IZAGA: Eziphathelene nofuzo

IZAGA: Eziphathelene nofuzo

-(Isaga)

*(Incazelo)

-Inzimakazi izala ilungakazi

* Kuyenzeka ukuba izingane zingabafuzi abazali ngezimilo. Inzimakazi inkomo yensikazi emnyama bhuqe engenalo ibala, uma inebadlana ikakhulukazi elimhlophe kuthiwa ilungakazi

-Ukhamba lufuze iMbiza

*Umntwana ufuza abazali bakhe ngokubukeka kahle , noma ngokangabukeki kahle. Kubuye kuthiwe ‘Injalo iphuma edunjini, noma ‘Inkovu iphuma ethangeni’ , noma ‘Inkonyane ifuza unina”

-Ukhuni luzala umlotha/Isikhuni sizala umlotha

* Kusuke kushiwo kumuntu oqotho ozele izingane ezingathembekile. Lesi saga sesaguqulwa kwathiwa ‘uMfundisi uzala umthakathi”

-Isixhumo sifuza empunzini

* Ingane ibonela kubazali, incazelo yaso iyefana neyesithi ‘iNkonyane yomgakla/yomdlandla yeqa lapho kweqe khona uNina.

-Umbala uchacha enkonyaneni

* Ingane ifuza abazali , ngokubukeka kahle , noma ngokangabukeki kabi

-Akazalanga wabola amathumbu

*Kusuke kushiwo kumzali ozele izingane ezingenaso isimilo

-Nginjenje mntanethu ngoniwa yinkunzi

* Kangizidalanga ,noma kangizizalanga . Nami ngazalwa. Ngakho-ke ungalitheli kimi icala.

-Indaba ingendodana , uyise kanacala

-Kusefana nokuthi inzimakazi izala ilungakazi

#Khumu!

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo