Ukumisa kwezinkomo

UKumisa kwezinkomo.

-(Igama)

*(Ukumisa kwayo)


-IMbedula

* Inkomo esidala enezimpondo ezibheke phezulu ,zase zivuleka , zasontana .

– INxele

*Inkabi enophundo olulodwa, olubheke phansi

-ISigedla

*Kubuye kuthiwe umdlovu. Lena inkabi enezimpondo ezibheke phansi zazilengela nje, noma zalengela phambi kobuso

-IQobodo

* Inkomo enezimpondo ezibheke phezulu noma emuva, bese kuthi ekugcineni kwazo zagobela phakathi.

-UVava

*UVava lubuye lubizwe ngokuthi umvava. Inkomo enezimpondo ezicijile ezibheke phezulu . Inkunzi eluvava iyingozi kabi uma ilwa ngoba uma isigebise ikhanda izimpondo zona zivele zibheke phambili .

-IMpothane

*Inkomo enezimpondo ezisontene , kubuye kuthiwe insontela ,noma inkobongela

-IMpoxela

* Impoxela inkomo encane ngomzimba enempondo ezinkulu ezingayifanele

-ISithulu

*Inkomo engenazo izimpondo. Ibuye ibizwe ngokuthi ingqudulu. Inkabi noma inkunzi engenampondo kuthiwa insizwa .

-ISihleza

*Inkomo enophondo oselwephuka

-IGodla

* Inkabi enophondo olulodwa , olubheke phansi.

-ISigubudu

* Sibuye sibizwe ngokuthi iGubudu . Inkomo enezimpondo ezibheke phansi , zase zigobeka zibheka phambili .

-UMphoxela

* Inkomo enezimpondo ezikhule zabheka phezulu. Le nkomo ibuye ibizwe ngokuthi uPhixongo, noma iSiphondo.

-INgudulu.

* Inkabi esencane enezimpondo ezisamila

-IXhonxo

* Inkomo enezimpondo ezigobele phakakathi okwesikela, zase zizophambana phezu kobuso

-IThoba

* Inkabi enophondo olugobele phakathi njengesikela

-USuthu

* Inkomo nezimpondo ezinde, imvamisa i-Afrikander

-UPhenge

*Inkomo enezimpondo eziqhelelene kakhulu , kuthiwa futhi iSicengeza , noma iSiqenge, noma uPhengelezi, noma iSigengenene, noma iSiyengezi

-ISiyezeke

*Inkabi enezimpondo ezibheke phezulu zase zisontelana

-UVavasholo

*Inkomo enezimpondo ezikhule zabheka phezulu

#Iyaqhubeka

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo