Izinhlobo zezinyoka

IZINHLOBO ZEZINYOKA:

 

UMdwebo weMfezi

 


Ziningi izinhlobo zezinyoka , kukhona ezinesihlungu , kanti ezinye azinaso isihlungu . Ngisho noma zingaluma umuntu lowo akafi ngoba azinabo ubuthi . Zizothinta ezimbalwa nje ezejwayelekile.

– INHLATHU/INHLWATHI

Lena yinyoka enesidumbu esikhulu,yinde ,ubude bayo bedlula obomuntu . Iginga izilwane, imfuyo ,kanye nabantu imbala. Iyizi hlobo ezintathu . Kukhona eyehlathi ,eyamanzi , eyentaba . Lenyoka ayinabo ubuthi noma isihlungu. Isikhumba sayo kanye namafutha ayo kukhonzwe kakhulu yizinyanga nezangoma .

-INSUZE

Inesihlungu lenyoka . Inombala onsundu ngokuthubile.

– USUNGULO

Le nyoka iphuma phansi enhlabathini uma kade lina . Itholakala emahlanzeni .

-INHLANGWANA

Inde ingamasentimitha angama 45 . Impofu ngokombala . Ihlala otshanini ,inesidumbu esincane . Inesihlungu.

 

-UMANTSHINGELANE

UMantshingelane uhlobo lwenyoka olwaziwa ngokuthi yiNhlangwana oluhamba ebusuku. Le nyoka inolaka ithi ingabona isithunzi somuntu igadle . Le nyoka ihlala otshanani ,izingela amagundane. Ukuhamba kwayo ebusuku kuyisizathu oNogada(Security) bebizwa ngokuthi bangoMantshingelane. Le nyoka ibuye ibizwe ngokuthi uMaqandalingophi .

-INYANDEZULU

Inyoka enombala oluhlaza ,inamabala amnyama entanyeni . Iyathanda ukuvashela abantu emakhaya ifike ihlale ezinti gweni, noma othangweni . Abantu bakholelwa ekutheni le nyoka iyinyoka yedlozi . Kuyileso sizathu abangasekho bebuye babizwe ngokuthi bayiZinyandezulu

-IMAMBA

Yiyona nyoka enesihlungu esibi ukudlula zonke izinyoka . Lapho izogadla iyema mpo ishaye ekhanda lomuntu . Yinde okulinganiselwa emitheni elilodwa kuya emitheni nesigamu . Kukhona imamba emnyama eyaziwa ngokuthi yiBlack Mamba , besekuba khona imamba empofu

-INDLONDLO

Kuthiwa yimamba endala , nayo ivuka ime qingqo lapho igadla. Uma isithe yathukuthela iyabahubha abantu . Ihlaba ikhwela lapho igijima . Ishaya nemfuyo ,izilwane ixobise nasendleleni abantu bengabe besahamba .

– IBULULU / IHOBOSHA

Lide ligangamaSentimitha angama 30 kuya kwangama 50 . Lihlala otshanini nalo lidla amagundane. Lithatha isikathi ukuluma , like liqale lifuthe . Ibululu libuye libizwe ngokuthi yihobosha .

-IMFEZI

Yinde ingangomkhonto , ikhwifa amathe ngenhloso yokunemba emehlweni uma isithukuthele , ayivamisile ukugeja . Inesihlungu ,umuntu emlumile uyafa uma ephuze ukuthola usizo.

-IPHIMPI

Uhlobo lweMfezi olubuye lwaziwe ngokuthi uNobibi noma uNobiya, noma uNomphephethwane ,noma uPhempethwane

-UMHLWAZIMAMBA

Ubuye waziwe ngokuthi uMhlwazi. Unejubane elikhulu kabi. Awunaso isihlungu . Uhlala otshanini uthi awube luhlaza njengabo utshani kodwa wona uthanda ukuzotha. Awunaso isihlungu

 

-UMNINGI

Empeleni asazi noma lenyoka ikhona ngempela noma inkolelo nje yabantu . Le nyoka kuthiwa inamakhanda amaningi. Uma isithukuthele kuba nomoya ovunguza ngesivinini esixakile ubhidlize izakhiwo . Le nyoka ibuye ibizwe ngokuthi yiNkanyamba .

-INUNGU

Uhlobo lwenyoka olungenaso isihlungu , olunamafahlafahla wonke umzimba.

-UMONYA

Abanye bathi yiNhlwathi yenduna . Incane ngesidumbu kuneNhlwathi . Iyashaya -ke yona ayifani neNhlwarhi egingayo .

-ICIWU

Yinyoka eluhlaza ehlala ehlathi . Kayinaso isihlungu , noma umuntu imlumile akafi. Kuthiwa ibika inhlanhla uma ithe yangena ekhaya.

– UMABILWANE

Uhlobo lweMfezi . Nalo luyakhwifa njengayo iMfezi

-UMABIBINI

Yinyoka encane engenaso isihlungu. Kuthiwa le nyoka iyidlozi lomuntu wesifazana osashona

-UMHLANGWE

Yinyoka enkulu , ebanzi enombala ofana nenhlabathi . Kayinaso isihlungu . Kuthiwa uma ibonakale ekhaya isuke ihlola umhlola omubi .

-UKHOTHIKHOTHI

UKhorhikhothi luyawushintsha umbala , luvamise ukukhwela emthini . Kwesinye isikhathi uKhothikhothi luyaye lube nsundu , kwesinye isikhathi lube mnyama . Kuyaye kuye ngendawo olusuke lukuyona ngaleso sikhathi . Lunachashazana amhlophe entanyeni . Lutsaka amathe nalo njengeMfezi . Lude lunesidumbu esincane .

-UMJINGANDLU

Uhlobo lwenyoka olunsundu oluvamise ukuza emakhaya , alunaso isihlungu . Lubuye lubizwe ngoMzingandlu

-UMDLAMBILA

Inyoka ehlala entabeni enolaka olubi , ejaha abantu . Abanye bathi iMamba endala esigugile . Le nyoka ibuye ibizwe ngeLobambila . Kuyathwalwa ngayo .

– UMDLUME

Inyoka ehlala entabeni ,inde ingangengalo yomuntu . Uma uvuke ngenhla uyakuqonda udlule eduze kwakho kodwa ungakulumi . Kahle -hle uyigwala

-UBHULUBE

Yinyoka empofu ,kwesinye isikhathi uze ube liphuzi . Unejubane eliyisimanga

– IFULWA

IFulwa libuye laziwe ngeFulo noma ngoMfulwa. Uhlobo lwenyoka oluluhlaza okwamacembe esihlahla. Luthanda izihlahla,luyakhwela nakuzo .

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo