INGEDE (Inyoni engumngane wabafana)

INgede/iNhlava inyoni ekhonzwe kakhulu abafana:
‘Amatsheketshe Ngede Nhlava ebizelayo! ‎Basho kanjalo abafana uma bebona le nyoni. Iyathandwa kakhulu abafana. Elinye igama leNgede kuthiwa iNhlava .Lena kithi kwaMzilikazi, kwaMthwakazi le nyoni yaziwa ngokuthi iNsedlu,kanti nalo eleNhlaba liyasebenza.
Kuthi abafana sebesinge basinga izinyosi bangazitholi,bathi bezwa ibiqhamuka ingede inhlava ebizelayo. Le nyoni ingumngane omkhulu wabafana. Ithi ingazibhija izinyosi indizele phezulu ifuna abafana lapho bengakhona. Ithi ingababona iphaphazele yenza imilozi yayo kuvimbanise ehlathini. Abafana bayazi ukuthi uma ike yaqhamuka,isuke ibaphathele izindaba ezimnandi, izindaba zoju. Bayaluthanda abafana uju. Inhlava ngokwayo iyazithanda izinyosi kodwa ayikwazi ukuzimba. Yingakho ithembele kubafana ukuthi ukuba bambe bese beyishiyela ezayo ngaphandle amacwecwe okubonga.
Kunesaga sesiZulu esithi ‘Ayishaywa ingede ngoju’. ‎Lokhu kususelwa elwazini oluthi njengoba le nyoni ibiza abafana isuke ifuna ukuthi abafana bazimbe izinyosi bese bona beyibonga ngamacwecwe anamaqhimu. Wena muntu ungayiniki uju kodwa uyiphe amaqhimu.
Zikhona nezinye izinyoni ezibizelayo kodwa abafana bagqanyelwa kakhulu yinhlava ngoba iyona eningi kanti nabafana bathembele kuyo. Kuthi abafana kade behlezi endle sebeze balamba iqhamuke inhlava ebizelayo izobatshela izindaba ezimnandi, izindaba zoju.
Abafana bayalwazi ulimi lwalezi zinyoni. Zigedeza zigedeze zisuke zibahole zihamba zihlabelela abafana bazilandele,seziyoze zibabeke kwezinoju olumhlophe oluhle oluhlanzekile,izinyosi esezivale ngengcina. Ithi ingababeka lapha emgodini wezinyosi, ibashiye basale benza umsebenzi. Ezinye zalezi zinyosi zidliwa yibo abafana, ezinye ziphathelwe abadala, ezinye zishiyelwe ingede yona ezibhijile izinyosi.
Ingede iyinyoni esondelelene nabantu kangangokuthi iyakwazi nokubamba amagqubu njengabo abantu. Uma bengashiyanga lutho abafana, le nyoni iyadinwa icabange ukuziphindisela kubafana. Iphinde ibabize ngawo umsindo ogedezayo, ibahole kanti namuhla isibaholela koludala ukulukushu lwemamba. Njengenjwayelo bazoyilandela kanti namuhla ibaholela ophathe,iyobabulala namuhla. Lo mkhuba uyabafundisa abafana ukuthi bamele ukwenza ngemfanelo leyo nto abayenzayo. Ivuka uhlanya inyoka kokunye ibabulale kanti baqhathwa yiyo ingede lena.
Ake ngime lapho nina bakaVezi uMaphakamela owaphakamela iNkunzi yakwaBulawayo!
#INtungwa lasenhla kwaSokhumalo

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo