IQHAZA LEZILIMOIZITSHALO :
IZIMILA EZISETSHENZISWA ZILUHETSHEZI
Kulolu hlobo lwezimila noma izitshalo kumuncwa ,kuphuzwe noma kunjongo yokuthola amanzi aleso simila esidliwayo . Ukwenza isibonelo uma udla imfe uyayihluba uyidle umfifithe amakhasi ekugcineni .Uvovo wona uyawufola
UVOVO:
Uju olumnandi lwembali ebomvu yomhlaba . Ufica ukungabafana ekuluseni imilomo isibomvu kade kuzitika ngovovo.Abadla abathandi ukuthi abafana bafole uvovo ngoba bathi ubanga umkhuhlane .Yingakho-ke nje kuthi ngenyanga kaNhlaba izingane zichathwe ngenhlaba ukuvimbela umkhuhlane oba khona ngenyanga kaNhlaba . Lona umkhuhlane ohlakazwa impova yehlaba esuke iqhakazile .
IMFE
Uhlobo lomhlanga onamanzi amnandi ehla esiphundu , ithi ayifane nomoba .Ikhula ifane namabele ,idliwa luhlaza noma kuphekwe ngayo uhlelenjwayo. Inobumnandi bukashukela , enye kuyenzeka ibe duma ,mhlawumbe lobo buduma busuke bubangwa ubuningi bezimvula ngalowo nyaka .
IZELE
Uhlanga lommbila noma amabele olusemanzi oluluhlaza .Luhlutshwa njengemfe kubuye kuphekwe ngalo uhlalenjwayo ,kusetshenziswa amanzi alo izele .
INKOVU
Lawa amanzi acwengwe uma kuphekwe ithanga .Ayaphuzwa afakwa ushukela .Amnandi ehla esiphundu . Ukufanelana kwenkovu nethanga kwadala isaga esithi ‘inkovu iphuma ethangeni”
Inkosi uJobe kaMaphitha ibongwa ngokuthi -‘UNomankovunkovu wakithi eQhudeni, UNomankovunkovu ogaqa libomvu, Yebo ngasekuphatheni nasekudleni”
Lezo zibongo zenkosi yabakwaSithole sichaza ugazi enkosini uJobe
EZINYE IZILIMO
IBHECE
Isilimo okweziwa ngaso ujeleza ,kuvutshelwe ngempuphu . Abanye balibondela lilodwa lingaxutshwe nalutho kube ubuxabalazi . Kokunye amabhece abamaningi kubonakala ukuthi ayogcina onakele bese eklatshelwa ukuze omiswe ,agcinwe kahle aze ethulwe ngesikhathi sendlala .La mabhece abizwa ngokuthi ukalu.Laphanya kwiKakahari izizwe ezimnyama, ziqotha izinhlamvu zenze isinkwa . Isikhathi esiningi ibhece kuba yisona simila esibanika amanzi ebusika njengoba indawo isalugwadule .KwaZulu kwakuyaye kuthi uma kuphekwe isijingi sebhece .Kuthi uma umuntu ethole kunezinhlamvu esijingini athi ”Mmmmm …………ngaqonywa ”’ Lokhu kwakusamudlalo kungangoba izingane zaziwujabulela ,zize zingene esilingweni sokuzifaka ngamabomu izimbece uma kucwecwa ibhece ,kuzophekwa isijingi ukuze zibe nezintombi eziningi .Ibhece kulezi nsuku liyasetshenziswa kupheka ujamu . Likhona nakwamanye amazwe aseSADC ibhece .KwelikaMzilikazi kaMashobane eZimbabwe lithandwa kakhulu ibhece . Kodwa bona balibiza ngokuthi yi”Jodo”..Ibhece elomisiwe bathi ”uNkankalu”’
IKHABE
Uhlobo lwebhece oludliwa luhlaza .Abafana babezitika ngamakhabe uma belusile ,bewanthontsha emasimini abantu .Ikhabe linamanzi amaningi kunebhece futhi lona alibondelwa ngampuphu ,aliphekwa futhi kodwa lidliwa luhlaza . Ayathengiswa ezitolo uma kuyisikhathi sawo .Amnandi kwakulukazi ehlobo .Bawafaka eziqandiseni aphume ebanda mo ,akuthibe ngempela ukoma uma kushisa . Kunzima ukwehlukanisa ibhece nekhabe uma ungawazi umehluko ngoba kucishe kufane . Liyathandwa kakhulu ikhabe kwaZulu ,eSwazini naseZimbabwe kwelikaMzilikazi imbala .EZimbabwe nakhona balibiza ngokuthi iKhabe.
AMATHANGA
Kuningana ukudla okuphekwa ngamathanga .Ubuthumbu buyaphekwa futhi bumnandi amathanga ayaphekwa kanye nefutho ,amanye aklatshelwe nje kuthiwe inqeke .Kokunye ithanga libondelwa nempuphu libemanzi ,kuthie isinambithi .Ukhothe ukudla okwakusetshenziswa kudala .Kwakuthwelezwa izintanga bese ziqothwa etsheni. Umqotho lowo wethiwe esigujaneni .Lokhu kudla akuboli .Kwakwenziwa umphako kudala .Umbuqwa kuqothwa izintanga bese kudliwa impuphu umuntu elokhu enyankambisa ngamanzi emlonyeni .
ISELWA KHOMANE AMABHAQA
Amaselwa adliwa nezinhlamvu zawo phakathi kanti amacemba ayadliwa ukwenza isijabane .Amacembe ayomiswa aphekwe enziwe isishebo sophuthu .Kwesinye isikhathi amacembe ayaxutshwa neminye imfino kwenziwe isishebo sophuthu. Isilimo sidliwa sisesincane sithi singakhula kwakhiwe ngaso amagula nezinkezo .
UMMBILA
Kuningi kudla okuphekwa ngommbila . Ifutho ummbila omusha ophekwa uyisikhwebu namakhasi .Kugaywa inhlama ngefutho kwenziwe ngayo isinkwa noma ujeqe .Uma kwenziwa ujeqe ucabaya inhlama ibe amaqebelengwana uwanamathisele emaceleni ebhodweni .Uma wenza isinkwa inhlama uyibeka phezu kwefutho ,noma amahleza ambozwe ngamakhasi ommmbila omusha ubilise . Amagandangane noma isinkwa sombila ungakudla nenyama noma nemfino .Isinkwa sommbila ungavuba ngaso amasi uma uthanda . Inhlama yommbila omusha uyabonda ngayo isijingi kungaba esethanga noma esebhece .Ummbila owomile uyagaywa kwenziwe ngawo impuphu eyibe isenza amaqebelengwane
Umbhaqanga elishubile lempuphu yommbila noma yamabele .
Imbasha noma inqatho ummbila osulukhuni owosiwayo udliwe ngabasenamazinyo aqinile kuphela .
Idokwe lenziwa ngommbila noma amabele kuyagaywa lokhu kube yimpuphu .Kungagaywa ummbila omusha kwenziwe ngawo idokwe .Kumele kulale embizeni, kuthelwe amanzi amthuku,kuse ngakusasa sekumuncu ,kuthiwe-ke kubilile .Kuyiphalishi elimanzi kodwa elimuncu . Amanye amagama edokwe incwancwa ,umuncuza noma umunyuza .
Imbasha noma inqatho ummbila osulukhuni owosiwayo udliwe ngabasenamazinyo aqinile kuphela .
Idokwe lenziwa ngommbila noma amabele kuyagaywa lokhu kube yimpuphu .Kungagaywa ummbila omusha kwenziwe ngawo idokwe .Kumele kulale embizeni, kuthelwe amanzi amthuku,kuse ngakusasa sekumuncu ,kuthiwe-ke kubilile .Kuyiphalishi elimanzi kodwa elimuncu . Amanye amagama edokwe incwancwa ,umuncuza noma umunyuza .
Iziphothula izinkobe zommbila noma amabele .Kwesinye isikhathi lokhu kudliwa kugayiwe .Izinkobe ezigaywa kwenziwe ngazo amasi kumele zephuke ukuze umcaba ungabi manzi ,akumele zinyele .Ezikuhlafunwa zingathamba noma zibe lukhuni .Iznkobe zingaphekwa zixutshwe nezindlubu kanye nezindumba .Kumele zithambe lushu izinkobe eziphekwe ngalolu hlobo .
Ugume ummbila otshweleziwe wase uqothwa uba yimpuphu eyomile . Wabe ungumphako onqabile ikhakhulukazi kwabesilisa ababehamba izindawo ezibe ,balale bevuka . Ugume lolu lwalusiza ngoba lungaboli, lungonakali . Futhi lwalusheshe lusuthise ngoba lomile , umuntu wabe efunda umthamo ube munye abese ephuza njalo amanzi agcwalise isisu .
Ichefe
Lona ummbila ophekwa usemanzi uthambile kakhulu ubuye ubizwe ihhevu noma ihhenyeza
Isangcobe
Kufakwa ummbila noma amabele emgodini osesibayeni uhlale inyanga eyodwa noma eziyishumi lambili .Ummbila noma amabele uma esemgodini kuthiwa u’pata’ noma i’sangcobe’. Uma sekuphekwa iphalishi kuthiwa upata noma isangcobe .Sinephunga elixakile uma ungasijwayele.Lo mgodi umbiwa yilabo abaonolwazi lokuwumba ngoba kudingeka ikhono nolwazi lokwenza lo msebenzi .
Isiphuphutho
Isiphuphutho izinkobe ezixutshwe nezindumba noma nezindlubu kubondwe ndawonye .
Isithalaphishi
Izindlubu zodwa noma zixutshwe nezindumba imbumba kubondelwe nempuphu.
Ngiyema lapho nina beNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila !
#INtungwa lasenhla kwaSokhumalo