Umlando ngoNdunankulu uMnyamana ka Ngqengelele Buthelezi

Umlando ngoNdunankulu u-Mnyamana ka Ngqengelele Buthelezi.

Nina baka’Jininindi omnyama ka Ndaba uHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe uMantshonga benoGqelebane’ . Njengoba ezinsukwini ezimbalwa ezedlule besikade sixoxa ngoNdunankulu u-Masiphula ka Mamba Ntshangase owabe enguNdunankulu ka Zulu ngesikhathi seSilo u-Mpande namuhla sithi ake sixoxe ngoNdunankulu u-Mnyamana ka Ngqengelele Buthelezi owaba uNdunankulu ka Zulu ngesikhathi seSilo u-Cetshwayo nokuchaza ukuthi nguyena owabe enguNdunankulu ngesikhathi sempi yaseSandlwana . UNdunankulu ubizwa ngokuthi u’Prime Minister ‘ ngesilungu . Isihlalo sikaNdanunankulu yilesi esihlezi uBaba u-Shenge namuhla. Inhloso yethu ukuxoxa ngabo bonke oNdunankulu bakwaZulu, sesixoxile ngoNdlela ka Sompisi Ntuli owabe enyuNdunankulu ngesikhathi seSilo u-Dingane, u-Mankulumana ka Somaphunga owabe enguNdunankulu ngesikhathi seSilo u-Dinuzulu, u-Masiphula ka Mamba owabe enguNdunankulu ngesikhathi seSilo u-Mpande, Kanti namuhla sixoxa ngoNdunankulu weSilo u-Cetshwayo okusho ukuthi kusilela uNdunankulu weLembe uNgomane ka Mqomboli Mdletshe.

UNdunankulu u- Mnyamana wayebuye abe yiNkosi yeSizwe sakwaButhelezi eMahlabathini . Umuzi weNkosi u-Mnyamana wawubizwa ngokuthi kuseKushumayeleni . Yiwona kanye lona ezinhlamvini zeHubo lakwaZulu uma kuthiwa ‘Wena oseKushumayeleni , umkhosi bathi abawizwanga. Tshelani iGazi noButhelezi ukuthi uSuthu seluhlomile”. Ubuye uvele futhi nasezibongweni zeNkosi u-Mnyamana uma kuthiwa ‘iNkayishane encinyane yaseKushumayelen’


Ngenkathi iSilo u-Mpande sithatha uBukhosi ngemuva kwempi yaseMaqonqo uNdunankulu kwaba u-Masiphula ka Mamba . Kwakukade kuqale kwaqokwa u-Mbilini ka Cungeya wabaThethwa owashesha washona enezinsuku ezimbalwa nje esesihlalweni soBukhosi. Ngemuva kokushona kwakhe kwaqokwa u-Masiphula ukuba abe uNdunankulu kaZulu ngaphansi kweSilo u-Mpande. INkosi uMnyamana yasebenza njengesekela lakhe. Kwathi ngemuva kokukhothama kweSilo u-Mpande isizwe saqoka u-Mnyamana ka Ngqengelele owathatha ngemuva kokushona kuka Masiphula owashona ngemuva kokuphuza utshwala mhla kubekwa /kugcotshwa iSilo u-Cetshwayo. INkosi u-Mnyamana yawusebenzela ngokuzikhandla uZulu, yabamba iQhaza nasempini yaseSandlwana ize abanye bethi ayilwanga ngesizathu sokuphathwa umkhuhlane. INkosi u-Mnyamana yalwa kakhulu ngowe 1881 ilwela ukuba kubuyiswe iNgonyama u-Cetshwayo ekudingisweni. Kuthiwa iNkosi u-Mnyamana yagqugquzela amaZulu akuba alwele ukubuyiswa kweSilo u-Cetshwayo ekudingisweni. Umzabalazo wokubuyiswa iSilo u-Cetshwayo ekudingisweni wawuholwa nguMntwana u-Ndabuko , lowo mzabalazo waba nompumela wokuthi iSilo u-Cetshwayo sisuke eOude Moulen eKapa siye ku-21 Downing Road eNgilandi siyobonana noKhwini Vitholi wamaNgisi ngoNcwaba 1882. Kwathi mhla zingama 29 Masingana 1883 satheleka iSilo samaZulu iSilo u-Cetshwayo enyakatho yoThukela noMzinyathi . Sahlangatshezwa yiyona iNkosi u-Mnyamana kanye naBaNtwana baseNdlunkulu ka Zulu. (Please don’t copy and paste).Ngaleso sikhathi uMntwana u-Zibhebhu wayewumise kabi impela uZulu. Kwathi ngawo owe 1883 mhla zingama 21 Ntulikazi uMntwana u-Zibhebhu nempi yakhe wagasela esigodlweni sasoNdini wacisha waqotha imbokodo nesisekelo, kwafa amaQhawe amaningi ayeyiZikhulu zeSilo u-Cetshwayo, iSilo u-Cetshwayo sagwazeka ethangeni kodwa asizange sikhothame ngaleso sikhathi. INkosi u-Mnyamana yona yabe ingekho oNdini ngaleso sikhathi ngakho-ke ayizange ilimale.

INkosi u-Mnyamana yabuye yabamba iQhaza empini yaseTshaneni eyalwa ngowe 1884 Nhlangulana iSilo u-Dinuzulu sesigcotshiwe sigcotshwe yiyona iNkosi u-Mnyamana Buthelezi . Amanye amaShenge abamba iqhaza empeni yaseTshaneni iNkosi u-Mkhandumba kanye noTshanibezwe Buthelezi esisazobuye sixoxe ngabo . Kuleyompi lwadla umhlanganiso uSuthu olwalulwa nempi yoMntwana u-Zibhebhu.

Ake ngime lapho Nina BeMbube

Izibongo zeNkosi u-Mnyamana ka Ngqengelele

*iNkayishane encinyane yaseKushumayeleni
UMshikasha ungandlovu
Zisel’emachibini
UMqandeleli
Oqandelel’izimcwadi zilotshwe uMalimade
INdlaphu, edlaphun’uSomtsewu
Ezalwa uSonzica
Umuntu kwaze kwas’engalele buthongo
UMnguni wakithi kwaNomahhina
Ongenjenga beNguni baseGudu
Bona bamakhanjana azilukuhlane
USothantant’abantu ,
Njengo ‘thangazana’

UMsuth’ongubo zimawanguwangu
Zingenjeng’ezabafundisi bephum’esontweni
UNkomo zagudl’amaguma nangezimpondo
Ngoba zagudl’aseMhlohlalanga
Okhishw’enqaneni yakhe
Waye waphethel’enqabeni kaKhambi na Mlotha

Isakukuzana, esimaphiko
Sifukamel’amazinyan’eNgonyama
Phakathi kukaGodlankomo noCeza

Isihlahl’esimsithi
Sisith’uNoziphungwana
Ezalwa uNyanda
UMgaseli waqoqo lazitha
Lenziwe ebelungu kwaSishwili
Lenziwa uMzishana(JW Shepstone)benoJantoni(John Dunn)

UZwanda lwakithi eKushumayeleni
Bebeluxokozelela abakith’eKubhazeni
Exokozelelwa uMjwaphuna ka Malungwana
Exokozelelwa uNdabankulu ka Lukhwazi
NoMankulumana ka Somaphunga
BenoMabhoko ka Masiphula
UHlabana ngolubekebekana
Abewutete kuZimema ka Mgencwa
Bathi! Imbelek’idabukile wena ka Ngqengelele

#Ulibinda Nkosi

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo