Izikhali zakwaZulu

Izikhali zakwaZulu

-(isikhali)

*(incazelo)


-IKlwa

*IKlwa wuhlobo lomkhonto obuye ubiziwe ngokuthi yiJozi . Umphini (uthi) walo mfushane kanti ukudla kude futhi kubanzi.

-IKhebezane

*IKhebezane licishe lifane neKlwa kodwa lona uthi lwalo luthe ukuba lude kolweKlwa. Ukudla kude ,kubanzi kodwa kunamazenga.

-UMdlulu

*Umkhonto onesidunu sokudla eside, kuthi ukudla kwawo ngempela kube kuncane.

-ISwazi

*Indabuko yalo mkhonto iseSwazini. Ukudla kwawo kwenziwe izisedlana.

-IThatha

* IThatha uhlobo lomkhonto onokudla okubanzi kwacwija phambili.

– ISizenze.

* Siphathwa ngabanumzana nezinduna ezishadisayo. Siphiselwa endukwini sibe side ngangomshiza . Kufakwa insimbi phambili engathi yigejana.

-ISiphapha

*Sibuye sibizwe ngokuthi yiSinkemba. Umkhonto okuhlotshwa ngawo . Umfishane nje unokudla okubanzi okungangesandla.

-ISijula

*ISijula umkhonto wokuzingela ,ukudla kwawo akubanzi kangako ,umkhono mude. Lo mkhonto ubuye usetshenziselwe nokugqobha izimpande, bese kuthiwa iSinsemba.

-ISikwata

* Ukudla kweSikwata kumfishane kubanzi, kucijile ekugcineni.

-INgcula

* Umkhono weNgcula mude ,ukudla kuncane . Lo mkhonto usetshenziselwa kakhulu ukuzingela . Ubuye ubizwe ngokuthi iNtshushu

-INhlekwane

* Nalo lisitshenziselwa kakhulu ukuzingela. Usetshenziselwa ukuciba nokuhlaba inkomo eduze. Ukudla kwawo phambili kude kungumcingwana kwaphiselwa esidunwini esivamise ukuhlotshiswa sibe yinsongansonga.

-ISinqindi

*Umphini weSinqindi mfishane . Kwesinye isikhathi awuphiselwa,kuba ukudla kwawo nje . ISinqindi siphathwa umakoti egcagca. Sibuye sisetshenziselwe ukusika inyama emshadweni.

-IZakha

– Lolu hlobo lomkhonto lubuye lubizwe ngokuthi INhlendla . Umkhonto oboshilwe ngocingo olunameva. Kuzingelwa nawo . IZilo zakwaZulu oCetshwayo noDinuzulu babedondolozela ngawo .

– INdlodlela

* Kuthiwa futhi uMdlulu . Sesiyichazile ngenhla.

-UMukhwa

* ESwazini uma kukhulunywa ngoMukhwa kusuke kukhulunywa ngoMmese. KwaZulu uMukhwa umkhonto onokudla okubanzi ngeminwe emibili, uphiselwa endukwini emfishane .

-UMhebhe

* UMmese weSintu owakhiwe wanesimo somkhonto . Ekuqaleni lo mmese wawusetshenziwa ngoMame emasimini. Ubuye ubizwe ngokuthi iSigece

– INgcawe

*Nayo kuzingelwa ngayo . Isidunu sayo sinsongansongene sahlotshiswa. Ukudla kude kungumcingwana .

-INcusa

*Umkhonto wokujikijela onokudla okulingana ne-ruler yezingane zeskole . Uphiselwa emphinini onesikhumba esimanzi

AMAHAWU

IHawu lenziwa ngesikhumba senkomo . Liyavika libuye libhule. Liqiniswa ngumgobo . Umgobo wuthi olwenziwa lufakwe phakathi naphakathi kweHawu . Ukuhlobisa iHawu ukugaba .

-ISihlangu

*ISihlangu uhlobo lwehawu okude kangangokuthi luze lwedlule nomuntu osuke elusebenzisa . Lwaluphathwa kakhulu ezimpini

-IGabelolomunye

* IHawu elincane

– UMdlelo

*UMdlelo mncane kakhulu.

-IGqoka

* IHawu eliphathwa izinsizwa uma zivunule ziyokweshela. Lincane nje ngokulingene

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo