Ukuchazwa kwezibongo zenkosi uDingiswayo ka Jobe ,yaBathethwa.

Sandile Mthethwa, onguMdlali ebhola.

Nina beSilo enhla nasezansi ngiyanibingelela , ngethemba nisaphila enyangeni ka Ntulikazi (Julayi) sesiyigoqa. Nina beMbube ake sibheke izibongo zeSilo saBathethwa , iSilo uDingiswayo. Yisona phela iSilo saBathethwa esaqala umsebenzi wokuhlanganisa izizwe ukuba zibe yisizwe esisodwa, okungumsebenzi owagcina uqedelwa yiSilo uShaka, iLembe. Kule Post sizochaza izibongo zakhe okaJobe. Izibongo zenkosi uDingiswayo zithinta kakhulu isigameko sokuhlaselwa kwamadodana enkosi uJobe , ehlaselwa yinkosi uJobe ngamabutho ayo iJobe elimnyama kanye neJobe elimhlphe. Kulawo madodana ahlaselwa , naye wayekhona uMntwana uDingiswayo , ngaleso sikhathi wayesaziwa ngoGodongwana. Kuthiwa imbangela yokuhlaselwa kwamadodana enkosi uJobe kwaba wukuthi ayezwakale ekhononda mayelana nokuphila isikhathi eside kukaYise , okuthiwa wabusa isikhathi eside impelaa waze waba yiKhehla elidala. Kuthiwa amadodana enkosi uJobe abamba umhlangano , ekhononda ngokuphila isikhathi eside kukaYise, ethi kanti ufa nini kubekwe enye inkosi engewona uMdodovu weXhegu. *Wena Sinyemfu somfazi esintshontsha umsebenzi wami siyowufunda kuTikTok iyeke lento oyenzayo ngoba ekugcineni ngizothatha isinyathelo sokukusebenza ngendlela yami okuyindlela yesintu ene kuzokhala unyoko!*Kuthiwa kulowo mhlangano kwakunguMntwana uGodongwana wayehamba phambili ekukhulumeni, yebo kuthiwa nabanye babameseka, kodwa nguyena owayekhuluma kakhulu. Kuthiwa kwaba khona owabezwa bekhuluma kulowo mhlangano, wabe esekhokhoba eyonyenyezela inkosi uJobe ngakho konke okwakushiwo kulowo mhlangano. Kuthiwa yathukuthela yathelwa ngamanzi inkosi uJobe, yaphaka impi yayohlasela oYengweni lapho leyo mpi yafica khona amadodana enkosi uJobe engezelele , yawangenela ngomkhonto iningi lawo lasala enkundleni, kuthiwa uMntwana uGodongwana yena wakwazi ukweqa uthango nomkhonto unamathele ethangeni , waphulukundlela wabaleka. Kuthiwa impi yenkosi uJobe yamlandela yaze yamthola, kodwa isimanga kwaba wukuthi esikhundleni sokuthi imqedele yona yamkhipha umkhonto , yambopha nenxeba maqede yamdedela wahamba. Kuthiwa wagcina ehambe impela waze wayofika enkosini uBhungane wahlala khona waze wabuya kwelaBathethwa esezwile ukuthi uYise wayesekhotheme. Kuthiwa watheleka kwaMthethwa kwethuka wonke umuntu ngoba abantu babengasakholwa ukuthi wayesaphila. Bathi waqhamuka egibele iNjomane , ephethe neNduku yamagwala okusolakala ukuthi wayekuthole kumaPutukezi kwazise wona ayeseqalile ukubonakala kweleNgabade ngaleso sikhathi. Wathi uma efika wazitholela igama elisha , kwathiwa usenguDingiswayo, ngoba wayedingisiwe , edingiswe wulaka lukaYise.

Ake sizibheke izibongo zaso iSilo saBathethwa:

1-UMafavuke njengeDangabane

-Imbongi ifanisa inkosi uDingiswayo neDangabane  ngoba phela wahamba isikhathi kwelakwaMthethwa kangangokuthi abantu bagcina bengasakholwa ukuthi wayesaphila. IDangabane wuhlobo lokhula olumila emaxaphozini , oluhlakula namuhla , luvuke kusasa.

2-USombangeya ka Ndaba

-USombangela , kwazise phela aBathethwa bayayeyeza. USombangela ngoba wabangela abafowabo ukubulawa yimpi kaYise.

3-Sombangeya ka Ndaba bamhlabe ngeNjongolo , bambangela amanxeba okuluphala

-Lezi zibongo zithinta ukugwazwa kwakhe , ukuluphala kusho ukuguga.

4-USongobese wamakhanda inkomo yanganene, iyakuthengana nayiphi na eNenekazi? Iyakuthengana noMbangambi woVuma eMashobeni!

-UMbangambi lona othintwa ezihashweni wayenguMalume wenkosi uDingiswayo.Wayelama nonina wenkosi uDingiswayo uMabhamba, babezalwa nguNzimase ka Donda ka Shiya wakwaMbokazi. Umuzi ka Mbangambi kwakuseMashobeni.

5-UMsindo olapha ngowani? Bahlaba iNdlovu yakoDelwase!

-Nazo lezi zihasho zisakhuluma ngakho ukuhlaselwa kwezinsizwa zenkosi uJobe, iNdlovu yakoDelwase kushiwo yona inkosi uDingiswayo.

6-UGodongwana woYengo

-Kushiwo yona inkosi uDingiswayo, uYengo kwabe kungumuzi kaYise.

7-USombangeya kasoz’atshelwa zindaba, uyatshelwa izindaba ugijimela ehawini.

-Kuthiwa inkosi ekubuseni kwayo inkosi uDingiswayo yayikuthanda kakhulu ukuphaka izimpi.

8-IMpunzi evuke nomkhonto, ugodo kalushi ngokubaselwa.

-Nazo lezi zisemayelana nokuhlaselwa kwayo inkosi uDingiswayo ihlaselwa yimpi kaYise.

-UNyawothi omnyama uNofuthwayo

-Lezi zihasho zisho ukwephana enkosini yaBathethwa, kuthiwa yabe iyinkosi eyephanayo. UNyawothi uhlobo lwamabele olwalulinywa emansini ngezikhathi zakudala, lolu hlobo lwamabele lwalugaywa lube yimpuphu okuyophekwa ngayo iSitshwala(Pap). Lolu hlobo lwamabele kuthiwa kwakubuye kuphiswe ngalo utshwala .Ukufukuthwa ukudla inyama ebomvu luhlaza , isaconsa igazi .

9-UNgqwashi obomvu wawoHhamuyana, omabala azinze sengathi abekiwe.

-Kuthiwa wayemuhle ebukeka okaJobe. UHhamuyana udadewabo ababelana naye benomnewabo oThana , uThana wasala enkundleni mhla kuhlaselwa amadodana enkosi uJobe oYengweni.

-INgqamb’eyahlula amakhosi amanye! EbinjengoSongodo esahlula uMalusi! USahlula amakhosi asoHlangeni!

-Lezi zona zichaza ubuqhawe bakhe okaJobe, maningi amakhosi awehlula. UMalusi wabe ebusa uhlangothi lwaMaNdwandwe akwaNxumalo.

  1. UZulu lidume futhi Gwabi ka Ndaba ! Izindlukula zamaNtungwa zimukile! Lidume eNhlangwimni kuBathembu, aBathembu bakhweza baya ngoJama ka Mnisi ! Ngithe ngisadla ezinye! Ngabuye ngadla ezinye!

-Nazo lezi zishasho zisachaza bona ubuqhawe bokaJobe. Empeleni inkosi uDingiswayo yabe iyiSilo ngoba maningi amakhosi ayewagebisa amakhamba kuyo. Sibala nayo inkosi uZwide eyagcina imsocongilse okaJobe ngokwelekelelwa nguNina uNtombazi ,nayo yayikhothama kokaJobe. AmaNtungwa okukhulunywa ngawo inkosi uDonda , inkosi uBheje kanye nenkosi uMashobana okuthiwa nawo agcina ebe ngamanye amakhosi agcina esebusa ngaphansi kwenkosi uDingiswayo. Izindlukula yimiqhele eyakhiwa ngezinsiba zeziNtshe okuthiwa amaNtungwa ayehloba ngazo. Inkosi uJama ka Mnisi yaBathembu yakhothama ibulawa yinkosi uDingiswayo, ngemuva kokukhothama kwayo aBathembu babuswa yinkosi uNdina ka Mnisi nayo eyabuye yahlaselwa yiLembe.

11-UNkomo zabantu zinenkelenkele, zikhungela izingobe emashobeni.

-Inkelenkele kushiwo icala, izingobe kushiwo imikhonto. Imbongi ithi izinkomo zabantu zinecala ngoba zikhungela imikhonto emashobeni ngoba phela inkosi uma idla izinkomo zenye inkosi leyo nkosi esuke idlelwe izinkomo nayo izophaka impi ilandele impi edle  izinkomo zayo.

Khumu!!

Niphile nina bakaSombangeya ka Ndaba . Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” ufunde ngamakhambi esiNtu.

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo