IZAGA: Eziphathelene nemibango
-Umlando ubanjwa yinkume/Umlando ubanjwe yinkume
*Kushiwo lapho izingxabano ebesezikade zedlula sezivuka phansi, sezivuswa izingane zalabo ababexabene
-Kuyokweqana izibiba
* Inkulumo eqondene nombango noma nokuphikisana njengezinsizwa nje zisukela intombi. Kusho ukuthi kophumelela onezibiba ezinamandla
-Umvuka wendulo
* Kuvuka kabusha umbango okwakucatshwanga ukuthi sewaphela
-Liphume nobomvu
* Konke obekumphethe kabi sekulungile, sekukuhle futhi, usexolile
-Ameva aphuma nobovu
* Udaba noma ngabe luzwisa ubuhlungu kangakanani kodwa kudingeka luphenywe, ukuze kulungiswe lokho okonakele. Ukuze ubuhlungu obadalwa ubovu kudingeka libangulwe iva
-Kubangwa umtulwa nemamba yini?
* Yisisho esitshenziswa ngumuntu osola ukuthi ubangiswa kungafanele
-Indaba ilala endleleni
* Udaba obelusingethwe aluphethwanga
-Ngingeyiphinde iminyani isibhuliwe
*Isisho esishiwo ngumuntu owenqabayo ukuba abuye axoxe udaba kanti selubhungwe lwaphela
-Indaba isiwe ngophondo
* Akusekho lutho olungabuye lwenziwe ngodaba lolo
-Isamagwala mabili
* Kuchaza izithandani uma zingasahoshelani Kahle umoya. Kanti nasembangweni kungachaza ukuthi akekho osafuna ukuluqhuba udaba
-Indaba ibekelwe amazolo
*Udaba luguqile , lulinde olunye usuku
-Akubuyelwa ngangxanye kungemanzi
* Abantu abacabangi ngokufana. Nasodabeni oluxoxwayo abanye baya ngapha , abanye baye ngapha. Abantu abayi nxanye bengemanzi
-Kwehlukana inhloko nesixhanti
* Sekunqanyulwa ujuqu ngabe ludaba obeludingidwa, kuzobonakala amanga namaqiniso. Kanti nomuntu osuke esonga angasisebenzisa lesi sisho athi ‘Mhla yadibana kuyohlukana inhloko nesixhanti”
#Khumu!