) . Yabe isiqhamuka nenja yayo eyahamba inuka umuntu ngamunye ngamunye. Kuthiwa uMgabhi yamnuka naye , maqede yedlulela phambili ihamba inuka abantu. Kuthiwa yathi uma ifika ku-Sihayo ayaze yamnuka, kuthiwa yalala phansi eduze kwakhe. Leso senzo senja iNkosi u-Shaka yasihumusha ngokuthi kwakunguyena u-Sihayo owabe eyiNkosi yabakwaNyuswa .

Izibongo zeLembe ezithinta lowo mbango wabakwaNyuswa zithi’ Ubhiyoze kuNomangci phezulu(intaba engaseNkandla) ,eyokunqamula umbango kwaNyuswa. Kwakungabangwa nalutho nakwaNyuswa . Kwakubangwa izinhlakuva emanxiweni! Bethi nteke! nteke! Lindani amajuba!”

Wahlala kanjalo -ke u-Sihayo esihlalweni sobukhosi. ISilo u-Shaka saphinde sabeka uSihayo ukuba abe yiNduna yaseBhadaneni okuyisigodlo sayo esasakhe khona kwaNyuswa eNtumeni . INgonyama uShaka yabuye yacela ukuthi iNkosi uSihayo ihlale iyilethela uGwayi waseMamba ngaseNtumeni ngoba wawumnandi kubowaseNdlayangubo. Yakwenza lokho iNkosi u-Sihayo kwaze kwedlula iminyaka eyisithupha. Ngemuva kokunqamula lowo mbango iLembe labe selikhipha umyalelo owawuthi kubulawe u-Mgabhi. Kuthiwa iNkosi u-Sihayo yaphetheka kabi kakhulu izwa ngalowo myalelo. Kuthiwa yaphikelela kwaBulawayo yayoncengela umfowabo eNgonyameni u-Shaka yathi mayimxolele, ubebanga nje uBukhosi ibingekho into etheni. Kuthiwa ngempela iNgonyama yagcina imxolele u-Mgabhi. Imxolele nje kanti asikapholi isilonda kuMgabhi, usabambele u-Sihayo igqubu.*Please don’t copy and paste* Kuthiwa langa limbe wasuka eNtumeni waphikelela kwaBulawayo wayonyundela iNkosi u-Sihayo eNgonyameni u-Shaka . Wathi iNkosi u-Sihayo yayiqale ehlambele ogwayini eyabe iwuthumela iNgonyama u-Shaka. Kuthiwa iLembe nalo lawukholwa lowo mbiko owawuqhamuke noMgabhi, kuthiwa lawotha ubomvu. Lase liphaka impi eyaphikelela eNtumeni ukuyohlasela iNkosi u-Sihayo. Wahlaselwa ngempela okaMapholoba wagcina ekhothamele esizibeni sakwaNabane oThukela ebulawa yiyona impi yeLembe. Washiya iNdlalifa yakhe u-Dubuyana esisazobuye sixoxe ngaye . Abantu bakwaNgcobo basuke befunga yona iNkosi u-Sihayo uma bethi ‘ Ngifung’INkosi isoThukela’! Noma uma bethi ‘ Ngifung’INkosi ikwaNabane!”

Izibongo zeNkosi u-Sihayo kaMapholoba

UNdaba ka Ndinane!
UNdaba ka Mbedla!
UMgwabashi bayadla bayagwaba
UGwab’odube UMntaka Silwane

IKhabanqondo elikaMgedi
Elinjengentethe yon’ibikhab’amanzi
Isangco sokubethwa singuMakhokhozeli
Uthath’intombi kwathiwa yozala umntwana abe ngumbango
Yayisoma nab’oNonkanye

Indlov’enyathel’itshe laguqa
Kuguq’Mashiyane obezalwa uShuku
Kwabuy’amaHlaba
Kwaguq’Thondolozi obezalwa nguTayi
USihay’uswel’iqabi lokukhetha
Uze wathath’ingwe wathath’ingonyama

Oqub’elinsizwa lawoNtuli wawoNonqakala
Liyawon’amany’amaqabi
UBholokoqa uNongelekeqe
Obezithole zintathu
Ziye zasiswa kuNqulu ka Njila
Ifike yazizek’ezimbili

Yasishiy’esobuthathu
Ngoba singumlazelakazi
Ingwane bayikhuze ngamaphande ezinhlendla
Yabhangazeka
Bangayihlaba ngamanxeb’ezijula
Bobe bayibangile

Lugodo kalushi ngokubaselwa
Mthunduluka ovuthwe phakathi koMpisi noThukela
Amaqhikiz’akwaMjulela ayawulabalabela
Kuye kwazamazama nakwaMthimkhulu ka Dubandlela
Kanye nakwaNtube wakwaMajola

Inyon’esuke nsonge yahlala nsonge
Ngisho ngezinsonge ngezoThukela
UNdaba uluhlaza ngomhlubulo
Ofana noMathuba noSifangubo
Unjengezintombi zibuy’ekwendeni

iNgonyama ebizwe ngeziny’izingonyama
Ibizwe nguShaka eMbelebeleni
Yabizwa nguDingiswayo eLuyengweni
Yabizwa ngu-Macingwane eNgonyameni

USindindiwane sanginsimu yenxiwa
USiwowane sanguQwabe egoduka
UNgugugube njengolwandle
Lona kuze kuse lugubelana
UMngun’ongafi nkomo( umuntu wakwaZulu)
UNgwengwezi lwangamanzi oMkhumbane
UGqiza ngensimba emnyama
UNomashalansimbi ngemilenze
USilasha saluvemvane
UGuqa babuy’ufasimba

Umnumzan’ozihlabanelayo
Ohlabanel’izingciki zizombili
NeyakwaZulu neyaseLangeni
Ubethabetha kamoya wenyakatho
Omoy’engithe ngumzansi kanti ngumunhla
Ngaze ngaphemba ngandawo zimbe
UNozidumo wawoThimuni
UNodlel’ezihlandleni

#ulibinda Nkosi!

#Khumu!

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo