Umlando ngaMaQhawe akwaNgcobo oBhongoza wakwaNgongoma kanye neNkosi u-Swayimana Ngcobo

Umlando ngamaQhawe akwaNgcobo i-Nkosi u-Swayimana kanye no Bhongoza wakwaNgongoma.

ISisho esithi ‘ Ukuholela umuntu oPhathe/Ukuholela oPhathe kanye nendawo yakwaSwayimana eMalizibheki kokubili kwaqambeka ngezinsizwa zakwaNgcobo oBhongoza wakwaNgongoma kanye neNkosi u-Swayimana

INkosi u-Swayimana Ngcobo


INkosi u-Swayimana iphuma esendeni likaMavela ka Mapholoba UMavela akazange abuse kepha kwabusa umfowabo u-Sihayo ka Mapholoba esesichazile ngaye , sasho nanokuthi wasala oThukela ebulawa impi yeLembe . Sachaza futhi nangombango woBukhosi owaze wanqanyulwa yilona iLembe. U-Mavela wayeyiKhohlo ingakho engazange abandakanyeke embangweni woBukhosi bakwaNyuswa. Ngemuva kokubulawa kweNkosi u-Mapholoba abantu bakwaNgcobo bahlakazeka bagcwala lonke izwe . INkosi engazange ithinteke kakhulu ngesikhathi sezimpi zeLembe iNkosi u-Dube ka Silwane yaseMaQadini, ize yathinteka sekubusa iSilo saseMgungundlovu nokuyisona esayibulala. Sisazolokhu siqhubeke njalo sichaza ngamaKhosi akwaNgcobo kanye naMaQhawe akhona. INdlalifa ka Mavela kwakungu- Mkhalelwa owazala u-Dikwayo owazala u-Sotobe . Ekhohlo u-Mavela wazala u-Sinqila ozele u-Ziphuku ozele iNkosi u-Swayimana . Babebali oMavela esizweni sakwaNgcobo, owesibili wayengowakwaNgongoma . Wayezalwa ngu-Mashiza ka Ndaba ka Nombikwa ka Gasela ka Dingile ka Ngcobo. Kwathi ngemuva kokubulawa kweNkosi u-Sihayo u-Mavela wasuka kwelakubo eNtumeni washona ngalapho sekuseMgungundlovu khona namuhla (Malizibheki), kuleya ndawo kugcine sekuphembeke uBukhosi bakwaNgcobo. INkosi eyabusa futhi yaduma kakhulu kwaba yiNkosi u-Swayimana eyaduma kakhulu kangangokuthi nendawo eyayakhe kuyo nanamuhla ibizwa ngayo kuthiwa kukwaSwayimane . Kuthiwa yayinogazi futhi yephana kakhulu , ithandwa ngabantu. Kwathi ngenkathi kubheduka impi yamaKhanda isizwe sakwaNgcobo kwaSwayimana sathatha izikhali sanikela khona, kwazise phela iNduna yempi yeNkosi u-Meseni Qwabe ngempi yaMakhanda kwakungu-Mangqaqana ka Swayane Ngcobo. Impi yaMakhanda yalwa ngowe 1906 , yayisuswe intela yamaKhanda , amaMaNgisi ayethi umuntu wakwaZulu akhokhe intela . Okunye okwawacasula kakhulu amaMaNgisi ukubulawa kwePhoyisa u-OE Veal kwaMaphulo mhla lulunye ku-Ntulikazi.

Umlando ngoBongoza Ngongoma

Abantu bakwaNgongoma kusengabantu bakwaNgcobo njengoba besesichazile kwenye yama-Post . Abantu esibabona bevelela kakhulu emlandwini wakwaNgongoma u-Bhongoza ka iNkosi u-Mafongosi ka Bhovungane naye owabulawa yiLembe. Sisazochaza ngaye . U-Bhongoza Ngongoma okwavela ngaye isisho esithi ‘Ukuholela oPhathe” wayeyindodana kaMefu wakhona kwaNgongoma .

U-Bhongoza wavelela kakhulu ngempi yaseNcome mhla zingama 16 kuZibandlela 1838 . IButho lakhe kwakungu-Dlambedlu okwakukhona kuwo u-Nozishada Nzuza. Kwathi ngemuva kwempi yaseNcome uZulu wahlangana wabhunga ngesimo sezwe , kwahlelwa nangokuthi babeyowanqoba kanjani aMaBhunu ngoba eNcome uZulu wayehlulekile ukuwanqaba ngoba abalalekela enqabeni yawo eyayikakwe izinqola zawo . U-Bhongoza waqhamuka nesu lokuthi wayezoya kuwo amaBhunu enqabeni azishaye okumuntu osefelwe yizwe, awakhohlise ngokuthi uZulu wawusuphele wonke nya kwasekusele yena yedwa vo. Waqhubeka wathi kulelosu lakhe kwakuzodingeka ukuthi kugcwaliswe izinkomo oNyonikaphumuli (ezimhophe qwaba) oPhathe zize ziyofika eMfolozi eMhlophe. Yena u-Bhongoza wayezogibela nawo egqumeni elengamele uPhathe awatshengise izinkomo. UNyonikayiphumuli wawuyigugu elikhulu esizweni sabaNguni ngisho nakumaBhunu imbala. U-Bhongoza wayezowatshela ukuthi lezinkomo ayezibona zazisele zodwa ngoba uZulu wona wawusuphele nya eNcome. AmaButho kaZulu ayezocasha kuwo uMhlambikazi wezinkomo ahlome aphelele. Kuthiwa isu lakhe izinduna oNdlela Ntuli noNzobo Ntombela zalemukela ngelikhulu ithemba . Wagcizelela u-Bhongoza ukuthi ehlanzeni uZulu wawungashaya uqothule amaBhunu kwazise ayezophoweka ukuba ehle ezinjomaneni azidonse ngamatomu. Nembala u-Bhongoza wafika emaBhunwini esemahuquhuqu esethwele namehlo. Waba ngumuntu osefelwe yizwe osezokhonza kuwo amaBhunu, wawatshela nangezinkomo. Nembala wawagibeza egqumeni wawatshengisa uMhlambikazi wezinkomo owawubonakala kahle umhlophe qwaba. Wawatshela ukuthi yena wayezowatshengisa indlela elula engafinyelela kuzo izinkomo. Avumela phezulu amaBhunu wawahola u-Bhongoza kwaba nguyena ohamba phambili, kanti uwaholela ekufeni. Behla okhadlanweni bengaqhamukeli oPhathe okungumhosha othe dwi uze uyophumela eMfolozi eMhlophe. AmaBhunu aphoqeleka ukuba adilike amahhashini awahole ngamatomu. AmaBhunu ayehamba phambili agcina engasamboni u-Bhongoza kanti usesithele ezihlahleni . AmaBhunu ezwa esememeza ethi ‘Baphakathi ! Mabandla ka Mjokwane ka Ndaba ! Ngoke ngizwe-ke!”

Washo njalo u-Bhongoza ka Mefu wabe ephonseka phakathi kwayo impi kaZulu eyayicashile. Yavuka impi kaZulu yawagwaza amaBhunu kwafaka amaningi kakhulu, amanye awo akwazi ukucela empuzini aze ayofika enqabeni yawo. Sakheka kanjalo-ke isisho esithi ‘Ukuholela oPhathe/Ukuholela umuntu oPhathe’ incazelo yaso okuwuholela umuntu endaweni enobungozi obungahle bumulimaze.

Ake ngime lapho mina beNkomo eyabuya yodwa KwaSoshangane ezinye ziyokufa umdlebe!

#Khumu!

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo