
iNdlovukati uLomawa Nxumalo
INdlovukati uLomawa Nxumalo yaseSwatini
Nina beSilo esithombeni iNdlovukati yakithi kwaNgwane iNdlovukati uLomawa Nxumalo neNdodana yayo iWundlu uSobhuza wesibili ka Mahlokohla(kaBhunu).IWundlu uSobhuza wesibili yilona elalendela uyise iNgwenyama uMahlokohla esihlalweni sobukhosi.INgwenyama uSobhuza yiyona ezala iNdlovukazi uMantfombi Dlamini ezalwa iSilo uMisuzulu.INgwenyama uSobhuza wesibili yayibongwa ngokuthi iyi”Nyathi empondo zimankenkenene,eyadla umuntu kwangani bamhlabe ngeliHloka! USobhuza mgezeni izandla nezinyawo!Niyambona wonakele?Uhamba emalibeni abathakathi.Ngawawo Mkhiza ngawawoMabhoko”! INdlovukati uLomawa yayizalwa ebukhosini bakwaNxumalo eZikhotheni eSwazini,izalwa inkosi uNgolotjeni Nxumalo.Unina kwakwuwuNdlunkulu wenkosi uNgolotjeni uMsindvose Ndlela.Kuhlawumbiselwa ukuthi iNdlovukati yakithi lena yayizalwe eminyakeni yama1860s,yakhothama ngayo iNyanga yamagugu uMandulo 1938.
Khumu!