Unondlini
Sikleza kogwansile

 

INGEDE (Inyoni engumngane wabafana)

INgede/iNhlava inyoni ekhonzwe kakhulu abafana: ‘Amatsheketshe Ngede Nhlava ebizelayo! ‎Basho kanjalo abafana uma bebona le nyoni. Iyathandwa kakhulu abafana. Elinye igama leNgede kuthiwa iNhlava .Lena kithi kwaMzilikazi, kwaMthwakazi le nyoni yaziwa ngokuthi iNsedlu,kanti nalo eleNhlaba liyasebenza. Kuthi abafana sebesinge basinga izinyosi bangazitholi,bathi bezwa ibiqhamuka ingede inhlava ebizelayo. Le nyoni ingumngane omkhulu wabafana. Ithi ingazibhija izinyosi indizele phezulu ifuna abafana lapho bengakhona. Ithi ingababona iphaphazele yenza imilozi yayo kuvimbanise ehlathini. Aba... qhubeka ufunde »

IQHAZA LEZILIMOIZITSHALO :

IQHAZA LEZILIMOIZITSHALO : IZIMILA EZISETSHENZISWA ZILUHETSHEZI Kulolu hlobo lwezimila noma izitshalo kumuncwa ,kuphuzwe noma kunjongo yokuthola amanzi aleso simila esidliwayo . Ukwenza isibonelo uma udla imfe uyayihluba uyidle umfifithe amakhasi ekugcineni .Uvovo wona uyawufola UVOVO: Uju olumnandi... qhubeka ufunde »

AMAGAMA OKUHLONIPHA( Kuya ngezigodi)

AMAGAMA OKUHLONIPHA( Kuya ngezigodi) Ilanga – Itshida / Itshiliba Inhlabathi- Umgabadi Umuntu – Umenzo /Umusho / Isothamlilo Imali – Inkece Amaselwa – Amakhomane Amasi – Amagcubane Intuthwane – Inconcoshiyane Intwala – Incobane Ugqoko – Uhokolo Qeda &#... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!