IZAGA: Eziphathelene nokungabongi
-(Isaga)
*(Incazelo)
-Ungayishayi ingede ngoju
* Bonakalisa umbongo ofanele kulabo abakusizile. Ingede inyoni eholela ezinyosini. Elinye igama layo kuthiwa yihlamva. Akukhombisi umbongo ukushaya ingede ngoju ngoba sewesuthi esikhundleni sokuthi uyibekele amaqhimiza izidlele kahle.
-Ukwesutha kwakhumbuza uNoshinga ukuthakatha
*Umuntu othi ngoba nakhu esehlezi kahle bese echwensa
-Kubhulwa olwakwaSithutha uphoko
*Kushiwo ngomuntu osiza abanye kodwa lapho yena esefuna usizo angalutholi
-Inja idla umniniyo/Ingwe umniniyo
*Wukweswela umbongo nobuntu ukulaza lowo okondlayo
-Umuntu ubongwa engasekho/Umuntu ubongwa eFile
*Kukabili. Kungashiwo ekukhuthazeni owenza okuhle kepha bekubonakala sengathi lokho akwenzayo kushaywa indiva. Okwesibili , umuntu makenze okufanele angalindeli ukutuswa ngoba phela umuntu ubongwa eFile
-Umbeki weNkosi kabusi nayo
*Osiza abanye bavama ukumkhohlwa yena nxa sebephumelele
-Umlungisi uzithela isisila
*Owenzela abanye ubuhle nobulungisa uvamisa ukubuyekezwa ngobubi
#Khumu!