Amagama ezinkanyezi

Izinkanyezi

-(Inkanyezi)

*(Incazelo)


Engakafiki amaPhumalimi neKhalenda oKhokho bethu babenezindlela zokubona noma ezekwehlukanisa izikhathi zonyaka. Babekwazi futhi nokubona ukuthi sekuyisikhathisini ebusuku. Ezinye zezindlela ababebona ngazo noma ababehlukanisa ngayo izikhathi kwakuba yizo izinkanyezi . Izinkanyezi zinezikhathi zazo ezivela ngazo. Ezinye zivela kweSikabhakazi , ezinye zivela uma kusanda kushona ilanga , kanti ezinye zivela uma sekuyosa nengicabanga ukuthi yizona ezazibaluleke kakhulu koKhokho bethu. Ezinye zezinkanyezi ziba isixhobo ,zibe ningi nje endaweni eyodwa kodwa zibe negama elilodwa . Kanti ezinye kuba Inkanyezi eyodwa nje

Nazi ezinye zezinkanyezi , lezi zinkanyezi zisekhona namanje . Zabe ziwusizo olukhulu koKhokho bethu.

-ISiphambano saseNingizimu

* Izinkanyezi eziluhoyi ezenza umfanekiso weSiphambano obheke eNingizimu. Lezi zinkanyezi zibizwa ngokuthi iSouthern Cross ngesilungu.

-INdonsakusa

*Ibuye ibizwe ngokuthi iNdonsa. Lena enye yezinkanyezi ezazibaluleke kakhulu koKhokho bethu . INdonsa iphuma entathakusa ,ithi ayibe bomvu ngokombala. Yiyona eyayibikela oKhokho ukuthi sekusentathakusa. Le nkanyezi kuthiwa iMercury ngesilungu. Le nkanyezi iba khona kuze kuse ayisheshi ishone noma inyamalale. INdonsa ibuye ibizwe ngokuthi iNqonqoyi.

-INsansa

*Uhlobo lwezinkanyezi eziyisixuku olukhanya kakhulu.

-INkwenkwezi

*NgesiXhosa yonke nje inkanyezi ibizwa ngokuthi iNkwenkwezi. Kodwa ngesiZulu uhlobo lwenkanyezi olukhaya bha oluyaye luvele ngezikhathi zoJulayi ebusika.

– ONdweliyana

*Uhwezane lwezinkanyezi olukhanya sakufikiza. Kuthiwa futhi oNdwendweni.

-IKhwezi

*IKhwezi inkanyezi enkulu okuthiwa iVenus ngesilungu. Nayo yayibaluleke kakhulu koKhokho ngoba nayo iphuma entathakusa ilandelana neNdonsa. IKhwezi likhulu ,likhanya ngokugqamile.

-UMthala

*Izinkanyezi ezanda kakhulu ehlobo . Lezi nkanyezi ziba ziningi zenze isixhobo . Ungalala zibheke endaweni ethile ebusuku, kuyothi uma kuyosa sesibheke engxenye

-IQhubankomo

* IQhubankomo libuye laziwe ngokuthi iNtshola. Le nkanyezi ibizwa ngeQhubankomo ngoba iphuma ngesikhathi okuthiwa ngesikoqhuba inkomo zokwebiwa. Inkanyezi evela ekuseni kakhulu ngezikhathi zoSeptemba.

-ISandulela

*Lena inkanyezi evela ngokuphela kwentwasabusika. Ikhanya kakhulu

-ISicelankobe

*Lena inkanyezi engicabanga ukuthi iningi lethu liyayazi ngoba ivela ilandele ukushona kwelanga. Kuthiwa iSicelankobe ezisuke zisasobekwa eziko. Ngesilungu kuthiwa iJupiter.

-ISidwengama

*Uhwezane lwezinkanyezi oluvela ngezikhathi ezithile.

-ISilimela

*ISilimela izinkanyezi eziphuma zibe yisixuku noma yisixhobo ngaseNyakatho. Naso sasibaluleke kakhulu koKhokho bethu ngoba siphuma kweSikabhadakazi . Yisona esasibikela oKhokho ukuthi sekuphakathi kwamabili.

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo