Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Umlando ngoMntwana uSitheku ka Nzibe no Mpande

  Nina abakaMdayi sabela kweliphesheya , uZalukazi zosala eManxiweni amaXhegu ayosala emizileni! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! #ISilo uMpande leso! Nina beSilo ake sibheke umlando kaMntwana uSitheku ka Mpande. UMNTWNA USITHEKU: UMntwana uSitheku kaNZIBE noMpande uzalwa yiSilo uMpande eNgodusweni kaMntwana uNzibe uMkhana wakwaQwabe. UMntwana uNzibe ka Senzangakhona wasala empini yakwaSoshangane  eyabe iphakwe yiLembe, iSilo uShaka , ngowe 1828. Yiyona kanye leyo Mpi lapho kwanyomuka khona  aBantwana oDingane , uMbopha noMhlangana baphindela emuva,ba... qhubeka ufunde »

Ukuchazwa kwezibongo zenkosi uDingiswayo ka Jobe ,yaBathethwa.

Nina beSilo enhla nasezansi ngiyanibingelela , ngethemba nisaphila enyangeni ka Ntulikazi (Julayi) sesiyigoqa. Nina beMbube ake sibheke izibongo zeSilo saBathethwa , iSilo uDingiswayo. Yisona phela iSilo saBathethwa esaqala umsebenzi wokuhlanganisa izizwe ukuba zibe yisizwe esisodwa, okungumsebenzi ... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNduna uMdlaka wakwaLanga.

  Umlando ngeNduna uMdlaka wakwaLanga   Nina abeGwija lika Mdlaka ligwegwe liyeze abasini beNgoma.UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala.ISilo uShaka leso.UMdlaka othinteka kulezi zibongo wayengowakwaNtshangase,wayezalwa nguNcidi.Babebabili oMdlaka,... qhubeka ufunde »

UMngwenya(Harpephyllum caffrum )

Nina abakaGaqa libomvu lawoBathonyile ,iSibuko sikaMaphitha benoNzibe , abebezibuka ngaso beya kwaNkosinkulu! IGwagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabhej”iShowe , kwaze kwaya kwabhej’uLwandle noThukela ! #iISilo uCetshwayo leso! Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeMbybe eshoba liyisilikthi. ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMvuthwamini(Carthium inerme , uDlozi la beZizwe)

Nina bakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyemeba ngimuke naye , ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe ! Enhla nasezansi ngiyanibingelela nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila ! UMvuthwamini: Nina abeSilo lo muthi eniwubona esithombeni esi... qhubeka ufunde »

UMaphipha oyintelezi(Albuca fastigiate)

.Nina abeNzima eyiwukwena koMkhumbane -khona kwena kungafakwa lunyawo! UGaga ngamanzi angawesi mlomo! Amanzi wodwa asale ababaze! UMlungu ongaphesheya komfula! Omunye ungaphgesheya kukaMpehlela noMaqhwakazi! UFipha luyiNdlovu enamanxeba ! #ISilo uDingane leso!!UVezi uMlamlela ngoba ulamulele abafazi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSende lenja (Cucumis africanus )

Incazelo ngeSende lenja  (Cucumis africanus) Nina abaeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobizeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda.IHwanqa eladla amanye amaHwanqa ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu.ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyab... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!