IZAGA: Eziphathelene nokwahluleka
-(Isaga)
*(Incazelo)
-Ithemba kalibulali
* Inkulumo yomuntu odangele ngokwahluleka kwento abezithembise ngayo.
-Amathe abuyele kwasifuba
* Akasazi ukuthi uzothini, ngemuva kokuphoxeka. Kubuye kuthiwe ‘Inkukhu inqunywe umlomo, noma ‘Aphelile amankemfu(amanklemfu), noma ‘Inkukhu isikwe umlomo”
– Akalibonanga elidlalayo
* Ushaye eceleni, uphaphalazile, wehlulekile
-Isithukuthuku senja siphelela eboyeni/Umjuluko wenja uphelela eboyeni
* Akubonakali ukusebenza kwakhe
-Kulele kunye, ukuba kubili ngabe kuyavusana
*Baziphukuphuku bobabili
-Okwethu okwezandla
* Thina akukho nje okusilungelayo, sihlezi sihluleka
-Insema isimi ngokhande
* Usedalulekile, ububi nobuqili bakhe sebuvele obala
-Intendele ibindwe yisidwa
*Akasazi ukuthi uzothini, ngoba ubuqili bakhe sebudalulekile
-Kushe abilayo kwasha nasokhezweni/Asha abilayo kwaye kwasha nasophondweni
*Kuchaza ukuthi yonke imizamo yakhe yehlulekile
-Ucishe akadlelwa/Uciahu kadliwa
*Ukuthi cishe kusafana nje nokwahluleka kakhulu
-Ikhathazo labuyela emfuthweni
*Kuphele wonke amaqhinga kuye
-Iqhina likaMbethe
* Ukwehluleka komuntu obekade ezibabaza, ezikhukhumeza
-Uzithele kumalunda wazichoma
*Ukuthukuthela uphake impi uthi uyolwa nomuntu owedelelekile kanti lowo muntu unamandla acishe abe ngale kwawakho, nishayane nize nubukane
-Impi idle amahawu
* Wehlulekile
-Igade idiniwe
* Usehlulekile, indaba usuphelile,akasenamdlandla ngezinto ebeziligugu kuye
#Khumu!