
USibusiso Zuma owabe engumdali weBhola.
Umlando ngenkosi uMatomela kaShisa Zuma
INkosi uMatomela ka Shisa Zuma yabusa abantu bakwaNxamalala /Zuma ngesikhathi sokubusa kweNgonyama uShaka.Uma sixoxa ngeNkosi uMatomela kufuneka sikhumbule ukuthi babebabili oMatomela ngesikhathi seNkosi uShaka futhi baphila ncamashi ngesikhathi esifanayo.Kwakukhona uMatomela wakwaZuma kanye noMatomela wakwaNgubane.Nakuba uMatomela waseMaBomvini wayemdala kancane kunowakwaNxamalala kodwa eqinisweni baphile ngesikhathi esisodwa.UMatomela Ngubane uYise kwakunguNdlovu ka Nyonebomvu ka Mbomvu ka Nomaphikela ka Ngubane.UMfowabo ka Matomela Ngubane kwanguNzombane owazala iQhawe leSilo u-Shaka uHhomoyi.Bobabili oMatomela babebadala eNkosi uShaka,singasho nje ukuthi babengoYise Abantu bakwaZuma babeliqhamukise ngaseLisuthu bafike bazinza ngasoThukela.Akucaci kahle-hle ukuthi babekade beholwa ngubani ngenkathi bewela uThukela kodwa iNkosi uMatomela yona ibabuse ngesikhathi seNkosi uShaka.Kuthiwa iNkosi uMatomela yasheshe yazinikela eNgonyameni uShaka,ngakho-ke yahlala ngokunethezeka okukhulu ngesikhathi sokubusa kweNgonyama u-Shaka.Kuthiwa yahlala kahle kakhulu impela iNkosi uMatomela kwaze kwaba isikhathi sokukhothama kwayo.Ngemuva kokukhothama kwayo amaNxamalala abuswa iNkosana yayo uMsholozi okunguyena ogqama kakhulu ezithakazelweni zabakwaNxamalala.Amanye amadoda eNkosi uMatomela kwakungoSiguqa no Lugaju.INkosi uMsholozi nayo kuthiwa yahlala ngokunethezeka okukhulu ngaphansi woMbuso weNgonyama u-Shaka. Kodwa kuhambe kwahamba iNkosi uMsholozi yahlaselwa iNkosi uZihlandlo ka Gcwabe yaseMbo,kuthiwa lamaKhosi amabili ayeqhathwe iSilo u-Shaka ngoba sifuna ukubona ukuthi kwakuyiphi iNkosi eyayimandla phakathi kwawo womabili.Yadla umhlanganiso eyaseMbo yaphindela emuzini weNkosi uZihlandlo waseSimahleni ngaseNsuze eNkandla ihuba amaHubo okunqoba.Kwathi ngesikhathi sokubusa iSilo saseMgungundlovu iSilo uDingane inhlalo yaqala ukuba muncwana kubantu bakwaZuma kanye nabo abaseMbo ngoba iSilo uDingane saqala umkhankaso waso wokubulala bonke abantu ababekade bengabahlobo beNgonyama uShaka. Womabili lamaKhosi oMsholozi noZihlandlo agcina ebulewe kulowo mkhankaso.UBaba weNkosi uMatomela kwakunguShisa ka Mgebhe ka Mndlovu ka Zitho ka Maphuma ka Dzana ka Zuma.Kwathi ngemuva kokukhothama kweNkosi uMsholozi abantu bakwaZuma bahlakazeka bagcwala lonke izwe, iNdlu yeNkosi uMsholozi yagcina isiseMpendle isiholwa iNkosana yeNkosi uMsholozi uMnyakanya owazala uNdukuyakhe.Kwenye iNdlu iNkosi uMsholozi yazala uSithunzi owazala uGcinamazwi owazala owabe enguMengameli wezwe uJacob Gedleyihlekisa Mhlanganyelwa Zuma emzala kuNkosikazi uMaMzobe.
Ake ngime lapho nina beNgabade .Ngokuzayo sizoxoxa ngabanye oGamafanana ,oMdlaka ka Ncindi Ntshangase kanye noMdlaka ka Sodumase Langa nabo abaphila ngesikhathi esifanayo kodwa wayemdala owakwaNtshangase
Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi Kholo Khumalo TV.
Please share