Umlando ngaMampondo

AMampondo

AMampondo
Isifundazwe saseMpumalanga Koloni saziwa njengesifundazwe saMaXhosa, eqinisweni isifundazwe saseMpumalanga Koloni sixube izizwe nezizwe, ezinye zalezo zizwe aziwona aMaXhosa ngokwendabuko.
Izizwe ezingewona aMaXhosa yilezi ezilandelayo. EsaMampondo, esaMampondomise,esaMaHlubi, esaBeSuthu, esaseBathembu, kanye nasaMaBhaca. UKhokho wawo wonke aMaXhosa nguMalangana kaMnguni kaNtu. Ngesikhathi seNgonyama uShaka inkosi eyayibusa isizwe sakwaXhosa inkosi uHinsa kaKhawutha kaGcaleka ka Phalo. Aah! Zanzolo!
Inkosi uHinsa yakhothama ibulawa amaNgisi, kuhlawumbiselwa ukuthi yakhothama ngonyaka ka 1835.Ngesikhathi seNgonyama uGcaleka kwabuye kwadaleka obunye futhi ubukhosi kwaXhosa. Lobo bukhosi obenkosi Rharhabe owabe engumnawa weNgonyama uGcaleka. Lobo bukhosi obakheka baziwa ngokuthi ubukhosi baMaRharhabe.
Ziningi izizwe kwaXhosa, futhi ezinobukhosi bazo. Ngingabala izizwe zaMaXhosa OMthonyama
Nazi izizwe eziwela kuMaXhosa oMthonyama
1. AmaTshawe, bathakazela bathi Tshiwo, Mdange, Nkosiyamuntu,
2,AmaKhwemte ,bathakazela ngokuthi Dabane, Gqabaza, Sgadi
3.AmaJwarha, oMtimka labo, oJotela, oMazaleni, oMbelu,
4. AmaKwayi, ONgconde labo, oTogu, oBulawu,
5. AmaCirha ‎oNyembezana labo, oKhawuta, oNojaholo,oMhlanhla,
Ziningi bakwethu izizwe eziwela kuMaXhosa oMthonyama ezinye zazo sengizilibele
Besekuba khona nezinye izizwe engicabanga ukuthi ziphuma kwezinye zalezi zizwe engizibhale ngenhla, ezingewona amaXhosa ngokwendabuko
Lezo zizwe ilezi:
AmaBomvana. OTshezi, oGebe nezinye( amaBomvana endulo ayebusa uGambushe owaxhumene kakhulu naMampondo .
AmaNtande oDlomo, oZonda ziintshaba, oSopitsho
AmaGcina oHelushe, oXhamela
AmaBhaca enkosi uMadzikane wona izwe lawo yiMount Frere nokuyilapho kukhona idlinza lenkosi uMadzikane. Inkosi ebusa manje inkosi uMadzikane wesibili.Aah! Thandisizwe!
AbaThembu bona bawuzalo lukaNgoza kaMkhubukeli izwe labo yiMthatha uma ngingaphosisi, inkosi eyayibusa ngonyaka odlule inkosi uBuyelekhaya Dalingcebo.Aah! Zwelibanzi!
Ngizogcina ngaMampondo
Ngesikhathi seNgonyama uShaka aMampondo ayebuswa inkosi uFaku kaNggungqushe kaNyawuza kaThahla kaNdayeni kaChithwayo kaBhala kaGangatha kaCiya kaCabe kaNcidise kaMsiza kaThobe kaZiqelekazi kaHlambangobubende kaSansabe kaMuthwa kaSithula kaMpondo kaNjanya kaSibiside.
Ngesikhathi iLembe ligasela aMampondo impi yalo yasuka kwaBulawayo ngaseNdlayangubo eShowe yayomisa eSihluthankungu. Yathi nxa isuka lapho yayophu‎mula eMzimkhulu.EMzimkhulu yase ihlukana phakathi enye yaholwa nguMdlaka kaSodumase Langa enye yaholwa nguManyundela. Lena eyayiholwa nguManyundela yona yayizohlasela aBathembu nezinye izizwana ezabeleka kwaZulu. Kuthe lapho aMampondo ethola umbiko othi ingene ekaZulu,uFaku wabaleka nabantu bakhe nemihlambi bayobhaca amahlathini aseMngazi. NoGambushe owayebusa aMabomvana naye walingisa uFaku. Kuthe lapho womabili lamakhosi esecabanga ukuthi uZulu usehambile, aphuma ekubhaceni kanye nezinkomo zawo. Wawathelekela uZulu. Abaleka aphindela ehlathini kodwa imihlambi yasala ngemuva. Wawuyawuthumba njalo uZulu.
Liyavela igama laMampondo ezinongweni zeLembe uma kuthiwa
‘Inyathi ejame ngomkhonto phezu koMzimvumu
AMampondo ayesaba nokuyehlela’
Nani boGambushe!
Nani boFaku!
Ziqhubeka zithi
‘ Ohlangane nodwendwe lwankankana
Mhla eyodla aMampondo iziphukuphuku’
Isizwe saMampondo saqanjwa ngoMpondo kaNjanya, sengathi uMpondo wayeyiwele noMpondomise naye owagcina esezakhele esakhe isizwe esaqanjwa ngaye,esisazobuye sixoxe ngaso. AMampondo azakhela udumo ngesikhathi soMfecane ngokuqala ukwakha uhlobo lomkhonto obizwa ngokuthi iKhebezane.Lolu hlobo lomkhonto lucishe lufane neKlwa, umahluko wukuthi umphini weKhebezane uyasinda, kanti futhi aMampondo ayeciba ngawo. Inkosi uNgqungqushe eyaqala iKhebezane. Izwe laMampondo iLusikisiki lehle njalo lize liyofika ngaseNyandeni (Port St.Johns)
AMpondo ahlobene kakhulu nabakwaMkhize ngoba uSibiside wayengowaseMbo.
UChithwayo wazala uKhonjwayo owazala uKhiwa owazalauNgceluka owazala uNdzondela eNdlunkulu noNsikinyani eKhohlo.
UNdzondela wazala uHlaka owazala uNgetu owazala uPhoswa owazala uSilwanyana owazala uMakalanyana owazala uSikhehlana owazala uTatana.
Indlu yaseKhohlo
UNsikinyana wazala uMakhanda owazala uNogemane owazala endlunkulu, ekhohlo wazala uThungana.
UNomagemane wazala uGwadiso owazala uGodloza owazala uNtenteni owazala uGobizithwana( uZwelidumile) owazala inkosi uDumisani ebusa isizwe samaKhonjwayo manje.
UMakhanda kaThungana ikhohlo wazala uSithelo owazala uPhonyela owazala uMakhizinyani owazala uHlathikhulu owazala uThulani
Okunye odinga ukuqashelwa ukuthi kukhona izizwe ezaziwa ngokuthi AmaFengu. Kuthiwa leli gama laqbeka ngesizathu sokuthi lezi zizwe zazintula izwe lokwakha.
Izibongo zamaFengu iningi lazo izibongo eziqhamuka kwaZulu. Singabala abakwaMtolo, Khumalo, Dlamini, Nkomo nezinye
Abantu bakwaNkomo bazalwa kwaKhumalo, ukhokho wabo nguYengwayo Khumalo .UYengwayo wazala uNgubeni owazala uNkomo owazala uNgwadi owazala uZuba owazal uMnqansa. Iqhawe elagqama kakhulu kwaNkomo nguGolela owayephila ngesikhathi seNgonyama uDingane.
Ake ngime lapho nina baka‎Maswezisela wakithi kwaBulawayo,oswezisele uZwide ngamagqandula’
#nguShaka lowo
Kulobe iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo