Amakhambi omkhuhlane

-(Igama lekhambi)

*(Umsebenzi walo kubantu)

Endulo bengakabikho oDokotela noNgoti bezemithi oKhokho bethu babethembele emakhambini esintu ekwelapheni izifo. Ayebesebenzela , elapha ngisho izifo eziyingozi ezazibangwa izibawu kanye nomiyane . Lawo makhambi asekhona nanamuhla ize iningi lethu seliwashaya indiva ngoba nakhu sekwaba khona oDokotela . Kuyenzeka ukuthi ikhambi lenze imisebenzi eminingi lilinye. Ngizokwenza izibonelo ngamakhambi iSiqunga(uTshanibezwe) , uMaphipha, kanye neNyathelo . ISiqunga kuyaye kuphalazwe ngaso , sixutshwa neminye imithi yogazi efana noVumakubangoma, iNhlanhlemhlophe, uBhubhubhu kanye neminye. Kodwa sibuye sibe wumuthi wokuxosha omoya ababi enganeni. UMaphipha nawo kuyaphalazwa ngawo kodwa ubuye ungene naseziphungweni zemikhuhlane. INyathelo amahlamvu alo ayisiphungo somkhuhlane aqoqa eningi inyongo ezibindini nasemaphashini. Kodwa libuye lichathele ilumbo lezintwala zengulube . Libuye lingene nasezintelezini zokuxosha imimoya emibi . NoMthunduluka nawo ungumuthi wokuhlanza igazi kodwa ubuye ungene nasembizeni yokwelapha izifo zocansi (hhayi ingculaza)
Nanka-ke amakhambi omkhuhlane


-ISibhaha

*Kuye kusebenze kakhulu amaxolo ezimpande zeSibhaha,zixegisa izikhwehlela ezilukhuni esifubeni ,zelapha nezilonda esifubeni. Amaxolo ezimpande zeSibhaha aye abiliswe bese kuphuzwa njengesiphungo . Uma uthanda ungawahlafuna amaxolo bese ugwinya umhluzi wawo, uphimise amaxolo.

-UKalimuzi

*UKalimuzi kuyaye kubiliswe amaxolo ezimpande , axutshwe neSibhaha , uMhlonyane , uXhaphozi kanye neminye.

#Iyaqhubeka

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo