Umlando ngempi yaseMsebe

Umlando ngempi yaseMsebe

Impi yaseMsebe yaliwa ngoNdasa mhla zingama29 ngowe 1883.  Lempi yaseMsebe yayiphakathi koSuthu noMandlakazi . Isizathu esabangela ukuba kugcine kuthathelwane izikhali wukuthi uMntwana uZibhebhu owayehola uMandlakazi ngaleso sikhathi wayelokhu eqhubeke njalo ehlasela amalungu oSuthu,ethatha izinkomo zawo . Lokhu wayekwenza ngokuxhaswa ngezibhamu ngamaNgisi oCollenbrander ,Suanders nabanye. ISilo uJininindi sasikade sinenyanga eyodwa sibuyile ekudingisweni ngoba sona sasibuye ngoMasingana 1883. Ngakho-ke safica izwe lingamile kahle,abantu baso bebulawa uZibhebhu . Zonke izizwe ezaziphambene nokuhlasela kukaZibhebhu abantu abangenacala zahlangana zanquma ukuthi ayohlaselwa uZibhebhu. Ngempela yaphuma impi yoSuthu yahamba ibanga elide yawela iMona iphikelele eBhanganomo emzini kaZibhebhu. Yathi uma iwela umfula uMsebe yazithela phezu kwamabutho akwaMandlakazi abe eyilalele uyendle emihlangeni ,ehlome eyizingovolo ngezibhamu . Kusobala ukuthi uMntwana uZibhebhu wayesezwile ngezinhlelo zokuhlasela koSuthu. Yakhwela yadilika ngezibhamu ekaMandlakazi kweyoSuthu eyabe yethembele ezihlangwini nasemikhontweni. Kwasala enkundleni amabutho amaningi oSuthu ,ngisho neMbongi enkulu yeSilo uCetshwayo uMahlangeni kaGawozi Khumalo naye wasala lapho. Ngemuva kwempi yaseMsebe uZibhebhu waqhubeka ngokuthumba izinkomo zabalandeli boSuthu ,wasongela nangokuthi wayengahle ahlasele isigodlo sasoNdini seSilo uCetshwayo. Ngempela wahlasela oNdini ngemuva kwezinyanga ezintathu nje kuphela impi yaseMsebe ilwile. Okucacayo wukuthi amaNgisi ayesifuna sikhotheme iSilo sasoNdini. Kodwa ayefuna kube isandla somuntu onsundu esikhothamisa iSilo sasoNdini. Lokho kufazelwa wukuthi kwathi uma iSilo sibuya ekudingisweni amaNgisi asibekela imigomo eminingi. Omunye waleyo mgomo wawuthi  kwakungamele kube khona amabutho ayezoqapha iSilo esigodlweni sasoNdini. Kwala ngisho iSilo uCetshwayo sesitshela uHF Fynn ukuthi sasesizwile ngezinhloli zaso ukuthi uZibhebhu wayezohlasela isigodlo saso ,ngakho-ke sasidinga amabutho ayezosiqapha. Washaya phansi ngonyawo uFynn wathi lokho kwakuphambene nomthetho iSilo esasiwunqunyelwe ngamaNgisi . Ngemuva kwalokho kwabakhona izinkulumo ezazivela kuwo amaNgisi zithi ngokwezinhloli zawo impi kaZibhebhu yayizoqhamuka ngaseMfolozi eMnyama. Kwasuka uMntwana uNdabuko nezinye izinsizwa zoSuthu zayoqapha ngaseMfolozi eMnyama . Kwacaca ukuthi amaNgisi ayehubhuza amanga ,ayedukisa umkhondo ukuthu impi yayizoqamuka eMfolozi eMnyama lapho kwakuqashwe khona.

Kwathi empondozamankomo mhla zingama 21 kuNtulikazi 1883 impi kaZibhebhu yaqhumuka eMthini oNyengayo eningizimu yesigodlo sasoNdini kungazelele muntu . Yabonwa ngamantombazane ayeyotheza izinkuni abuya ahlaba umkhosi.  Izikhulu namaduna ayesoNdini abonisana ukuthi kuhle kuvikelwe iSilo ngakho konke okusemandleni. Kwaphuma iviywana lentsha elalikhona oNdini layohlangabeza impi kaZibhebhu . Kodwa ukuqhuma kwezibhamu kwadla umunyu , intsha yabaleka . Impi kaZibhebhu yaze yangena esigodlweni . ISilo uCetshwayo sakwazi ukuphuma sibaleke isabambene kuqhuma izibhamu. Kodwa izikhulu eziningi zasala enkundleni,esingabala kuzo, uGodide kaNdlela Ntuli, Mnqandi kaTshana Sibisi, Sihayo kaXhongo Ngobese ,Ndwandwe kaMdlaka Langa nezinye. ISilo uCetshwayo sagcina ngamadodana kaSomfula Hlabisa nawo ayekade engasemabuthweni kaZibhebhu . Ngaleso sikhathi iSilo sasesigwazekile ethangeni sigwazwa ngabafana bakaMahlokwe Mdletshe ababengasiboni ukuthi iSilo . Amadodana kaSomfula asondela kusona ,asibopha inxeba ,asithubelezisa ngehhashi abheka naso eNkandla lapho sagcina sakhe khona isigodlo saso esasiyimfihlo,saziwa nguMphezeni kaGala yedwa



#Kulobe uKholo Khumalo INxazonke

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo