Incazelo ngeSende lenja (Cucumis africanus )

Incazelo ngeSende lenja  (Cucumis africanus)

Nina abaeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobizeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda.IHwanqa eladla amanye amaHwanqa ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu.ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo.Ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu,cha,thina sisaphila eMantungweni.Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa yiSende lenja igama layo.NgesiLungu soSosayensi ibizwa nge Cucumis africanus.AmaBhunu ayibiza nge Wilde agurkie,noma Doringkomkommertjie.Ka se Pedi bare ke Monyaku. NgesiXhosa kuthiwa uMathangazana. Kanti ngesiNgsi ibizwa ngeWild cucumber,noma Wild gherkin.Nina beSilo amacembe ale Nduku ayadliwa,ayiMfino okuthiwa inomsoco obizwa ngeCalcium.Kanti isithelo sayo kuthiwa asilokothwa ngoba sinobuthi obuyingozi kabi.Siluhlaza ngokombala uma singakavuthwa, uma sesivuthiwe siyawugyuqula umbala ube phuzi.

Lenzani iSende lenja?

Nina beSilo isithelo seSende le nja siyachatha,sichathela ukuqinisa uBhoko lweSisu,sichathela futhi nenkinga yeNzalo.Sichathela futhi nokudumba noma ukukhukhumala kwamaNkwahla.Nina beSilo isithelo seSende lenja sichathela nje ukulungisa yonke imithambo yenzalo kowesilisa.Kodwa siyingozi kakhulu,sidinga ubunono nokuqaphela lapho umuntu ezosisebenzisa.Ubungozi baso bufana nobesithelo seNtuma.Uma umuntu ezosebenzisa iSende lanja,kuye kudingeke ukuba umuntu aqaphele kakhulu uma esefa noma ecwenga , ngoba kwangena inhlamvu noma ixolo umuntu uyahamba impela aye kwaGoqanyawo.Kuye kusetshenziswe sona isithelo uma kuzochathwa ngeSende lenja, isithelo esesivuthiwe. Siye sixovwe ngamanzi afudumele, bese sicwengwa ngeNdwangu yeLineni elicolekile kuqinisekiswe ukuthi akungeni nhlamvu. Isikali siye sibe sincane kakhulu nina beSilo,izinkezo ezimbili zokudla zanele,phecelezi two table spoons . Sona futhi isithelo kuye kuphalaziswe ngaso inja uma igula , iphethwe yinyongo , iye iphakelwe ubisi kuqala,uma isiluxaphe yaluqeda kuye kuthathwe-ke isithelo seSende lenja sihlikihlwe emakhaleni enja.Iyoluphalaza lonke ubisi ikhiphe nayo yonke inyongo.Impuphu yeSithelo seSende lenja iye ithakwe noMlulama ibe ngumuthi wokugeza umuntu wesilisa uma ezongena owesifazane owashonelwa uMyeni.UMlulama uMadlozana.Amacembe eSende lenja aye athakwe nezimpande zalo iSende lenja , abiliswe abe yiSiphungo esiphungelwa ukushisa izilonda ngaphakathi esiswini ,emapheshini,ezibindini, esinyeni njalo njalo.Lesi Siphungo sibuye sibe sihle nasekuvuseleleni imizwa yocansi kubo bobubili ubulili.

Khumu!

Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu ngempande.

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo