Unondlini
Sikleza kogwansile

 

IZAGA: Eziphathelene nokungabongi

IZAGA: Eziphathelene nokungabongi -(Isaga) *(Incazelo) -Ungayishayi ingede ngoju * Bonakalisa umbongo ofanele kulabo abakusizile. Ingede inyoni eholela ezinyosini. Elinye igama layo kuthiwa yihlamva. Akukhombisi umbongo ukushaya ingede ngoju ngoba sewesuthi esikhundleni sokuthi uyibekele amaqhimiza izidlele kahle. -Ukwesutha kwakhumbuza uNoshinga ukuthakatha *Umuntu othi ngoba nakhu esehlezi kahle bese echwensa -Kubhulwa olwakwaSithutha uphoko *Kushiwo ngomuntu osiza abanye kodwa lapho yena esefuna usizo angalutholi -Inja idla umniniyo/Ingwe umniniyo *Wukweswela umbongo nobuntu ukulaza lowo ok... qhubeka ufunde »

IZAGA:Eziphathelene nobunzima nokuphela kwethemba

IZAGA: Eziphathelene nobunzima nokuphela kwethemba. -(Isaga) *Incazelo) -Zinqinda emthumeni/Ukunqinda emthumeni *Sekufike lapho ngingasazi khona ukuthi kufanele ngenzenjani, sengizame ngakho konke okusemandleni -Ubangwa nezibi * Ugula kakhulu , ithemba kalisekho -Sekubonwa ngokusa *Incazelo iyafana ... qhubeka ufunde »

IZAGA: Eziphathelene nokwenza okungenakuba nampumelelo

IZAGA: Eziphathelene nokwenza okungenakuba nampumelelo. -(Isaga) *(Incazelo) -Wophotha intambo ende eyifike ezulwini *Noma ungathi uyayibalekela imigilingwane yakho wovele utholwe nje -Uyoze ubambe utalagu ngesandla *Wenza okunganambuyiselo, into engeke ifezeke -Umpheki udla intuthu *Ophekayo uvama ... qhubeka ufunde »

IZAGA: Eziphathelene nenkani

IZAGA: Eziphathelene nenkani -(Isaga) *(Incazelo) -Uyakubuya yedwa njengengubo ka Ziyongo *Myekeni nenkani yakhe kodwa kuyakumfica ukwenza. U-Ziyongo wayengowakwaMthethwa -Isalakutshelwa sibonwa ngomopho *Umuntu ongafuni ukulalela izexwayiso zabanye ugcina ngokuba senkingeni -Umvundla ziyakuwunqanda... qhubeka ufunde »

IZAGA: Eziqondene namagqubu nezisongo

IZAGA:Eziqondene namagqubu nezisongo -(Isaga) *(Incazelo) -Uyowukhomba umuzi onotshwala/Uyoyikhotha imbenge yomile *Uyobona kahle wena!! Imbenge isitsha esakhiwa ngelala, sincane kubeqoma -Lingawa licoshwe zinkukhu * Ngeke ukubone lokho. Noma ngeke kwenzeke lokho. Kusuke kufungwa -Uyokomela othini n... qhubeka ufunde »

IZAGA: Eziphathelene nofuzo

IZAGA: Eziphathelene nofuzo -(Isaga) *(Incazelo) -Inzimakazi izala ilungakazi * Kuyenzeka ukuba izingane zingabafuzi abazali ngezimilo. Inzimakazi inkomo yensikazi emnyama bhuqe engenalo ibala, uma inebadlana ikakhulukazi elimhlophe kuthiwa ilungakazi -Ukhamba lufuze iMbiza *Umntwana ufuza abazali b... qhubeka ufunde »

IZAGA: Eziphathelene nemibango

IZAGA: Eziphathelene nemibango -Umlando ubanjwa yinkume/Umlando ubanjwe yinkume *Kushiwo lapho izingxabano ebesezikade zedlula sezivuka phansi, sezivuswa izingane zalabo ababexabene -Kuyokweqana izibiba * Inkulumo eqondene nombango noma nokuphikisana njengezinsizwa nje zisukela intombi. Kusho ukuthi... qhubeka ufunde »

IZAGA: Eziphathelene nobuqili

IZAGA: Eziphathelene nobuqili -(Isaga) *(Incazelo) -Akukho qili lazikhotha emhlane *Ungaqhubeka nobuqili bakho kodwa ngelinye ilanga kuyokubhedela, uyobanjwa -Hamba juba bayocutha phambili *Incazelo yaso icishe ifane neyalesi esingenhla, hamba bayokubona amanamehlo phambili -Phika Mphezeni icala lin... qhubeka ufunde »

IZAGA:Eziphathelene nokwahluleka

IZAGA: Eziphathelene nokwahluleka -(Isaga) *(Incazelo) -Ithemba kalibulali * Inkulumo yomuntu odangele ngokwahluleka kwento abezithembise ngayo. -Amathe abuyele kwasifuba * Akasazi ukuthi uzothini, ngemuva kokuphoxeka. Kubuye kuthiwe ‘Inkukhu inqunywe umlomo, noma ‘Aphelile amankemfu(ama... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!