IZAGA: Eziphathelene nomendo .
={Isaga}
*{Incazelo}
=Umendo kawuthunyelwa gundane
*Intombaze uma iyokwenda isuke inazi ukthi iyophatheka kanjani ekhaya layo elisha , ize yazi uma isingenile, seyendile.
Lesi saga sisefana nesithi ‘Umendo kawubhulelwa’
=Umswani wembabala kawungeniswa ekhaya
*Kusuke kubhekiswe entombini ezalwa umthakathi, akufanelwe ithathwe ngoba iyofika iwubhuqe umuzi
=Kuphangwa umdaka linile yini?
*Uphuthuma umendo nje kwenzenjani?
=Ukuwa kwendlu wukuvuka kwenye\Ukufa komuzi wukuvuka komunye
*Kusuke kushiwo intombazane uma iyokwenda, abakwabo baye baphatheke kabi ngokuhamba kwayo iya ekhaya layo elisha, kodwa bayasizakala lapho yendela khona
=Umlobokazi uhamba esagcobile
*Umuntu kuhle ahambe kusekuhle , esathandeka
=Ukwenda wukuzilahla
*Ngoba intombazane kayazi ukuthi iyophatheka kanjani emendweni
=Akuqhalaqhala lehlula isidwaba
*Neqhalaqhala uyalivova umendo
=Uyofika kwamkhathali isidwaba siyohaqa
*Noma uliqhalaqhala nje uyokuqeda inkani umendo
=Ihlonipha lapho ingayikugcina {kwendela}khona
*Intombazane kufanele ihloniphe wonke umuntu ngoba kayizi lapho iyophelela khona
=Zala abantu ziye ebantwini, akuntombi iyogana inyamazane
*Intombazane yala insizwa ibuye iqome enye insizwa , ayiqomi isilwane
=Ilumbo livuka esidwabeni
*Kushiwo lapho sekuvela isimo soqobo ebesifihlakele, kungaba ubuthaka empilweni noma esimilweni. Kubuye kuthiwe {Amanyala avela endlini}
=Inhlwanyelo yethekelwa kubangane
*Uma umuntu efunela ingane yakhe umendo , uye abheke emizini yabantu abaziyo
=Umkhwenyana yisigodo sokuqhuzula{noma sokuxebula}
*Umkhwenyana yilapho bezikhalela khona abakubo nkosikazi yakhe uma behluphekile
=Uthando kalukhethi ludwani oluwela kulo
*Umuntu oseceleni anageze ayiqonda into eyenza insizwa nentombi yayo ukuba bathandane
=Intombi kayedlulwa
*Kulisiko lakwaZulu ukuba ithi insizwa lapho ibona intombi isho amabili amathathu , ikhombise ukuthi iyayibona ukuthi nanso intombi.
Syathokoza ngokusicobelela ulwazi lwesintu,ngob asikufundanga konke esikoleni.Mina ngikhala ngomlando wakwaNgobe sengiwubheke ngafika ekugcineni kwezibongo lutho