IZIGABA EZINHLANU ZOKUKHULA KWENKOMO:

IZIGABA EZINHLANU ZOKUKHULA KWENKOMO:
Inkomo iyisilwane esibaluleke kakhulu kubantu basebuNguni, uthando lwabantu basebuNguni enkomeni luncike kakhulu ekutheni inkomo yenza emikhulu imisebenzi, kulinywa ngayo,iyasengwa, kuyalotsholwa ngayo(ize namuhla sekwalotsholwa nangemali),iyahlatshwa idliwe nokunye. Ake sibheke indlela inkomo ekhula ngayo ngokwezigaba.
Umvemve
Lesi yisigaba senkomo esencane ezelwe noma esanda kuzalwa. Isuke isezingeni lokuba ukhaba noma ufokothi okuthi nxa seluwile inkonyane iqale ukunuka utshani, kodwa ingabudli, iphile ngokuzincelela ubisi kunina nje kuphela. Leli gama elithi ‘umvemve ‘ alikhethi bulili bankomo. Liyavela leli gama lomvemve ezibongweni zeNgwenyama uBhunu kaMbandzeni kaMswati kaSobhuza uma kuthiwa
‘Umvemve wakithi engingeze ngawubeka emzazeni(ethombeni), ngingawubeka kwaZambode wamagugu’
Le Ngwenyama yakwaNgwane yayibongwa kanjalo nje kungoba yabusa isencane, kwaZambonde kwabe kuwumuzi kanina uMaMdluli uLabotsheni.
INkonyane
Njengoba lizisho nje leli gama eliyisinciphiso sebizo lobunye lesigaba sesihlanu(inkomo),lapha kusuke sekuyisigaba lapho isiqala ukudla utshani khona. Kulesi sigaba inkonyane ithanda ukudlala itshakadule, isubathe ngesikhulu isivinini. Lo mkhuba ivamise ukuwenza noma kungonakele lutho nje kodwa bese iwuqinisa uma ikhethwa ifakwa ethombeni ntambama. Kwesinye isikhathi iye ibashiye abafana igcine ingalalanga ethombeni. Lokhu kugcina kwenze inkomazi eyizalayo ifohlile esibayeni yalandela inkonyane. Iyifune ize iyithole kanti kwesinye isikhathi igcina idukile yangena kweminye imihlambi. Lokhu kususa omkhulu umsindo ngoba kubukeka kuwubuvamba babelusi. Kuze kusize lona uphawu uma isishayiwe ngoba kusheshe kwazeke ukuthi iphuma kwesikabani isibaya. Ukuceba kolimi lwesiZulu kugcina kuveze ngisho isaga esikhuluma ngenkonyane njengesithi
‘inkonyane isathuka isisinga’
Lesi‎ saga sishiwo sibhekiswe kumuntu ongakejwayeli ukwenza into. Uba namaphutha uma eyenza ngenxa yokungejwayeli. Inkonyane nayo uma iqala ikhulekwa ngesisinga igila imikhuba ngoba isuke ingakaze yenziwe le nto. Kwesinye isikhathi iyawa iziginqe phansi kabuhlungu, lokho kungaze kuyiholele ekuntsinyweni isisinga noma ekuphoqokeni kwethambo, yephuke.
Kukhona nesisho esikhuluma ngayo inkonyane esithi
‘yawuchitha umuthi inkonyane’
Incazelo yaso wukuthi kusuke sekonakele, sekuchithike amanzi esigujini ngoba uma esethe achithika lowo osuke ewachithile akakwazi ukuwabuyisela esigujini. (Uma sekonakele sekonakele, akubuyeleki emuva)
Ithole
Lesi yisigaba lapho inkonyane incela kuphume amagwebu ngoba isuke isincela mawala,isiqala ukuba namandla. Le ndlela encela ngayo ibizwa ngokuthi ukuxhofuza futhi isuke isinamandla nasekudleni utshani. Uma uyibheka ngaphezu kwamadlebe uye ubone amaqhubu lapho okusuke sekuzophuma khona izimpondo. Kukhona nesisho sesiZulu esisuselwa kuleli gama esisuke sibhekiswe kumuntu. Lokhu kuveza ngokusobala ukubekwa kwenkomo ezingeni eliphezulu ngoba ithole lize lenziwe samuntu uma kuthiwa
‘ inkunzi isematholeni’
Iguqa
Isigaba sesine kuthiwa liguqa. Lesi sigaba ithole libonakala ngokuthi uma lincela lize liguqe ngamanqina angaphambili. Lokhu kwenziwa ukuthi lisuke selikhulile,sekufanele ukuthi lizenze libe mfushane ukuze lifinyelele kahle emibeleni kanina. Kwesinye isikhathi iguqa alibe lisathanda ukwehlukana nobisi lwenkomazi. Uma kukhona isimo esinjalo, liye lifakwe umkhala emkhaleni ukuze lingakwazi ukuncela, ligcine ludikilile ngoba uma lincela lizwa ubuhlungu noma lihlabe unina. Okulandela lapho-ke kuba ukwephusa ngoba kusuke sekuzophela unyaka inkomazi isimithi futhi isizozala.
Ngemuva kwalokho-ke inkomo isuke isisesigabeni sokuba yinkomo esikhulile uma kungeyenduna isiyijingosi ifundiswe ukuboshelwa uma kungeyensikazi isuke isiwumthantazana(ithokazi) isizolandelwa izinkunzi.

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo