Umlando ngeNkosi uBhungane kaNsele Hadebe

Inkosi uBhungane yabusa isizwe saMaHlubi ngenkathi aBaThethwa bebuswa inkosi uJobe kaKhayi uyise wenkosi uDingiswayo Mthethwa. Inkosi uBhungane yayizalwa inkosi uNsele kaMashiya ka Dlomo.  Unina wenkosi uBhungane kwakuyisithole sakwaMazibuko uManxanga Mazibuko. AmaHlubi jikelele emandulo ayedume ngolwazi lwemithi ,kanye nokuba izinyanga zensimbi. Lokho kufakazelwa ukwanda kwezangoma ,izinyanga nabaPhulofethi esizweni saMaHlubi. Laba bantu baseMaHlutshini babenolwazi lokuncibilikisa itshe bese benza ngalo izikhali ezifana nimikhonto,izinhlenlda,amakhuba imimmense ,izimbazo nokunye. Njengawo wonke amaNguni imvelaphi yaMaHlubi iseNkabezwe yezwekazi laseAfrika . Lesi sizwe saMaHlubi sixhumene kakhulu nabakwaDlamini eSwazini .  Umuntu wokuqala esizwa ngaye kulesi sizwe sakwaHadebe nguye uHadebe owazala uHlubi okwaqanjwa ngaye isizwe saseMaHlutshini.  UHlubi wazala uMhunu owazala  uNdlovu owazala uMhlanga owazala uMusi. Okudingeka sikuqaphele wukuthi babebabili oMusi kaMhlanga emandulo. Kwakukhona owakwaHadebe owayezalwa nguMhlanga ka Ndlovu kaMhunu kaHlubi. Kanti kwakukhona uMusi kaMhlanga wesizwe saMaNdebele aseMpumalanga owayezalwa ngu Mhlanga ka Mafana ka Nanasi ka Jonono ka Mntungwa (ongeyena owakwaKhumalo) ka Mkhalangana ka Ndebele kaMnguni kaNtu . UJonono ithuna lakhe liseJononoskop eMnambithi nokuyilapho lesi sizwe sake sazinza khona ngaphambi kokuzinza kwaso lapho sekukwaNdebele khona eMpumalanga. Akulona iqiniso ukuthi amaNdebele aseMpumalanga azalwa ngaMaHlubi , ukudideka nje kwabantu bedidwa ukufana kwegama lensizwa nelikayise wayo .  Ulibo lwaMaNdebele luzicacele bha kuze kuyofika kuye uNdebele uqobo aludingi koniwa.
Ngesikhathi senkosi uBhungane kaNsele isizwe saMaHlubi sasizinze lapho sekuseNyukhasela khona nokuyilapho kwakwakhiwe khona umuzi wenkosi uNsele waseNgolozini khona . Lowo muzi wawubuye ubizwe ngokuthi kukwaMagoloza nokuyigama elagcina selichume kakhulu. Emanxiweni akwaMagoloza kwagcina kwakhiwe ujantshi wesitimela saseAlcock Spruit naseNgagane.  Kukhona nomfudlana kuleyo ndawo obizwa ngokuthi yiBhungane owawanjwa ngenkosi uBhungane .  Eduze nesizwe sakwaHadebe oThaka ( Wakkerstroom) kwakwakhe abakwaShabalala bebuswa inkosi uMathe ka Ndawonde .
Inkosi uBhungane yaduma kakhulu ngezintelezi zayo  ezazimandla kakhulu. Ikhumbuleka kakhulu ngenkathi iqinisa uDingiswayo kaJobe imqinisela ubukhosi,ukuba abe inkosi enamandla. UDingiswayo wayesuke kubo kwaMthethwa ephume ngesamagundane ngemuva kokuhlaselwa kwezinsizwa zakwaMthethwa zihlaselwa yibutho lenkosi uJobe kaKhayi uyise woDingiswayo. UDingiswayo ngaleso sikhathi wayengeyena uDingiswayo, wayesenguGodongwana nokuyigama lakhe lokuzala elethiwa abazali bakhe . ElikaDingiswayo walithola ngemuva kokuya kwakhe ekudingisweni ,ebalekele ulaka lukayise. Isizathu sokuhlaselwa kwamadodana enkosi uJobe kuthiwa kwaba wukukhononda kwawo ngoyise inkosi uJobe owayesephile isikhathi eside kanti izinsizwa zasezisha amashushu okubusa. Ukukhononda kwezinsizwa zenkosi uJobe kwahamba kwaze kwayofinyelela ezindleneni zenkosi uJobe uqobo. Yase iyagadla. Kwafa abafowabo Dingiswayo abaningi kodwa yena wasinda, weqa uthango wabaleka waze wagcina esesezweni lenkosi uBhungane wamakhulukhulu. Inkosi uBhungane yayibizwa ngokuthi nguBhungane waMakhulukhulu ngesizathu sokuthi yayifuyile inkosi yabakwaHadebe. Izinkomo kunguChibidolo,zibulala inyoka. Yayizithola ngabo ubunyanga bayo ,nangolwazi lwayo lwensimbi.  Kuthiwa yayinamandla inkosi uBhungane ,yayiziqinisa ngamanzi olwandle eyelandwa nguMaqulumba kaSibenya Shabalala eThekwini.  Kuthiwa uDingiswayo yamqinisa ngobisi lwebhubesi ayezisengele yena entabeni. Kuthiwa yamyalela ukuba aye endaweni ethile ,kuleyo ndawo wayezofica ibhubesi lensikazi elincelisayo . Uzofika alisenge bese eza nobisi lwalo. Ngempela walithola ,okwaba yisimanga wukuthi lavela lazilalela   nje ibhubesi, langamhlasela ,futhi langabaleka . Waya wayolisenga waze waqeda lilokhu lizilalele  nje ibhubesi . Eseqinisiwe uDingiswayo waba inkosi eyayinamandla amakhulu,futhi ikhaliphile. Yinkosi uDingiswayo noNgomane kaMqomboli Mdletshe abapheka iSilo uShaka esagcina sesiyiqhawe eladuma umhlaba wonke jikelele. Futhi labumba nesizwe esaziwa umhlaba wonke nkkuyisizwe saMaZulu.
Inkosi uBhungane yayigubha uMkhosi wokweshwama nokuwumkhosi owenziwa inkosi eyiNgonyama. Lokho kusitshela ukuthi ngempela yayimandla inkosi yaseMaHlusthini. NgoMkhosi wokweshwama yayiziqinisa ngamanzi olwandle ayelandwa eThekwini nguMaqulumba Shabalala.
 Abantu baseMaHlutshini bawuqopha ngempela umlando emandulo. Kulabo abawuqopha singabala kubo uSitheya indodakazi kaMalindi Hadebe owazala inkosi uShembe uMqaliwendlela, uMehlomakhulu kaMpangazitha iqhawe elasiza iSilo uMzilikazi kaMashobana ngenkathi sakha isizwe saso sikaMthwakazi , kukhona nenyanga kaMthimkhulu kaBhungane uZulu kaMafu kaNtini Hadebe nayo okwakuwukhokhovu lwenyanga. UZulu nguyena owasiza inkosi yaMaNgwane uMatiwane ekusocongeni inkosi uMthimkhulu kaBhungane Hadebe . Kuthiwa iNyanga uZulu Hadebe eyabe iyinyanga yenkosi uMthimkhulu yajikela inkosi uMthimkhulu yagqisha nenkosi uMatiwane kaMasumpa ngesizathu sokungakhokhelwa kahle inkosi uMthimkhulu . Bahlela-ke benenkosi uMatiwane , kwathunywa intombi yaseMaNgwaneni ukuba yebe isidoda senkosi uMthimkhulu uma beqeda ukwenza ucansi bese isinika inyanga uZulu ukuze asithake nemithi yakhe ukuze kusocongwe kahle inkosi uMthimkhulu. Leyo ntombi yabe iyintombi yenkosi uMthimkhulu,phela kuthiwa yabe iyisoka lamanyala inkosi uMthimkhulu,iqonywa ngapha nangapha.  Ngempela isu labo laba yimpumelelo ,yagcina ibulewe inkosi uMthimkhulu . Kuthiwa yavele yahanjelwa zingqondo yaphuma iyodwa emzini wayo ingaqashwe muntu yaphikelela emasimini lapho yayilindwe khona impi yaseMangwaneni. Kuthiwa yayichithe ibutho layo ngenkathi lithi liyayikhapha ,yathi ifuna ukuba yodwa. Kanti ilawulwa yizo izintelezi zenyanga uZulu Hadebe. Kuthiwa uZulu wayengasakhokhelwa kahle ingakho agcina ethathe isinqumo sokugqisha naMaNgwane.

Inkosi uMthimkhulu nayo yayithathe ubukhosi ngemuva kokubanga nomnawakhe uMpangazitha owabe ewendlu yaseKhohlo. Ngokwesiko lesiNguni iNdlu yaseKhohlo ayibusi,kodwa yena uMpangazitha wabanga kunjalo nomfowabo, wabanga azi kahle ukuthi ubukhosi kwakungebona obakhe. Wagcina edle umhlanganiso uMthimkhulu. Kwaba uyena owalandela uyise uBhungane ebukhosini.  AMaNgwane aqhubeka nokuhlasela isizwe saMaHlubi ngemuva kokubulala kwawo inkosi uMthimkhulu. Ahlasela uMpangazitha wakhumuka kwaZulu waqonda eNtabazwe lapho afike ahlasela khona uMaNtantisi unina kaSigonyela owayebambele indodana yakhe uSigonyela eyayisakhulu. Awagcinanga lapho aMaNgwane aphinde ahlasela nendodana kaMpangazitha uMehlomakhulu yabaleka yayozimbandakanya neSilo uMzilikazi esasinkanise lapho sekuyiErmelo  khona namuhla . UMehlomakhulu wasebenzisana nokaMashobana ekwakheni isizwe sakhe sikaMthwakazi . Kodwa kwahamba kwahamba kwagcina kugqabuke igoda ,kwahlukwana uMehlomakhulu waphikelela eLesotho, wagcina esesezweni lenkosi uHinsa kaKhawutha lakwaXhosa. Aah! Zanzolo!!

Kuthiwa bathi besahleli nje oMehlomakhulu nokaMashobana kusemnandi izinyanga zikaMehlemakhulu zadonsa uMehlomakhulu ngendlebe zamtshela ukuthi iSilo sikaMthwakazi sasihlela ukumbulala,zazikade ziphuphile ebusuku zilele. Akabange esapholisa maseko uMehlomakhulu wavele waphuma ngabo lobo busuku washaya wakhukhula. Impi kaMthwakazi yazama ukumhlala ezithendeni kodwa kwanhlanga zemuka nomoya.
Inkosi uMthimkhulu yalandelwa indlalifa yayo uLangalibalele ebukhosini. Unina kwakuyintombi yakwaMazibuko eyindodakazi yenkosi uPhuthini. Ngakho-ke inkosi uLangalibalele yayingumshana wenkosi uPhuthini. Yona yabusa  ngesikhathi seSilo uMamonga woSuthu . Kukhona lapho bake baboshwa ndawonye khona,oLangalibalele noMamonga woSuthu,beboshwa amaNgisi badingeselwa eSt Helena.

UTeenage Hadebe, uMdlali weBhola

Ake ngime lapho okwanamuhla. Abantu bakwaHadebe abaseZimbabwe babeyingxenye yabantu ababifike noMehlomakhulu. Kwathi ngenkathi uMehlomakhulu ekhumuka kuMzilikazi bona basala beziqhubekela noMthwakazi.  Amanye amadodana enkosi uBhungane oMahanqa ,Manyaza ,Zingelwayo,Monakali ,Ngalonkulu,Mabona, Makhanda ,Makhonza nabanye

Izibongo zenkosi uBhungane kaNsele :
Bhungane wamakhulukhulu.
Ndlubu zamila ebubini
Ngoba zamila emthondweni kwaSothondose
Yinhlabathi yoNdi noThukela.
Ngifike beyihlenga beyiphalaza ,
Ngifike ngayihlenga ngaguzubala .
UBhungan’ uyababaza
Ubabaz’eseSigodlweni
Kwaf’izitsha zisemadodeni’ebandla.
UBhungane yindikinda yindaba,
Uze waba yindaba nakuzikhundlwane
Yindlovu yakwa KaMazibuko,
Yinkamisa mlom’onganga zibuko;
UMatshayw’alile njengesikhundlwane.
INdlovu yakwaMqad’eluphondo lunye,
Ekanisel’ezimpondo ngambili
Igeng’eladl’imithi yakwaBhunga.
Sabe sesibona ngebhudulelo.
UBhungane nguqobodisa, ukumisa kwendlovu,
UGengelizis’ukumisa kwenyathi.
Wabulal’uMafu kwabakwabo
Nanamuhl’akwaba ndaba zalutho!
Isilo sakulo Mbikazi
Esimaphuml’anzinzinini,
Umagqula ngaw’emazibukweni.
Mlotshwa thwal’usiba lube lunye
Uyoshis’imizi yamaVimbela!
Jabanq’umntakaMpila
Wawuthe kosal’anjani na?
Kosal’ansiba zibuthakathaka –
Kwasal’uBhaqile waseSwazini
Kuzihlobo zakhe,
Kwasal’ uMthilingwane,
Kwaba kwaKheswa
Amakhubal’abuy’adliwa nguye.
Isihlahla sentshungu sombelebele
Kade bethi bayasigawula!
Izembe lisemsamo kwaMnxanga
UNomaweziwezi kaNsele
Inkomo zakhe zimaqath’amhlophe.
Ngokuwelawel’uMzinyathi.
USosolani, bayadla bayasola,
Akasenamuny’ongasoli
UMlawuzi kamkhont’osandukulolwa.
UMvuni wabantu njengamabele.
UMsiki wezitoto zabaLandakazi;
Kazi bazala ngan’ubanquma nje?
Isilwane sakwaKaMazibuko
Sidla silila zomuk’izinsuku,
Sililel’imihlambi yabantu.
Incinin’ eyongam’ esizibeni,
Izokhiwa ngabanjani na?
Izokhiwa nguMgidi kaNsele.
UMth’oseYenge naseThobozi,
Owath’ukuwa wasambatheka.
Wabhekis’amabombo ekhayakonina.
Bhungane phez ’abantu
Abant’abazukumbatha ngubo,
Abantu bazindondokazana.
Awu! Yebo-ke Mlotshwa wawozingelwayo
Awufi ukufa kwamany’amadoda.
Ibinda Nkosi !
#Kulobe iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo


Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo