Umlando ngenkosi u-Ngwana Maseko

U-Ngwana Maseko

*UNgwana kaKhubonye Maseko

Abantu bakwaMaseko bangaMaThonga Nguni ngokwezigaba zabeNguni. Eminyakeni yama 1700  laba bantu bakwaMaseko ‎sibathola bezinze lapho sekuyiSwazini khona namuhla. Njengabo bonke abeNguni nabo babekade beqhamuke eNkabazwe yezwekazi laseAfrika. Ngenkathi kubusa iNgonyama uSobhuza eSwazini abantu bakwaMaseko babebuswa inkosi uNgwana wesithathu kaKhubonye kaNdlovu. UNgwana wakwaMaseko akahlobene noNgwane wakwaDlamini ukhokho weNgonyama uSobhuza. Imizi yenkosi uNgwana lll yayiminingi impela kodwa namuhla ngizothinta emithathu kuphela. Leyo mizi iMbabatane, iNdumetulu kanye iMpangele. Induna yaseMpangeleni kwakunguZulani kaKhubonye umnawakhe wenkosi uNgwane lll. Induna yaseMbabataneni kwakunguHlalo Gamedze. Induna yaseNdumetulu kwakunguKhahlo Jamela. Yonke le mizi yayakhelwe ezweni laseSwazini. Lokho kufakazelwa ukwanda kwabantu bakwaMaseko eSwazini. 

Lesi sizwe sakwaMaseko sibuye saziwe ngokuthi isizwe saMaNgcamane, kususelwa egameni likakhokho walesi sizwe uNgcamane ‎kaNgwana l .Yena-ke wazala uNgwana ll, uSimelane, uNdlovu nabanye. Ngakho-ke abakwaSimelane bayizihlobo zegazi nabakwaMaseko.  


Kuthiwa isizwe sakwaMaseko sathi sisahleli sinethezekile sahlaselwa iNgonyama uSobhuza. Lempi yaliwa izikhawu ezimbili. Kwesokuqala impi yenkosi uNgwana yakwazi ukuyihlehlisa eyeSilo uSobhuza kodwa kwathi kwesesibili yagqenywa udume olungeqiwa ntwala kangangokuthi inkosi uNgwana lll yaqoqa bonke abantu bayo yahamba yaze yayomisa lapho sekuyizwe laseZimbabwe khona .Izwe lakhe lalisuka ngasemfuleni uMuthilikhwe lihambe njalo lize liyovinjwa umfula uNgulukudela (Limpopo River). Umfula uMuthilikhwe ungenela emfuleni uSabelo bese uSabelo angenele oLwandle lwaseMozambikwe. 

Kwathi ngokuhamba kwesikhathi kwafika uZwangendaba owayehola enye ingxenye yaMaNdwandwe ngemuva kokunqotshwa kwawo yiNgonyama uShaka. UZwangendaba wayekade edlule ezweni laseSwazini wahlasela  eminye yemizi yeSilo uSobhuza wathumba enye ingxenye yamaSwazi. Kulabo bantu ababethunjiwe kwakukhona uNyamazana(esisazobuye sixoxe ngaye) owesifazane owagcina egane inkosi uMzilikazi. Ngakho-ke ngenkathi inkosi uMzilikazi ifika ezweni laseZimbabwe yafica sekukhona abaNguni.  

Inkosi uNgwana yamamukela kahle uZwangendaba yamsikela nezwe endaweni eyaziwa manje ngokuthi ise Mzingwane buqamma nedolobha lakwaBulawayo. Bathi besahleli kamnandi kwaqhamuka uShoshangane Nxumalo  naye owabe esazikhotha amanxeba empi kaZulu ngoba naye wayekade elwe ngasohlangothini lwaMaNdwandwe empini yaseMaZulu naMaNdwandwe. UNgwane lll wamemukela kahle uShoshangane wamnika nezinkomo ayezozihlaba endleleni ngoba wayephikelele lena kwelaMaNyika (eMutare) lapho afika akha khona. Izwe lakhe lalisuka khona ebuNyika lihambe njalo ligudle umfola uSabi eMozambikwe lihambe njalo lize liyo iChweba iMabhudu . Wafika wakha umuzi wakhe wakwaGasa endaweni yase Chaimite.  Ngakho-ke yonke laya ndawo kusukeka ebuNyika eZimbabwe kube kuyofika eChwebeni lakwaMabhudu  eMozambikwe kwabe kuyizwe likaSoshangane Nxumalo lakwaGasa ayeliqambe ngomkhulu wakhe uGasa.

Kuyacaca ukuthi uSoshangana wayelibone walithanda izwe likaNgwana ngoba kwathi ngokuhamba kwesikhathi waphaka impi eyahlasela uNgwane nabahlobo bakhe uZwangendaba no Nyamazane. Wabahlasela amahlandla amaningana impela uSoshangana  ‎.Kuwo wonke lawo mahlandla yadla umhlanganiso eyakwaGasa ngoba kwaze kwaphoqa ukuba isizwe samaNgcamane sifuduke sibheke eMalawi .Ngaleso sikhathi amaNgcamane ayeseholwa uMagadlela kaKhubonye umfowabo wenkosi uNgwana lll ngoba inkosi uNgwana lll yabe isikhotheme. Ekufudukeni kwaMaNgcamane ebheka eMalawi kukhona enye ingxenye eyasala kwelaBaLozi(eZimbabwe). Leyo ngxenye ekaLuphembe kaMnyandzana. UMnyandzana wabe eyinkosana yenkosi uNgwana lll, wasala enkundleni ngenkathi uSoshangana ehlasela aMaNgcamane empini yokugcina ngo 1834. Ngonyaka ka1835 uMagadlela wahola aMangcamane, kwaphikelelwa eMalawi. Kuze kube namuhla bakhona abantu bakwaMaseko eMalawi kanye naseZimbabwe futhi basabazisa kakhulu ubuhlobo babo noMaseko baseNingizimu Afrika. Enye ingxenye yakwaMaseko yilena ezibiza ngokuthu ingeyakwaPhiri. 

Izibongo ezihlobene nesakwaMaseko 

EsakwaSimelane esaqambeka ngoSimelane kaNgwane ll. 

EsakwaMnisi esaqambeka ngoMnisi kaKhubonye umfowabo Ngwane lll. 

EsakwaNgomane(hhayi oMsindazwe) esaqambeka ngoNgomane kaKhubonye naye owabe engumfowabo kaNgwane lll 

EsakwaKhanyile (hhayi oSothole) esaqambeka ngoKhanyile kaKhubonye ‎ naye owabe engumfowabo kaNgwane lll 

Ngenkathi abakwaMaseko bebhekisa amabombo eMalawi kwaba khona amanye amaNgcamane anqaba ukukhuphuka kanye namanye. Kulawo MaNgcamane kwakukhona namabutho imbala, esingabala kuwo iHlangabeza kaZiqu kaJele Khumalo, iCikotha kaHlomani Manana, iZwangezi kaDuma Kunene, aMaswazana kaGulu Gumede namanye. Wonke lamabutho asala ezandleni zikaNyamazane esisazobuye sixoxe ngaye . Ubukhosi bakwaMaseko buseMalawi, kubusa iNkosi uMswazi(hhayi owaseSwazini). Izinduna zakhe zingamashumi amabili nesikhombisa (27), zisezifundeni zase Dedza, eLilongwe, eBalaka, eChiladzulu,eMwanza nakwezinye. 

Ake ngime lapho okwanamuhla


#kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo