Umlando ngempi yaseMaqonqo(Masingana 1840)

Impi yaseMaqonqo (Masingana 1840)

Impi yaseMaqonqo eyabe iphakathi kukaZulu ngaphansi kweNgonyama uDingana kanye noMntwana uMpande kaSenzangakhona yalwa ngoMasingana onyakeni ka 1840 kuphele unyaka nezinyana kuliwe eyaseNcome , eyalwa ngoZibandlela onyakeni ka 1838. AMaqonqo yizintaba ezimbili ezibhekene naMagudu ngasoPhongolo.  Imbangela yempi yaseMaqonqo kwaba wukungethembani phakathi kweZulu eliphezulu iSilo uDingana kanye noMntwana uMpande . Kuliqiniso elingephikwe ukuthi iSilo uDingana sasesibaqedile abafowabo sekusele uMntwana uMpande noMntwana uGqugqu naye owagcina ebulawe yiSilo uMpande.

Kwathi ngemuva kwempi yaseNcome eyaliwa wuZulu namaBhunu iSilo uDingana sathumela kuMntwana uMpande ukuba makalethe ibutho uHlomendlini nokuyilona butho elalibheke uMntwana uMpande . ISilo uDingana sasifuna ukuqinisa impi yaso ngoba maningi kakhulu amabutho ayesale eNcome . Wanqaba uMntwana uMpande ukuthumela ibutho lelo , yathukuthela yathelwa ngamanzi iNdudumo yaseMgungundlovu(iSilo uDingana) yacabanga nesu lokubulala uMntwana uMpande . Yilapho-ke iNdudumo isizothumela umqeku wezithole kuMntwana uMpande ukuba asenge ,adle nabantabakhe . Kanti yisife ,icuphile . Icuphe ukuthi kuzothi lapho uMntwana uMpande esezobonga lezo zinkomo ibese impulala iNdudumo yaseMgungundlovu.  UMntwana uMpande waphunyula kuleso sife ngokusizwa nguNdlela kaSompisi Ntuli owathumela izwi ngabo labo ababeqhuba lezo zinkomo(babeholwa uDambuza kaMafuku Nkwanyana) ukuthi angalokothi athi uzobonga , ngoba uyofike abulawe.  Wathi makawelele emaBhunwini . Nempela wawela uMntwana uMpande , amemukela kahle amabhunu kaNgalonkulu (Andries Pretorious) , agcina enze naye isivumelwano sokuthi ayezomsiza ukuba anqobe umnewabo . Nempela yaliwa impi eMaqonqo ngoMasingana 1840 , yawudla umhlanganiso eyoMntwana uMpande kwawukuhlala kwakhe esihlalweni sobuNgonyama kusukela ngawo unyaka ka 1840 kwaze kwaba wukukhothama kwakhe ngonyaka ka 1872 .

EyoMntwana uMpande yayiholwa nguNongalaza kaNondela Mnyandu . EyeSilo uDingana yona yabe ididiyelwa nguNdlela kaSompisi (owayebuye abe nguNdunankulu ngaleso sikhathi) nokwathi ngemuva kokunqotshwa kweyeSilo uDingana ,iSilo uDingana sakhipha umyalelo owawuthi kubulawe uNdlela kaSompisi  ngoba sasimsole ngokuthi ekuyiphakeni kwakhe impi wayeyone ngamabomu ngenhloso yokuthi kunqobe eyoMntwana uMpande . Nempela wabulawa uNdunankulu uNdlela kaSompisi ngokuklinywa ngomchilo waze wafa .

Iqhawe elavelela kakhulu kwekaZulu nguNozishada kaMaqhoboza Nzuza owagwaza wabulala amabutho kaMntwana uMpande amaningi kakhulu . Kuthiwa le nsizwa yakwaNzuza yabe iyikhabe , ikwazi ukusebenzisa izandla zombili ngokufana . Kuthiwa eMaqonqo yaqale yabathunga ngesokudla, kwathi lapho sesikhathele futhi sesivuvukile nokuvuvuka yashintshela kwesokunxele yabangena ngaso naso sagcina sesivuvukile . Yathi uma isibona ukuthi sasesincipha kakhulu isibalo samabutho eNdudumo yazihlalela phansi yazibhemela ugwayi wamakhala ,yase izicelela emabuthweni kaMntwana uMpande ukuba ayigwaze ayibulale ngoba yayisibona ukuba wayesenqontshiwe uMbomboshe omnyama . Kodwa amabutho kaMntwana uMpande akazange amkholwe kangangokuthi amanye aze amemeza exwayisa ukuthi uNozishada wayewakhohlisa . Kuthiwa uNozishada wakhombisa ayekusho ngokujikijela yonke imikhonto kude . Kuyilapho-ke ababutho kaMsimude (uMntwana uMpande) amkaka khona , amciba , amthela ngethala lemikhonto . Athi nxa esebona ukuthi wayesefile uNozishada amemeza athi ‘ Zibuyil’ uMlambongwenya’ ! usefile uNozishada’!..  Lokho ayekusho ngoba esebona ukuthi uMsimude usezoba yiNgonyama ngoba esefile uNozishada kaMaqhoboza. UMlambongwenya kwabe kungumuzi weSilo uSenzangakhona kwaboMntwana uMpande.

ISilo uDingana sathi uma sibona ukuthi wayesedle umhlanganiso uMsimude sabalekela esizweni sakwaNyawo eNgwavuma lapho safike sabulawa khona ngamabutho akwaNyawo ,nokuyilapho kukhona khona idlinza laso .

Izibongo zeSilo uMpande ezitolika khona ukudla kwaso umhlanganiso eMaqonqo yilezi—

‘IZulu elidume phezu kwaMaqonqo
 Lazithatha zonke izihlangu   zikaBulawayo
 Lazitha zonke izihlangu zoMbelebele
 Lazithatha zonke izihlangu zeZinyosi
 Lazithatha zonke izihlangu   zoDlambedlu!!!


 #ulibinda Mdayi!!

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo