USotobe kaMpangalala wakwaGazu

UMthokozisi Khathi owaziwa kakhulu ngelikaDJ Tira (AbakwaKhathi kuthiwa bangabeSende likaSotobe)

USotobe ka Mpangalala

USotobe kaMpangalala wayelinye lamaqhawe akwaZulu abeka induku ebandla.Ibutho lakhe wakuyiNtontela nokulibutho elalimbandakanya oNdlela kaSompisi Ntuli,Hlathi kaNtopho Ntshangase nenkosi uSenzangakhona kaJama.Lokho kusho ukuthi uSotobe wayemdala eNgonyameni uShaka naseNgonyameni uDingane.USotobe wayeyinduna yebutho iNtontela ,futhi wayebuye abe induna yomuzi waseNtonteleni.Ngesikhathi senkosi uJama isigodlo saseNtonteleni sasakhiwe eduze kwesigodlo saseSiklwebheni ngaseNtshini,eMazimeleni eMthunzini.Kodwa sabuye sathutha sayokwakhelwa lapho sekuseGingindlovu khona ngowe 1842 lapho uMntwana uMawa kaJama wawembuka nabalandeli bakhe wawela uThukela ngemuva kokubulawa kukaMntwana uGqugqu Silo uMpande.USotobe wayekhonzwe kakhulu iziNgonyama oShaka noDingane ngoba wayenguyise kuzo. Nguyena yedwa uSotobe kubo bonke abantu owayenegunya lokubulala umuntu ngaphandle kokubikela iNgonyama kuqala.INgonyama wayeyazisa selidume ledlula ,asho nesizathu esimenze wabulala lowo muntu. Le nsizwa endala yayinekhono eliyisimanga lokubala izinkomo zeNgonyama uShaka.Kuthiwa uSotobe wayevele awubheke umhlambi weLembe ngamehlo bese ekhipha isibalo sawo . Uma kuwukuthi kukhona ezishodayo wayesho nokuthi kushoda ezingaki .USotobe wayebuye abe liqhawe ngokuhlabana ezimpini . Uyakhumbuleka ngenkathi ethunywe iLembe ukuba ayihlasela inkosi uNtunjwa yabakwaNgcobo eyayakhe kwaNtunjambili ngasemfudlaneni iHlimbithwa.Liyavela igama lenkosi uNtunjwa ezibongweni zikaSotobe uma kuthiwa ‘ uDungamanzi aphuzwa nguNtunjwa,uMtheno owadla omunye uMtheno ngoba wadla owaseZinkwembu’EZinkwembu kwabe kungumuzi wenkosi uNtunja . Kwathi ngoNhlaba ngowe 1828 uSotobe waqokwa iLembe ukuba ahole ithimba elalizophikelela eNgilandi kwelamaNgisi ,liyokwakha ubuhlobo nenkosi uJoji yesine (yamaNgisi).Lelo thimba lagcina lingafikanga kwelamaNgisi,lajika eBhayi (ePort Elizabeth) . Lathi uma lifika kwaZulu lafica iLembe seligetshengwe ngabafowabo  ngawo owezi 1828 kuMandulo.USotobe waqhubeka waba isilomo naseNgonyameni uDingana ,waba ngenye yezinduna zebutho uHlomendlini. Wakhothama ngaso isikhathi seNgonyama uDingane ekhothamela esigodlweni sakhe saseKuntwayizeni. . Umuzi waseKuntwayizeni uSotobe wawakha ngenkathi ebuya eBhayi.Wawuqamba ngalelo gama ngoba wangena emkhunjini engazi lapho kwakuyiwa khona nendlela okwakuzohanjwa ngayo wayengayazi, wayentwayiza nje. Indlalifa kaSotobe kwakunguNobiya owasala enkundleni mhla uMntwana uZibhebhu eshobicisa oNdini lweSilo uCetshwayo mhla zingama 21 kuNtulikazi ngowe 1883. UNobiya wazala uMuntuwaphansi owaganwa uNtonjana kaMpande.

Izibongo zikaSotobe kaMpangalala

UGxubhuza ngeshoba!
EMkhunjini wolwandle
Ulwandle kaluwelwa
Luwelwa izinkonjane nabelungu
UDungamanzi aphuzwa nguNtunja
UMtheno owadla omunye uMtheno
Ngoba wadla owakwaZinkwembu

UNdaba zingaphesheya kolwandle
UNdaba zikuMjoji kubelungu
INdaba kaMkhingi (JSKing)benoFebana (FGFarewell)
Oze nolembu oluluhlaza ngaseNgilandi
Lungakembathwa muntu kwaZulu
Weza noSembathangaphi ngaseNgilandi (ingubo eyayinabala afanayo nzazonke)
Abantu bengakazembathi izingubo
Besembatha iziphuku (izilhumba ezazishukwa zezinziwe izingubo)

Oze namakati ngaseNgilandi
Amakati esadla ubisi
Namhlanje amakati esedla izinkobe
UMphiwa nganxanye
Akuphiwa kuyabiyiselwana
Kunjengenyama yokuqomisana
UNtukuntuku yeznduna zakwaDlungwane
UNdaba zafika nqangi kuDlungwane eMbelebeleni
UBunge
UBunge woKuntwayiza

Inkosi ayiqedwa!

Izibongo zikaNobiya kaSotobe

UMqubula owadla omunye omqubula
Ngoba wadla owakwaNdabenkulu
USokhonkothwayo
Okhonkothwe yizinja zakoPhikwana(indodana kaBizwayo Nduli inceku kaSotobe )
EBese zingasadli nyama

Wakhonkothwa izinja zakoKjonjwayo
Ebese zingasayidli inyama
Uyibuthise phakathi kweNsunduka
Kanye noNongoxi amadoda aziyaziya
Ibaba eligqashule kakokaMandiyaza kaMahleke
Ngoba ligqashule uNdlongolwana
Ozalwa uSobaba
Lagqashula kuMathanda
Obezalwa uMzombi

Lagqashula kuMbango
Obezalwa uMatokolo
Kuye kwathinteka itshe eliphezulu kuNtunjambili
Waze kwazamazama itshe elikuShushu

Kwaze kwasa aMalala ebikelana
Weza nonhlabavu inkomo ebomvu
KwezikaSicwe kaFukwe
Weza nenkone kwezikaNoziphongolo

Ibinda inkosi ayiqedwa!

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo