UNozishada kaMaqhoboza Nzuza
Ake sibuyele kuNozishada umfoka Maqhoboza . Lensizwa yayizalwa yisithole sakwaSokhanyile uMasicizana Khanyile . Liyavela igama likanina ezibongweni zayo uma kuthiwa ‘ Unyawo lungangendlu yakwaba kwaMasicazana ‘. Kuthiwa uNozishada wayenenkinga yokuvuvuka izinyawo kodwa kwakuthi uma eselwa agxumise okwebhubesi. Kuyileso sizathu-ke wayebuye abongwe ngokuthi ‘uMziqomel’onjengebhubesi ‘! Lensizwa yabe iyiqhawe elikhulu leSilo uDingane , yazilwa zonke izimpi zeSilo uDingane . Yayikhona kweyaseNcome , eyaseMhlahlandlela , nakweyaseMaqonqo . Ukulwa kukaNozishada eMhlahlandlela kufakazelwa yizibongo zakhe ezithi ‘uNtaka eduke namhlambi ngoba iduke nezakwaMzilikazi.’ . UMhlahlandlela kwakungumuzi weSilo uMzilikazi owawakhelwe lapho sekulidolobha lasePitoli khona manje . Kwathi ngenkathi kulwa uMntwana uMpande neSilo uDingane empini yaseMaqonqo uNozishada yena walwa ngasohlangothini lweSilo uDingane . Kuthiwa empini yaseMaqonqo uNozishada wagwaza wabulala amabutho kaMntwana uMpande amaningi kakhulu . Kodwa agcina eqhamuke nesu lokumkaka amcibe ekude ngemikhonto wagcina esele enkundleni . Kuthiwa ngemuva kokumbulala amabutho kaMntwana uMpande amemeza athi ‘Zibuyil’uMlambongwenya’!.. UMlambongwenya kwakuyisigodlo senkosi uSenzangakhona , kwabo Mntwana uMpande. Ukumemeza kwawo kwakutshengisa ukuthi ayekujabulela ukudla umhlanganiso kukaMntwana uMpande ngoba wayesezoba yiNgonyama yakwaZulu ,ngoba esefile uNozishada owabe ewamise kabi .
Okunye esingabakuphawula ngabantu bakwaNzuza wukuthi iNdlovukazi enkulu yenkosi uSenzanzangakhona yabe izalwa khona kwaNzuza . Igama layo kwakunguMkabi indodakazi kaSodubo Nzuza . Le Ndlovukazi yathola umntwna womfana kodwa kahlalanga ,washesha wadlula emhlabeni . INdlovukazi uMkabi yayinendlu yayo eyeziwa ngokuthi kukwaNohini . Ingane yomfana eyashesha yadlula yalandelwa yintombazane ogama layo kwakunguNozinhlanga kulandelwa umfudlana wakuleyo ndawo okuthiwa uMzinhlanga ongenela eMpembeni .
Izibongo zikaNozishada kaMaqhoboza
UMziqomela onjengebhubesi
Unqamul’abantu amaqambi
uGebhuz’izulu,
Ungogo zabantu nezezinkomo
Umahlungulu-ngodweni
Umali wendima kant’uyazalela
Usehla ngandawana yakhe yedwana
Umgwazi weziqananazana
Unyawo lungangendlu yakwabo kwaMasicazana
Umanqe bathi ‘Adlani ngalapha kuleziya zintaba’?
Adl’abantu bakaNozishada kaMaqhoboza
UChakid’ozokhohlokhohlwana
UNtak’oduke namhlambi
Ngob’uduke nezakwaMzilikazi
uNomphanda mthombe wezisele
Untamo kayidinwa iziqu
Njengabo bonke zibadinile
Ubehlangabez’uZulu eMaqonqo
Kwaze kwabuza uNdlela kaSompisi
Wathi: ‘Uzawubamba yiphi na?
Mfana kaMaqhoboza na?
Wathi-ke ‘Nansi eyami’
Engizawubamba kuyo’
Wayesethi -ke yena: Kepha ngiyakhala
Ngoba ngibona nje iNkosi isilethel’abafana
Angiboni engizakulwa nabo
Ngibona abafana bodwa