Umlando ngoMavumengwana ka Ndlela Ntuli Nina abeGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde,kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela.ISilo sakithi oNdini leso,iSilo uCetshwayo.Ngethemba nisaphila nina beSilo.Ake sisike kwelijikayo ngomlando kaMavungwana ka Ndlela wakwaNtuli,Le nsizwa yaseMabheleni yayizalwa yiqhawe leZilo oDingane noShaka,uNdlela ka Sompisi,uNdlela wayenguNdunankulu weSilo uDingane.Wayebuthelwe ebuthweni leNtontela ebuthwe yinkosi uSenzangakhona.UNdlela wahola uZulu eNcome ngenkathi ulwa namabhunu ngo1838.Wayelekelelana nesekela lakhe uNzobo ka Sob... qhubeka ufunde »