
uSolo noma uMgadankawu
Nina abeMbube eshoba liyisilikithi iGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo! ISinakanaka sezincwadi ebezibhalwa uMalimade kwabamhlophe abeLungu.ISilo uCetshwayo leso iSilo sakithi oNdini.
uSolo noma uMgadankawu
Nina beSilo le Nduku eniyibonayo ibizwa ngokuthi uMgadankawu igama layo . Ibuye yaziwe ngelikaSolo . Kule Nduku kuye kusetshenziswe igxolo nina beSilo . Liyangena igxolo lale Nduku kwezokuthandeka .Ithandeka kakhulu insizwa edla le Nduku nina beSilo , ayayazi amaSoka le Nduku. Liyangena igxolo lale Nduku nakwezenhlanhla, kwezokudonsa , kwezokugembula , lihle futhi nakwezokukhushulwa emsenenzini .Lihle nakwezokufesa . Lihle kuyo yonke into ethinta imali. Igxolo lale Nduku liyangena kwezokugeza isichitho , lihle kakhulu kuleyo ndawo. Nina beSilo le Nduku iyageza , iyagquma iyaphalaza futhi . Le Nduku ibuye ibe yintelezi . Igxolo layo liyangena kwezokuchela ikhaya. Iyangena futhi le Nduku kwezokucupha . Iyalwa le Nduku nina beSilo kufa nomuntu, ifana neSibhaha , iLabatheka noQeduhlono. Ziyalwa lezo ziNduku nina beSilo. Igxolo lale Nduku lihle nasekuqedeni izinduna. Liyangena embizeni yomzimba omubi. Liyangena futhi nakwezokucija uBhoko lweSisu kanye nakwezokukhulelwa noma ukukhulelisa. Le Nduku ithandwa nangabeLungu , bayayatshala emakhaya abo.
Khumu!
Niphile nina beSilo . Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”
Akwande mkhulu