Umlando ngoNozishada kaMaqhoboza Nzuza

UNozishada kaMaqhoboza Nzuza

UNozishada ka Maqhoboza wabe eliqhawe elikhulu likaZulu ngaphansi kweNgonyama uDingane kaSenzangakhona. Ibutho lakhe kwakuwuDlambedlu nokuyibutho elabuthwa yiNgonyama uDingane kaSenzangakhona . Abantu bakwaNzuza bazalwa nguNdebele owabe eyindodana encane kaMnguni kaNtu .Enye ingxenye yabo yilena ezinze kwaNdebele esifundazweni saseMpumalanga ngasemfuleni iNdubazi . INdubazi ibuye ibizwe ngeTubase nokuwulimi lweSipedi , ngesibhunu kuthiwa yiSteelpoort . Lena eMpumalanga abantu bakwaNzuza baziwa ngokuthi bangabakwaNdzundza . Abantu bakwaNzuza bagqama kakhulu kwaZulu ngesizathu sokwazi amakhambi nezintelezi . Bayakhumbuleka oMqalane noMbeleko ababe beyizinyanga ezinkulu ezathunywa  yiNgonyama uShaka ukuba ziyobethela izikhonkwane kwaNdwandwe ukuze inkosi uZwide iphelelwe ngamandla nxa sekuliwa nayo . Bafika kwaNdwandwe bathi baxoshwe kwaZulu bexoshwa yiNgonyama uShaka . Nempela yaba nozwelo inkosi yabakwaNdwandwe yabemukela ngezandla zombili . Kanti bayishaya ngemfe iphindiwe . Kwathi ngabo lobo busuku bavuka kwesikabhadakazi babethela izikhonkwane zabo kusuka khona emabaleni akwaNdwandwe bahamba bezibethela yonke indlela baze bayofika kwaBulawayo esigodlweni seNgonyama uShaka . Nempela kwathi sekuliwa aphela amandla enkosini uZwide yehlulwa , ihlulwa yiNgonyama uShaka .

Ake sibuyele kuNozishada umfoka Maqhoboza . Lensizwa yayizalwa yisithole sakwaSokhanyile uMasicizana Khanyile . Liyavela igama likanina ezibongweni zayo uma kuthiwa ‘ Unyawo lungangendlu yakwaba kwaMasicazana ‘. Kuthiwa uNozishada wayenenkinga yokuvuvuka izinyawo kodwa kwakuthi uma eselwa agxumise okwebhubesi. Kuyileso sizathu-ke wayebuye abongwe ngokuthi ‘uMziqomel’onjengebhubesi ‘! Lensizwa yabe iyiqhawe elikhulu leSilo uDingane , yazilwa zonke izimpi zeSilo uDingane . Yayikhona kweyaseNcome , eyaseMhlahlandlela , nakweyaseMaqonqo . Ukulwa kukaNozishada eMhlahlandlela kufakazelwa yizibongo zakhe ezithi ‘uNtaka eduke namhlambi ngoba iduke nezakwaMzilikazi.’ . UMhlahlandlela kwakungumuzi weSilo uMzilikazi owawakhelwe lapho sekulidolobha lasePitoli khona manje . Kwathi ngenkathi kulwa uMntwana uMpande neSilo uDingane empini yaseMaqonqo uNozishada yena walwa ngasohlangothini lweSilo uDingane . Kuthiwa empini yaseMaqonqo uNozishada wagwaza wabulala amabutho kaMntwana uMpande amaningi kakhulu . Kodwa agcina eqhamuke nesu lokumkaka amcibe ekude ngemikhonto wagcina esele enkundleni . Kuthiwa ngemuva kokumbulala amabutho kaMntwana uMpande amemeza athi ‘Zibuyil’uMlambongwenya’!..  UMlambongwenya kwakuyisigodlo senkosi uSenzangakhona , kwabo Mntwana uMpande. Ukumemeza kwawo kwakutshengisa ukuthi ayekujabulela ukudla umhlanganiso kukaMntwana uMpande ngoba wayesezoba yiNgonyama yakwaZulu ,ngoba esefile uNozishada owabe ewamise kabi .

Okunye esingabakuphawula ngabantu bakwaNzuza wukuthi iNdlovukazi enkulu yenkosi uSenzanzangakhona yabe izalwa khona kwaNzuza . Igama layo kwakunguMkabi indodakazi kaSodubo Nzuza . Le Ndlovukazi yathola umntwna womfana kodwa kahlalanga ,washesha wadlula emhlabeni . INdlovukazi uMkabi yayinendlu yayo eyeziwa ngokuthi kukwaNohini . Ingane yomfana eyashesha yadlula yalandelwa yintombazane ogama layo kwakunguNozinhlanga kulandelwa umfudlana wakuleyo ndawo okuthiwa uMzinhlanga ongenela eMpembeni .


Izibongo zikaNozishada kaMaqhoboza

UMziqomela onjengebhubesi
Unqamul’abantu amaqambi
uGebhuz’izulu,
Ungogo zabantu nezezinkomo
Umahlungulu-ngodweni
Umali wendima kant’uyazalela
Usehla ngandawana yakhe yedwana
Umgwazi weziqananazana
Unyawo lungangendlu yakwabo kwaMasicazana
Umanqe bathi ‘Adlani ngalapha kuleziya zintaba’?
Adl’abantu bakaNozishada kaMaqhoboza

UChakid’ozokhohlokhohlwana
UNtak’oduke namhlambi
Ngob’uduke nezakwaMzilikazi
uNomphanda mthombe wezisele
Untamo kayidinwa iziqu
Njengabo bonke zibadinile

Ubehlangabez’uZulu eMaqonqo
Kwaze kwabuza uNdlela kaSompisi
Wathi: ‘Uzawubamba yiphi na?
Mfana kaMaqhoboza na?
Wathi-ke ‘Nansi eyami’
Engizawubamba kuyo’
Wayesethi -ke yena: Kepha ngiyakhala
Ngoba ngibona nje iNkosi isilethel’abafana
Angiboni engizakulwa nabo
Ngibona abafana bodwa

#kulobe iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo