
INtatheli uVusizwe Langa
Umlando ngeNduna uMdlaka wakwaLanga
Nina abeGwija lika Mdlaka ligwegwe liyeze abasini beNgoma.UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala.ISilo uShaka leso.UMdlaka othinteka kulezi zibongo wayengowakwaNtshangase,wayezalwa nguNcidi.Babebabili oMdlaka, futhi bobabili baphila ngesikhathi esifanyo ,okuyisikhathi sokubusa kweSilo uShaka, kanti bobabili babe beziNduna zalo iLembe,iSilo uShaka.Kwakukhona uMdlaka wakwaNtshangase kanye noMdlaka wakwaLanga.UMdlaka wakwaNtshangase wabe emdala ngokweminyaka kowakwaLanga,wabe enguNdunankulu weSilo uShaka,nguyena owayehola zonke iziMpi zeSilo uShaka, nguyena owayehole iMpi yakwaSoshangane ngowe 1828 , okwathi nxa iMpi ibuya khona kwaSoshangane yafica iLembe selikhotheme, lisocongwe ngabafowabo.UMdlaka wakwaNtshangase wayengobongwa ngokuthi ungu” Khatha lukhulwini abalwesabayo uZulu,uMalobola ngomkhonto kwaNxaba ka Mbekane”.UNxaba ka Mbekane lona wabe eyinkosi yakwaMsane , wagcina efudukele enhla nezwe ngemuva kokuhlaselwa yiMpi yeLembe eyabe iholwa nguye uMdlaka ngowe 1821.Inkosi uNxaba yagcina ikhothamale emfuleni uZambezi ngowe 1834 ,ibulwa yiMpi yenkosi uSebetwane waBafokeng.
UMdlaka ka Sodumase.
Owesibili uMdlaka wayengowakwaLanga ,kuthiwa wayezalwa uSodumase,naye wabe eliqhawe elikhulu leSilo uShaka ebuthelwe ebuthweni loFasimba ayebuye alihole futhi eyiNduna yalo.UMdlaka Langa wayebuthwe yisona iSilo uShaka simbuthela eButhweni loFasimba ngowe 1818. Iningi lezinsizwa zeButho lo Fasimba zazizalwe ngowe 1795 kuya kowe 1798.Lezi nsizwa zathi uma seziganwa zaganwa yizintombi zeButho loMvuthwamini.Kuhambe kwahamba uMdlaka wagcina eseluhola uFasimba.UFasimba lwalwa ngobuqhawe obukhulu empini eyabe iphakathi kukaZulu ngaphansi kwaso iSilo uShaka kanye noNdwandwe ngaphansi kwenkosi uZwide.NguZulu owadla umhlanganiso kuleyo Mpi eyalwa izikhawu ezintathu. Isikhawu sokuqala salwelwa egqumeni kwaGqokli oNdini, esesibili salwa emfuleni uMhlathuze okuthiwa wawugcwele udla izindiwani , isiwombe sesithathu kuthiwa salwa oPhongolo , hhayi eNkandla njengoba kuhlezi kushiwo. UMdlaka Langa wayakhe umuzi wakhe waseNhlonga ngaseNsuze , eNkandla.Okuyilapho isizukulwane sakhe sisatholakala khona kuze kube namuhla. INtatheli uVusizwe Langa ungomunye walabo abaphuma esendeni likaMdlaka . iqhawe leLembe. Omunye umuzi weQhawe uMdlaka wawu kwaKhwibi eduze kwakhona eNhlonga.UMdlaka wazala uNdwandwe,owaba ngesinye seZikhulu zeSilo uCetshwayo. UNdwandwe walwa ngobuqhawe obukhulu eSandlwana waze wazitholela izihasho ezithi ungu”Mgwazi wabathi Amen eSandlwana”. UNdwandwe ka Mdlaka Langa wasala enkundleni mhla uMntwana uZibhebhu ehlasela oNdini mhlaka 21 Ntulikazi (Julayi) ngowe 1883 , lapho kwasala khona enkundleni iZikhulu zeSilo uCetshwayo eziningi,esingabala kuzo oGodide ka Ndlela Ntuli, uNtshingwayo ka Mahole Khoza, uMbopha ka Holizibi Hlabisa,kanye nezinye iZikhulu.
Khumu!
Niphile nina abakaHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi ngamakhambi.