IZINHLOBO ZEZINYOKA:
Ziningi izinhlobo zezinyoka , kukhona ezinesihlungu , kanti ezinye azinaso isihlungu . Ngisho noma zingaluma umuntu lowo akafi ngoba azinabo ubuthi . Zizothinta ezimbalwa nje ezejwayelekile.
– INHLATHU/INHLWATHI
Lena yinyoka enesidumbu esikhulu,yinde ,ubude bayo bedlula obomuntu . Iginga izilwane, imfuyo ,kanye nabantu imbala. Iyizi hlobo ezintathu . Kukhona eyehlathi ,eyamanzi , eyentaba . Lenyoka ayinabo ubuthi noma isihlungu. Isikhumba sayo kanye namafutha ayo kukhonzwe kakhulu yizinyanga nezangoma .
-INSUZE
Inesihlungu lenyoka . Inombala onsundu ngokuthubile.
– USUNGULO
Le nyoka iphuma phansi enhlabathini uma kade lina . Itholakala emahlanzeni .
-INHLANGWANA
Inde ingamasentimitha angama 45 . Impofu ngokombala . Ihlala otshanini ,inesidumbu esincane . Inesihlungu.
-UMANTSHINGELANE
UMantshingelane uhlobo lwenyoka olwaziwa ngokuthi yiNhlangwana oluhamba ebusuku. Le nyoka inolaka ithi ingabona isithunzi somuntu igadle . Le nyoka ihlala otshanani ,izingela amagundane. Ukuhamba kwayo ebusuku kuyisizathu oNogada(Security) bebizwa ngokuthi bangoMantshingelane. Le nyoka ibuye ibizwe ngokuthi uMaqandalingophi .
-INYANDEZULU
Inyoka enombala oluhlaza ,inamabala amnyama entanyeni . Iyathanda ukuvashela abantu emakhaya ifike ihlale ezinti gweni, noma othangweni . Abantu bakholelwa ekutheni le nyoka iyinyoka yedlozi . Kuyileso sizathu abangasekho bebuye babizwe ngokuthi bayiZinyandezulu
-IMAMBA
Yiyona nyoka enesihlungu esibi ukudlula zonke izinyoka . Lapho izogadla iyema mpo ishaye ekhanda lomuntu . Yinde okulinganiselwa emitheni elilodwa kuya emitheni nesigamu . Kukhona imamba emnyama eyaziwa ngokuthi yiBlack Mamba , besekuba khona imamba empofu
-INDLONDLO
Kuthiwa yimamba endala , nayo ivuka ime qingqo lapho igadla. Uma isithe yathukuthela iyabahubha abantu . Ihlaba ikhwela lapho igijima . Ishaya nemfuyo ,izilwane ixobise nasendleleni abantu bengabe besahamba .
– IBULULU / IHOBOSHA
Lide ligangamaSentimitha angama 30 kuya kwangama 50 . Lihlala otshanini nalo lidla amagundane. Lithatha isikathi ukuluma , like liqale lifuthe . Ibululu libuye libizwe ngokuthi yihobosha .
-IMFEZI
Yinde ingangomkhonto , ikhwifa amathe ngenhloso yokunemba emehlweni uma isithukuthele , ayivamisile ukugeja . Inesihlungu ,umuntu emlumile uyafa uma ephuze ukuthola usizo.
-IPHIMPI
Uhlobo lweMfezi olubuye lwaziwe ngokuthi uNobibi noma uNobiya, noma uNomphephethwane ,noma uPhempethwane
-UMHLWAZIMAMBA
Ubuye waziwe ngokuthi uMhlwazi. Unejubane elikhulu kabi. Awunaso isihlungu . Uhlala otshanini uthi awube luhlaza njengabo utshani kodwa wona uthanda ukuzotha. Awunaso isihlungu
-UMNINGI
Empeleni asazi noma lenyoka ikhona ngempela noma inkolelo nje yabantu . Le nyoka kuthiwa inamakhanda amaningi. Uma isithukuthele kuba nomoya ovunguza ngesivinini esixakile ubhidlize izakhiwo . Le nyoka ibuye ibizwe ngokuthi yiNkanyamba .
-INUNGU
Uhlobo lwenyoka olungenaso isihlungu , olunamafahlafahla wonke umzimba.
-UMONYA
Abanye bathi yiNhlwathi yenduna . Incane ngesidumbu kuneNhlwathi . Iyashaya -ke yona ayifani neNhlwarhi egingayo .
-ICIWU
Yinyoka eluhlaza ehlala ehlathi . Kayinaso isihlungu , noma umuntu imlumile akafi. Kuthiwa ibika inhlanhla uma ithe yangena ekhaya.
– UMABILWANE
Uhlobo lweMfezi . Nalo luyakhwifa njengayo iMfezi
-UMABIBINI
Yinyoka encane engenaso isihlungu. Kuthiwa le nyoka iyidlozi lomuntu wesifazana osashona
-UMHLANGWE
Yinyoka enkulu , ebanzi enombala ofana nenhlabathi . Kayinaso isihlungu . Kuthiwa uma ibonakale ekhaya isuke ihlola umhlola omubi .
-UKHOTHIKHOTHI
UKhorhikhothi luyawushintsha umbala , luvamise ukukhwela emthini . Kwesinye isikhathi uKhothikhothi luyaye lube nsundu , kwesinye isikhathi lube mnyama . Kuyaye kuye ngendawo olusuke lukuyona ngaleso sikhathi . Lunachashazana amhlophe entanyeni . Lutsaka amathe nalo njengeMfezi . Lude lunesidumbu esincane .
-UMJINGANDLU
Uhlobo lwenyoka olunsundu oluvamise ukuza emakhaya , alunaso isihlungu . Lubuye lubizwe ngoMzingandlu
-UMDLAMBILA
Inyoka ehlala entabeni enolaka olubi , ejaha abantu . Abanye bathi iMamba endala esigugile . Le nyoka ibuye ibizwe ngeLobambila . Kuyathwalwa ngayo .
– UMDLUME
Inyoka ehlala entabeni ,inde ingangengalo yomuntu . Uma uvuke ngenhla uyakuqonda udlule eduze kwakho kodwa ungakulumi . Kahle -hle uyigwala
-UBHULUBE
Yinyoka empofu ,kwesinye isikhathi uze ube liphuzi . Unejubane eliyisimanga
– IFULWA
IFulwa libuye laziwe ngeFulo noma ngoMfulwa. Uhlobo lwenyoka oluluhlaza okwamacembe esihlahla. Luthanda izihlahla,luyakhwela nakuzo .
Asibonge Donda ngokusiklezisa kowakho, muhle umsebenzi wakho.