Imibala yezinkomo

Imibala yezinkomo

-(igama)

*(umbala)


-Iklalathi

* Inkomo ebomvu noma emnyama enebala elimhlophe ngaphansi kwentamo. Uma kungeyensikazi kuthiwa iklalathikazi

-Inzima/ Inzimakazi

*Inkomo emnyama bhuqe enganalo ibala . Kunesisho sesiZulu esithi iNzimakazi izala iLungakazi nokuchaza ukuthi ‘ingane ayimfuzi umzali wayo ngezenzo”

iLungakazi inkomo emnyama bhuqe enamabala amancane eqolo nasemhlane aze ehlele emikhonweni nasemilenzeni

-Unyonikayiphumuli

* Inkomo emhlophe qwaba engenalo nelilodwa ibala. Ibuye ibizwe ngokuthi ilanda ,amalanda uma seziningi. Loluhlobo lwalukhonzwe kakhulu kubo bonke ubukhosi basebuNguni

-Impevu/ Impevukazi

*Inkomo ebomvu noma emnyama wonke umzimba yase iba nebala elikhulu elimhlophe ebusweni . Kwezinye isikhathi leli bala lehlala lehlela esiswini sayo.

-Inkone /Inkonekazi

*Inkomo emnyama noma ebomvu enamabala amhlophe athe cabacaba ngamabala amhlophe amancane . Kufuneka kodwa la mabala amhlophe ehlise umhlonzo, esukela ebusweni. Kwesinye isikhathi iyaye ibe nombala omhlophe emhlane nangaphansi

-Inzotha/Inzotho/Inzothakazi/Inzothokazi

*Lena inkomo ensundu ngokujulile ,noma ebubende

-Ijoli/Ijolikazi

-Inkomo ebomvu noma emnyama emhlophe ngeshoba.

-Imfezi /Imfezikazi

*Imnyama bese iba klilathana ngentamo, ibe nebala elimhlophe entanyeni. Kwesinye isikhathi ibe mhlophe kulo lonke elangaphansi

-IGwaqa /iGwaqakazi

* Umbala wale nkomo uphakathi kokuba bomvu tebhu nokuba bubende kakhulu .

– IWaba/ iWasakazi

* Ibuye yaziwe ngokuthi iNsingizizisuka . Inkomo emnyama enombala omhlophe ontwini wangenela nasezinkwapheni.

-INkwazi /iNkwazikazi

* Umbala wale nkomo ususela enyonini edla izinhlanzi(Fish Eagle) (ulunywe lohlobo lwezinkozi) . Le nyoni imnyama bhuqe umzimba wonke yase iba nekhanda elimhlophe kusukela entamyeni. Nayo-ke iNkwazi/iNkwazikazi umbala wayo ufana ncamashi nowale nyoni.

-IDube/iDubekazi

* Ibomvu ngokugqunqile yase iba nemishwi emnyama enqamula umzimba kabi, njengalo idube lempela. Elinye iDube lisenokuba mpunga linqamule ngamabala amhlophe.

-IHhemu/iHhemukazi

* Ibomvu nganhlanye ,imhlophe nganhlanye. Kwesinye isikhathi iba mnyama nganhlanye, ibe mhlophe nganhlanye. Kanti futhi lombala omhlophe unokuba sezinhlangothini zombili.

-UFipha/Fiphakazi

* Inkomo emnyama tsu bese iba bomvu ngamadlebe. Kukhona efipha ngokunsundu nefipha ngokulisomi.

-EMatshezulu

* Kushiwo inkomo exube ngokulinganayo umbala omnyama nomhlophe.

-EMatshehlathi

* Kushiwo inkomo exube ngokulinganayo umbala omdaka nomhlophe.

-EMavakavaka

* Inkomo exube imibala njengengwe .

-EMavukuthu/EMavukuthukazi

-Inkomo enombala onjengoweVukuthu, iVukuthu uhlobo lwejuba

– EMavovo /iMvubamabele

* Inkomo enemabala abomvu namhlophe akhwifizeke wonke umzimba

-UMbungu/uMbungukazi

* Inkabi noma inkomazi emhlophe qwaba umzimba wonke kanye nezimpondo

-IFusa /IFusakazi

* Inkomo ebomvu ngokuzotha, ngokungaklasile

– EMasavutshiwe

* Le nkomo ibuye ibizwe ngokuthi iMvubamabele. Inkomo emnyama ngokuthubiyele sakuba mpunga yase ifakaza amabala amhlophe wonke umzimba

-ENhlekwane

* Inkomo emnyama enebala noma umusho omhlophe esiphangeni noma ohlangothini

-INala/ iNalakazi/iNasakazi

* INkomo ebomvu noma emnyama efahlaze ngamabala amhlophe wonke umzimba

– iNtulo /iNtulokazi

*Inkomo ebomvu noma emnyama enekhanda elimhlophe

-IQola /IQolakazi/ IQolazana

* Inkomo ebomvu noma emnyama enebala elimhlophe eqolo. Uma kungemnyama kuthiwa iqola ngokunzimakazi, uma kungebomvu kuthiwa iqola ngokunhlamvukazi

-IQhagi/IQhwagikazi

* INkomo ebomvu noma emnyama eyehlise umbala omhlophe emhlane

-ENsundu

* KuseyiNzotha/iNzotho /iNzothokazi . Funda ngeNzotha ngenhla.

-EPhuzigwebu

* INkomo ebomvu noma emnyama emhlophe ngomlomo.

-EBafazinewela

* Inkomo ebomvu noma emnyama wonke umzimba bese iba mhlophe ngemikhono nemilenze. Nanxa imdaka kuyashiwo ukuthi iBafazibewela

-IMbondwe/IMbondwekazi

* Inkomo ebomvu okwesibindi

-EMasavutshiwe

* Inkomo ebomvu sakuba mpunga yase ifakaza amabala amhlophe wonke umzimba. Le nkomo ibuye ibizwe ngokuthi iMvubomabele

-IGampu/iGampukazi

*Inkomo emnyama enqamulise umbala omhlophe emhlane

-UBhulomu

* Inkabi emnyama noma ebomvu efahlaze ngombala umzimba wonke ngisho ebusweni nasemadleneni. Kuthiwa futhi iMahwaqahwaqa .

-Izihlangu zoDloko

* Lenkomo kubuye kuthiwe futhi iMaqandakahwayiba. Inkomo emhlophe enamabala ansundu noma iziyingi wonke umzimba.

-ISiqanda /iSiqandakazi

* INkomo enamabala amaningi wonke umzimba

-EPhethikhowe

* Inkomo emhlophe ngokuyela ebumpofini

-UThuthuva/ uThuthuvakazi

*Inkomo enombala wesihlabathi

-UThuthu/UThuthukazi

*Inkomo ethi kayibe samlotha, sakuba ntuthu

-ISiphukuthu/ iSiphukuthukazi

*INkomo enebala elimhlophe ebusweni, iMpevu

-INtenjaneINtenjanekazi/uMthuku/ uMthukukazi/uMdubu/uMdubukazi

*Inkomo empofu ,noma emdubu. Kubuye kuthiwe iMpofu noma iMpofukazi

#Iyaqhubeka

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo