IZAGA: Eziphathelene nenkani

IZAGA: Eziphathelene nenkani

-(Isaga)

*(Incazelo)

-Uyakubuya yedwa njengengubo ka Ziyongo

*Myekeni nenkani yakhe kodwa kuyakumfica ukwenza. U-Ziyongo wayengowakwaMthethwa

-Isalakutshelwa sibonwa ngomopho

*Umuntu ongafuni ukulalela izexwayiso zabanye ugcina ngokuba senkingeni

-Umvundla ziyakuwunqanda phambili/Hamba juba bayokucutha phambili

*Qhubeka nenkani yakho, noma qhubeka nezenzo zakho ezimbi kodwa ukwenza kuyakuxaka. Ziyokubuyisa izinhlopheko, noma bayokubona amanamehlo

-Kwaphekwa yena kwaphekwa itshe , kwavuthwa itshe kuqala

*Akunkani yiselesele liphikelele emsamo. Inkani yakhe ixaka ukwenza

-Akunkani yiselesele liphikelele emsamo

*Umuntu ophikelela ukwenza okushiwo yikhanda lakhe noma esekhuzwa

-Uyoluthez’olunenkume

*Qhubeka nenkani yakho kodwa uyongena ezinkingeni ngelinye ilanga

-Mathe ami ngilinde

*Angisazimisele ukwanda ngamagama kodwa siyobona ukuthi iyozala nkomoni

-Inkomo icolile inone

*Bengithini-ke wathini wena? Kwenzeke kahle kwahamba ngale ndlela

-Woze utheze umqokolo ukholwe ngameva

*Kushiwo umuntu onenkani ukuthi woze abone kabi

-Amaphikankani afela enkanini

*Lowo ongafuni ukulalela lapho ekhuzwa uvama ukungena engozini

-Ababuyisi baphambili

*Kusefana nokuthi ‘Umvundla ziyakuwunqanda phambili’

-Siyoyicela ivuthiwe

* Soke sibone ukuthi iyolunga yini lento yakho

-Wofika kwangqingetshe

*Kuyoze kukufice ukwenza

-Ngiyokubuza kuvunde igundane

*Uyosho ukuthi ngasho. Qhubeka nje wena nenkani yakho

#Khumu!

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo